Season 1
Ukuphalala kwegazi epulazi lezingulube

Ngenyanga eyedlule abesifazane ababili babulawe ngesihluku epulazini lezingulube ngaphandle kwasePolokwane, e Limpopo, izidumbu zabo zalahlwa ehokweni lezingulube. Lesisenzo esinyantisa igazi sivuse intukuthethelo,kwaqubuka nemibuzo ebucayi mayelana nokucwasa ngokwebala,udlame, kanye nesimo somphakathi esiphila kuwo. Lesigameko siyisikhumbuzo esikwenza udle amathambo engqondo malungana nokucwasa ngokwebala okuqhubekayo eNingizimu Afrika. In this episode we look at the issue of hunger, racism and the impact this has on a person's dignity and why is this still an issue thirty years into our democracy.

Two Pot Retirement System

Selidumela emasumpeni ngaphambi kokuqala kohlelo i-Two-pot retiremebt system. Loluhlelo mbukeli luvumela ukuthi izisebenzi zikwazi ukucaphuna ingxenye yemali esikhwameni somhlalaphansi eyisinqolobane, kanti enye imali izolondolozwa esikhwameli sesibili esingeke sithintwe, kuze kube wukuthi umuntu uthatha umhlalaphansi. Injongo yaloluhlelo ukwethula umthwalo osemahlombe kulabo abangaphansi kwengcindezi yezemali ikakhulukazi abacwila ezikweletini. Yize kunjalo, kepha kuningi okukhathazayo ngokuthi izisebenzi zizothola malini, uma isikhungo esiqoqa intela u-SARS sesidonse imali yaso.Ukuze siqonde kanzulu ukuthi loluhlelo luzosebenza kanjani samukela isihambeni sethu Khanyi Nzukuma oyiCEO eGlacier by Sanlam

Extortion

This week, we shine the light on the rising extortion cases in parts of the country. The Eastern Cape town of Mthatha is battling syndicated extortion, which has led to at least one school and several businesses shutting down, according to reports.

Ukuphepha Ezikoleni

Inhlangano kamhlabuhlangene ebhekele izingane i-UNICEF, inxusa uMnyango weMfundo eyisiSekelo kuleli ukuthi ubukeze imihlahlandlela yezokuphepha ezikoleni. Lokhu kulandela izigameko zakamuva ezishaqisayo malunga nokuphepha kwabafundi kanye nothisha.Kweisigameko esibe undabuzekwayo,ividiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana etshengisa abalisa abathathu okukhona kubo umfundisi uMboro ephethe ucelemba, esabisa ngokuhlasela abafundi nothisha. Ngaphezu kwalokhu kuphindwe kwatholwa isidumbu somfundi egunjini lokugcina impala esikoleni, esifundazweni i-WesternCape. Kulesiqephu sibheka ukuthi yini engenizwa ukuqinisekisa ezokuphepha ezikoleni.

Ukuphathwa koHulumeni baseKhaya

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uVelenkosini Hlabisa, uthi uhulumeni kazwelonke uzoqala ukuqinisa isandla komasipala abangaphethwe kahle.UHlabisa uthi uMnyango unezinhlelo eziningi zokungenelela okuhlanganisa nokubeka omasipala ngaphansi kweso lomlawuli noma kuhlakazwe imikhandlu.Njengoba uNgqongqoshe uHlabisa engena kulelihovisi ubhekene nezinselele eziningi. Lokhu kubandakanya izinhlekelele zemvelo zakamuva , omasipala abadonsa kanzima ngenxa yokugqoza kwezidingongqangi.

Uhulumeni omusha wesifundazwe-KwaZulu Natal

UNdunankhulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, usezibophezele kuhulumeni wobumbano wesifundazwe ukuthi uzosebenzisa izinhlaka zikahulumeni ukusiza ekukhuliseni umnotho ngokudidiyela nokudalwa kwamathuba emisebenzi eminyakeni emihlanu ezayo. UNtuli uphinde wazibophezela ekuzibopheleleni kwabaphathi bakhe ekwehliseni ububha kanye nokubhekana nezindleko eziphezulu ukuphila kanye nokwakha isimo esikwaziyo, esinesimilo kanye nentuthuko ngesikhathi saso sokuqala.

Shining the spotlight on Women, youth and persons with disabilities

South Africa continues to fight issues affecting women, youth, and people with disabilities. Their challenges have increased and include a variety of issues such as social and economic challenges. Recently, President Cyril Ramaphosa unveiled new members of the National Executive for the seventh administration, which includes all GNU parties. Among these were the Department of Women, Youth, and People with Disabilities.

Racism's Enduring Shadow

Apartheid and colonialism left behind racism in South Africa, which continues to have an impact on Black life today. According to the South African Human Rights Commission, one of the most prevalent forms of discrimination complaints in the nation is racism, particularly hate speech. In addition to being a problem from the past, racism is a current issue that requires attention and modification. The aim of this episode is to increase awareness of racism and find solutions to how we can manage and combat it.

The Future of Basic Education

In this week’s episode Alicia sits down with Siviwe Gwarube, the newly appointed Minister of Education. We aim to find out her vision for the future of education, her plans to address the current challenges facing our schools. This episode promises to provide an insightful look into the policies and initiatives that will shape the educational landscape in the years to come.

Government of National Unity

Kanti kamuva nje iqembu I-IFP isimemezele ukuthi izojoyina uHulumeni Wobumbano. Lokhu kulandela ukuthi leli qembu lihlangane ne-ANC, DA neNFP. Amaqembu ezepolitiki ahlukene abambe iqhaza ezingxoxweni zomfelandawonye ngemuva kokhetho lukazwelonke lwangoMeyi lapho amaqembu amaningi ehlulekile ukuthola amavoti anele. Ukudingida kabanzi ngalokhu asamukele izihambeli zethu u Solwazi Ntsikelelo Breakfast nongumhlaziyi we politiki, siphinde samukele u Sophie Mokoena nongu mhleli wezindaba zamazwe ngamazwe emsakazweni i-SABC.

Unpacking Election Results

After all the ballots have been counted in South Africa, the ruling African National Congress (ANC) has received only 40.18 per cent votes in Wednesday’s election, well short of a majority. For the first time since the end of apartheid in 1994, the once-dominant party will need to make a deal with other parties to form a coalition government. To unpack this, we are joined by Dr Hlengiwe Ndlovu, Political Analyst and Ayanda Mhlongo, SABC Reporter

State of Readiness for 2024 Elections

Before the 2024 elections, 27.6 million people were expected to vote in a historic election. This episode looked at the state of preparedness ahead of tomorrow's polls, and security in the election as it has been leased with water hot spots.

South Africa’s social safety net

How do we deal nokwenyuka kwentengo yokudla noku nomkhulu umthelela ezimpilweni zabantu base Ningizimu Afrika? The Nedgroup Pre-elections Treasurers' Roundtable has revealed that many South Africans are struggling to make ends meet, with others left with little to no savings. Lombiko uveza nokuthi njengoba abathengi bengaphezu kwenkulu ingcindezi, iningi labo seliqalile liphila ngokuboleka imali emabhange. Namhlanje sibheka ibanga elihanjwe i Ningizimu Afrika kusukela ngo 1994 phansi kohulumeni wentando yeningi, nokuthi ngabe the social policies of the ANC are still the answer to the myriad of social challenges facing South Africans? Are social grants sustainable in this economy?

Ukulwa ne-GBV eNingizimu Afrika

Udlame olweyamene nobulili luyingqinamba enkulu futhi esabalele eNingizimu Afrika, futhi linomthelela cishe ezingxenyeni zonke zempilo. Ezindaweni eziningi abesifazane abayizisulu zokuhlukumeza abanawo amathuba okuthola ukwelulekwa ngokwengqondo okwanele, nokugcina kube nomthelela endleleni abaphila ngayo emphakathini. Njengoba sibheke okhethweni luakzwelonke, ngabe amaqembu ezombusazwe enza okwanele ukunqanda isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane, futhi ngabe sesibone uguquko olwanele kuleminyaka engamashumi amathathu yenkululeko?

Ukulawulwa kwemingcele

UMnyango wezaseKhaya wethule umqulu omusha ongakaphasiswa, ozolawula abasemazweni angaphandle ababhace kuleli, owaziwa ngeWhite Paper on Citizenship, Immigration and Refugee Protection ngonyaka odlule. Kulo mqulu uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, uthe uhulumeni ulungisa umthetho okhona olawula ukungena kwabangaphandle kuleli. Ohlelweni kuleliviki, sibuza ukuthi, yini engenziwa ukuqinisa ukuphepha emngceleni yase-Ningizimu Afrika?

MQULU weANC

I-ANC, iyona ebusayo esifundazweni sakwaZulu-Natal kusukela ngokhetho lukazwelonke luka-2009, kulonyaka ibhekene nenselelo emaqenjini ezepolitiki afana ne-IFP, DA, EFF kanye neqembu elisanda kusungulwa iMK. Ithini lenhlangano ngaloku kanti uma kufanele kubuswe ngohulumeni wokubambisana kulesi sifundazwe , bazimisele ngokusebenzisana naziphi izinhlangano. Ukuphendula le mibuzo, sikhuluma neNhloko yokhetho ku-ANC, uMnuz Mdumiseni Ntuli

Save video to ...