Ohlelweni sivakashele umnyango wesemfundo kwaZulu Natali siyobheka izinkinga zohlelo lokudla ezikoleni. Ukungakhokhelwa kwezinkampani ezihlinzeka ukudla umnyango wezemfundo kulesisifunda, nokwenza abafundi abathembele kulokukudla ngoba bebuya emakhaya antulayo bangakutholi. Ukuthola ezinye izindaba, vakashela i-sabcnews.com kanye ne #SABCNews #SABCIzindaba kuSocial Media.
Sibuka umthelela wenkohlakalo ekulethweni kwezidingongqangi , amalungelo ezakhamizi zakuleli, nakwezomnotho . Lokhu kulandela imimibiko yokukhwabanisa okubalelwa ku-R2 billion wamarandi esibhedlela saseTembisa nokuqinisekiswe uphiko oluphenya amacala ayisipesheli i ISIU. Akupheleli lapho , kuneIzinsolo zenkohlakalo ezinhlelweni zamathenda ezinhlelo zokudla ezikoleni esifundazweni i KZN ,kanye nezinsolo zenkohlakalo kwi Giyani water project e Limpopo. Umbuzo wethu ngokubona kwakho yini engenziwa ukuqeda inkohlakalo kuleli?
Imibhikisho ethinta izinkinga zamanzi ezifundazweni ezahlukene zaseNingizimu Afrika isaqhubeka nokugcwala kwabezindaba. Sibala mbukeli i Westbury kanye ne Ebony Park eGoli esifundazweni sase Gauteng, eNaas engaphansi kwe Nkomazi local Municipality e Mpumalanga , ise Chatsworth ngaphansi kwe Thekwini Municipality . Ukuthola amanzi kuyilungelo elingokomthethosisekelo futhi eliyisisekelo esithunzini somuntu kodwa eminyakeni engaphezu kwamashumi amathathu ngemuva kokufika kwentando yeningi, iNingizimu Afrika uma ubheka lemibhikisho isho ukuthi isehluleka ukuletha amanzi aphephile . Kungabe inkinga ikuphi, ikomaspala, amabhodi amanzi, umnyango wezamanzi nokuthuthwa kwendle? Inkinga yengqalasizinda yamanzi ebinganakekelwa iminyaka eminingi? Inkohlakalo? Sikulungisa kanjani loku mbukeli? Deputy Minister Water and Sanitation David Mahobo ukhuluma nathi . Ukuthola ezinye izindaba, vakashela i-sabcnews.com kanye ne #SABCNews #SABCIzindaba kuSocial Media.
Abesifazane abaphuza bekhulelwe , isihloko sethu mbukeli namuhla ,njengoba umhlaba ugubha i-World Fetal Alcohol Syndrome Day .Lolusuku lwenzelwe ukuqwashisa ngenkinga edalwa ukuphuza ukhulelwe enganeni, uma sekufanele iye esikoleni namukhakha wezempilo .Silwisana kanjani nalenkinga mbukeli esemadolobheni nasemaphandleni akuleli? Sizozwa kabanzi komama abebephuza bekhulelwe kanye nezihambeli zethu.
Save video to ...