Watch Ukhozi FM TV
Ukhozi FM – Indishi [Umemulo kaSinenhlanhla Gcwensa] Uhlelo #SigiyaNgengoma nyakenye lwasungula uhlelo lwe- #Indishi, okuwuhlelo oluhlose ukulekelela intombi engenawo amandla anele ukwenza umcimbi womemulo. Lo mcimbi wawungomhlaka 11 kuMfumfu 2025 ezindlini zomsakazo eSABC M1 Studios, nokuyilapho okwamenyezelwa izintombi ezimbili ezashayelwa Indishi, okwaba uSinenhlanhla Gcwensa kanye noKhanyisile Zungu. Thokozela nasi isiqephu somcimbi womemulo kaSinenhlanhla Gcwensa, owaba ngenye yezintombi ezashayelwa Indishi. #SigiyaNgengoma #Indishi #UkhoziFM
Ukhozi FM Music Indaba ingqungquthela yawo wonke umuntu, kusuka kumaciko asekhona endimineni yezomculo nabasafisa ukungena. Le ngqungquthela kulonyaka ibibanjelwe eDurban ICC. Bekunezikhulumi ezihlabahlosile lapho okubalwa laba; Mondli Ngcobo, Ihhashi Elimhlophe, Professor, Phila [PB Icon], Andile Magwaza [Thawini Creatives Publishing], Nontokozo Madondo [Downtown Music Publishing] kanye no-Athandiwe Ntshinga [Spotify]. UKHOZI FM lubeka umculo wakithi phambili! Ukhozi FM Music Indaba ka 2025 uyethulelwa abakwa SPOTIFY… Music For Everyone. #UkhoziFMMusicIndaba #UkhoziFM
Uhlelo #SigiyaNgengoma lukwethulela #Indishi lapho luzolekelela intombi engenawo amandla anele ukwenza umcimbi womemulo. Lo mcimbi ubungomhlaka 11 kuMfumfu 2025 ezindlini zomsakazo eSABC M1 Studios, nokuyilapho okwamenyezelwa izintombi ezimbili ezizoshayelwa Indishi, okwaba uSinethemba Gcwensa kanye noKhanyisile Zungu. Bekukuhle kudelile ezindlini zomsakazo ngoMgqibelo njengoba kade kunomcimbi we-#Indishi. Lo mcimbi ubuhanjelwe uNgqongqoshe woMnyango Wezemidlalo, ezobuCiko namaSiko Kwa-Zulu Natali uMnu Mtomuhle Khawula, nokuyilapho anikela ngo-R20 000 entombini ngayinye. Zigqaje ngobuntombi bakho! #SigiyaNgengoma #Indishi #UkhoziFM
Sixoxa noNgqongqoshe woMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uMphathiswa uMbali Shinga ngesabelomali somnyango. UNgqongqoshe kulesiqephu usihlinzeka ngemininingwane yayo yonke imali eyabelwe uMnyango wakhe, achaze ngokuthi lesabelo mali sizoyithuthukisa kanjani inhlalonhle yabantu baKwaZulu-Natal. #UkhoziFM #DSD
I-Dundee July niyethulelwa uMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natal, oMasipala baseNdumeni naseMzinyathi, iTraditional Horse Racing and Breeding Association nabaxhasi #20YearsOfDundeeJuly #UkhoziFM #DundeeJuly #DundeeJuly2025 #AfricanJewel #socialcohesion #activeandwinningKZN #UkhoziFM65
Save video to ...