DANKIE1223 - KWANDABAZABANTU (20 FEB)
Namhlanje sikhuluma ngodaba olumayelana nenkolelo ethi "Ingane iyawuqinisa umshado", ngakho kubalulekile ukuthola umntwana nomuntu wakho uma niqeda ukubopha ifindo lomshado. Kodwa kukho konke lokho, akubona bonke abantu abanenhlanhla yokuthola abantwana nhlangothi zombili kwabesilisa nabesifazane.
DANKIE1223 - SIDLA NO-DIETICIAN (19 FEB)
Sikhule sazi ukuthi isidlo sasekuseni isono esibalulekile kunazo zonke. Uma uvula umabonakude wakho noma umaphepha bhuku (magazines) bekujwayelekile ukuhlangana nalesisiqubulo - ‘breakfast is the most important meal of the day’. Uma sibheka umsuka walesiqubulo, kuyavela ukuthi asisona iqiniso, alukho ucwaningo emhlabeni elikhomba ukuthi ukudla isidlo sasekuseni kubalulekile kunezinye. Ingakho sibona nokukhula kwezinto ezifana no- Intermittent fasting esike sakhuluma ngayo emasontweni adlule. Umlando uthi lesiqubulo saqalwa indoda eyasungula ama- Kelloggs Cornflakes, yasisebenzisa ukugqugquzela abantu ukuthi bethenge ama- cereal ukuze bezodla ekuseni. iTulo lwe- marketing leli, phecelezi, marketing strategy. Namhlanje sizokhuluma noDietician wethu uNelile, sizwe ngokubaluleka kwezikhathi zokudla nokuthatha ama- supplement. uZim uhlezi esazisa ukuthi yena akudleki ekuseni, uyahluleka kuze kube ngcono izikhathi zeLunch. Kunabantu abadla ngisho umfudumezo ekuseni ngovivi, ikakhulukazi uma sibuka ema- Rank, kushaya u7am abanye osomatekisi sebedla ipleti eligcwele.
DANKIE1223 - MBONGENI MDLULI - ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKA (STATE OF SA)
Namhlanje sizokhuluma Mnu. Mbongeni Mdluli UMbongeni Mdluli wazalelwa eMbumbulu futhi unendaba enamandla yokuguquka. Eseyingane encane, wahlangana nabangane ababi, okumholela endleleni yobugebengu. Ekugcineni, waboshwa ngenxa yezinsolo eziningi zobugebengu futhi wavalelwa ejele. Ngesikhathi esejele, ekuqaleni waqhubeka nendlela engeyinhle, kodwa kamuva waba noshintsho enhliziyweni yakhe. Enqume ukushintsha impilo yakhe, wazihlukanisa nabantu abamholela ebulimeni futhi wagxila ekuthuthukiseni yena uqobo. Ngemuva kokudedelwa ejele, uMbongeni nabanye ababekade beboshwe basungula uhlelo lomphakathi olugxile ekuphakamiseni umphakathi nokusiza abanye ukuthi bangaphindi amaphutha abo. Bavakashela ezikoleni futhi bahlanganyela nezingxoxo zomphakathi, basebenzisa izipiliyoni zabo siqu ukufundisa nokukhuthaza intsha ukuthi ikugweme ubugebengu futhi yenze izinqumo ezinhle. Namuhla, uMbongeni uyibhizinismeni ophumelelayo futhi ungomunye wabasunguli beKwamakhutha Medical Centre. Lesi sikhungo sinikeza izinsiza zezempilo ezihlukahlukene, okubalwa kuzo ukwelashwa okujwayelekile, amazinyo, umnyango wezithombe zamasosha (X-ray), kanye nezinsiza zesintu. Uhambo lwakhe ukusuka ebunzimeni aye empumelelweni yobuholi bomphakathi nobungxiwankulu luyisibonelo sokubekezela, uguquko, namandla amathuba esibili.
DANKIE1223- DISABILITY 360 (18 FEB)
Ngokwama- Record akwa- Department of Education, Kunezingane ezingama- 121 500 ezifunda ezikoleni ezijwayelekile, hai izingama special school. Ama Soecial School anezingane ezikhubazekile ezilinganiswa kuma- 119, 500. Yize zincomeka izibalo, kepha kusanezingane ezikhubazekile ezingamakhulu amaningi ezisadinga ukuthola indawo yokufunda. Zihleli emkahya zilinde ukuthi kuhambe iwaiting list. Namhlanje sikhuluma noNomusa Ngwenya onezingane ezimbili ezikhubazekile kodwa ezifundayo, uNkosenhle Zwane noSanelisiwe Zwane
DANKIE1223 - INTERVIEW QUESTIONS - STRENGTHS AND WEAKNESSES (KUBAMBA EZINGELAYO 17 FEB)
Sibheka eminye yemibuzo ongayilindela uma usubiziwe kwi-interview, lombuzo othi whats are some of your strengths and weaknesses?
DANKIE1223 - AMATHUBA EMISEBENZI - KUBAMBA EZINGELAYO (17 FEB)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Abantu abasha abaningi abazitholanga izikhala zokuqhubeka nemfundo ezikhungweni zemfundo ephakeme. Abaningi sebecela ukunikwa ama learnership nama Internship programmes ukuze kube khona abakwenzayo. Ake sibuke umahluko kulama programmes ukuze bawaqonde kahle.
DANKIE1223- MBALI DLAMINI NO SAMKELO SHEZI INTERVIEW (14 FEB)
Sikhuluma nezithandani uSamkelo Shezi noMbali Dlamini abadume kakhulu ezinkundleni sokuxumana, bobabili baphinde babe ngama Content Creator khona ezinkundleni zokuxumana.
DANKIE1223 - DANKIE MCULO (14 FEB)
Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezemculo eNingizimu Afrika noThemba Molongoana oyi head of Artist and Repertoire kwa-David Gresham Records.
DANKIE1223- PHILA 'KOSHIN' DLAMIMI WORLD RADIO DAY INTERVIEW (13 FEB)
Sikhuluma noPhila "Koshin" Dlamini ongungoti yezokwegcebeleka enezinhlaka eziningi ozinze eThekwini.
DANKIE1223- NONTOKOZO MKHIZE INTERVIEW (13 FEB)
Sikhuluma noNontokozo Hlengwa odume ngelika Nontokozo Mkhize ongumculi waseNingizimu Afrika odabuka eNanda Newtown A.
DANKIE1223 - MLAMULI NXELE WORLD RADIO DAY INTERVIEW (13 FEB)
Sikhuluma nongusomabhizinisi ozimele uMlamuli Nxele ngokubaluleka kokukhangisa umsakazo njengebhizinisi, uNxele useke wasebenza njengo Marketing Manager khona la emsakazweni uKhozi FM.
DANKIE1223 - SKHUMBUZO MKHIZE VS SELIMATHUNZI HLOPHE - ZWAKALA EKASI LAMI (12 FEB)
Kuzwakala ekasi lami namhlanje kubhekene abafundi bezindaba uSkhumbuzo Mkhize noSelimathunzi Hlophe.
DANKIE1223 - ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKA/STATE OF SA (UBUGEBENGU)
Sicela usilandise ngesimo sobugebengu bezigelekeqe (gang) ngakini, naseningizimu Afrika jikelele.
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (THE GREEN BARETS)
Namhlanje sinezihambeli uMhlonipheni Gumede weqembu iThe Green Barets, leliqembu lomculo linamalungu ayisishiyagalombili aphila nokukhubazeka ngokumzimba, bacula isicathamiya (Acapella).
DANKIE1223- DR CHONCO INTERVIEW (EPILEPSY)
Namhlanje usuku usuku lokuqwashisa ngesifo sokuwa (Epilepsy). Sino dokotela uDr Sfiso Chonco osicacisela kafushane ngalesifo ekuqwashiswa ngaso namhlanje.
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO - WHY DID YOU APPLY FOR THIS JOB(10 FEB - INTERVIEW QUESTIONS)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Isihloko: Sibuka indela (Structure) okumele usilandele ukuze uwuphendule kahle umbuzo oxaka abaningi kwi- Interview, u- ‘Why did you apply for this job/Why do you want this job?’.
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO -AMATHUBA EMISEBENZI (10 FEB 2025)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.
Sikhiuluma noNandipha Mrwetyna oyi CSI and Special Projects Coordinator kwaSAMBRO
Sikhuluma noThemba Molongoana - usichazela kabanzi nge Joint Operations Committe
Sikhuluma noThulisile Khawula ongumhlengikazi osewathatha umhlalaphansi - usicobelela ngolwazi ngokusha kanye nokulapha izilonda (07 kuNhlolanja 2025)
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI - Besihleli noZama Mseleku kanye noMazulu Ozulayo
DANKIE 1223 -SIDLA NODIETICIAN - Sikhuluma no-Dietician nge-Food Safety ukubaluleka kokuqikelela ukuthi indawo esiphekela kuyo ihlanzeke ngokwanele
DANKIE1223 -ISIMO SASENINGIZIMU AFRICA - INKULUMO KAMENGAMELI EBHEKISWE ESIZWENI (SONA)
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (04 kuMasingana 2024)
DANKIE1223- Kubamba Ezingelayo - Sikhuluma nomama uMbongwa sibheka amaphutha enziwa abantu kwinhlolokhona angaba yimbangela yokuthi bangawutholi umsebenzi
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO (AMATHUBA EMISEBENZI)
DANKIE1223- INTERVIEW QUESTIONS (WHY DO YO THINK YOU ARE THE BEST CADIDATE FOR THE JOB)
Ingxoxo nomculi uSosha - oseqokwe kabili kuma SAMA Awards
Dankie Mculo - sikhuluma noThemba Molongoana - Sikhuluma ngomsebenzi wamapromoter emcimbini
Ingxoxo ekhethekile noDr Sanele Motshwa - Sikhuluma ngezikhungo zemfundo ephakeme ezahlukene eNingizimu Africa
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (29 kuMasingana 2025)
DANKIE1223 - SIDLA NO-DIETICIAN (29 kuMasingana 2025)
ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKHA - Besikhuluma noNozipho Zwane umsunguli wePlannersCraft.co owumbhali weVision Board book elekelela abantu besifazane ikakhukukazi abamnyama ngokwenza iVision Board
DANKIE1223 - DISABILITY 360
DANKIE1223- INTERVIEW QUESTIONS (TELL US ABOUT YOURSELF)
Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Isihloko: Sibuka indela (Structure) okumele usilandele ukuze uwuphendule kahle umbuzo oxaka abaningi kwi- Interview, u- ‘Tell Us About Yourself?’.
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO (AMATHUBA EMISEBENZI)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.
DANKIE1223 - DANKIE MCULO (24 JAN)
Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu nomaungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records. Uma uqala ukuzwa ngalengosi, siyakugqugquzela mlaleli ukuthi uthole ama-Podcast ethu ku- www.ukhozifm.co.za ukuze lonke lolulwazi esesicobelalene ngalo noThemba uluthole, uhlale nalo efonini ukuzikhumbuza. Sikhuluma ngeTechnical nehospitality Rider namhlanje…
DANKIE1223 - Ms THEMBELIHLE MDLETSHE INTERVIEW
Sikhuluma noMs. Thembelihle Mdletshe oyi- Head of Department of Scholl of Commerce Faculty eRosebank College. Kusasa umhlaba wonke uzobe ugubha usuku lwe- International Education. Usuku elibuka ezemfundo emhlabeni wonke jikele namagalelo ohulumeni emazweni awo ukuthuthukisa ezemfundo zabo nokuqiniseka ukuthi zifinyelela kuwona wonke umuntu, noma ngabe uhlala kuphi. Namhlanje sizokhuluma nama- Fresher, abafundi abayokwenza unyaka wabo wokuqala eNyuvesi noma eKolishi. Siyazi ukuthi lezikhungo zizovula ngo – February, keoha ngoba nisasemakhaya, kubalulekile ukuthi sikhulume nani,Nsinichushise nezihambeli zethu zekhethelo. Uma uzoba ifresher kulo- February noma umzali weFresher, ungaphuthelwa ilengxoxo esizoba nayo…
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (22 JAN)
Umvikele wesicoco uPhumzile Ngidi wase Sunnyside Park eAdams Mission ubhekene noMxolisi Osizweni eNewcastle.
DANKIE1223 - MENZI JELE INTERVIEW (BATTLE OF ISANDLWANE COMMEMORATION - 22 JAN)
NJENGOBA sike sakuhlebela mlaleli kusaqala uhlelo- usuku olukhulu lolu kwisizwe sama- Zulu! Namhlanje sigubha iminyaka eyikhulu, amashumi amane nesithupha amabutho ahlula amaNgisi eSandlwane eNquthu. Lokhu kuwumlando omkhulu futhi obalulekile kuma- Zulu ngoba wasibeka ebalazweni umhlaba wonke jikelele. Isizwe esihlule amaNgisi ngemikhonto kuphela. Sikhuluma noMenzi Jele oyintatheli noSolwazi Wezomlando (Historian) ohloniphekile eNingizimu Afrikha. Uzothatha asibeke ukuthi benzani njengoba bese- Sandlwana eNquthu kusukela izolo.
DANKIE1223 - SIDLA NO-DIETICIAN (22 JAN)
Siyababona abantu begcwele emajimini nakuma- detox centres. Abantu bafisa ukuhlanza ingaphakathi labo. Bayachatha, bayagquma badla kangcono ukuzelapha ngaphakathi nokugwema ukugula okuza neziphuzo esiziphuza nsuku zonke noma ukudla okune- Acid eningi esikudla nsuku zonke. Ubuchwepheshe obufana no- Colon Cleanse, okuyindlela yesilungu yokuchatha siyakubona kukhula futhi kuthandwa abantu. Konke lokhu kuyindlela yokuzama ukwelapha iGUT HEALTH yakho. Sifisa ukwazi kuwe malalei ukuthi uyazi ukuthi sikhuluma ngani uma sikhluma nge- Gut Health? Sithumele iVN noma usishayele ucingo uma wazi ukuthi iyini futhi kubaluleke ngani ukuyinakekela. Uma ungayazi, khululeka, ukhona uDietician wethu ukusichazela kabanzi.
DANKIE1223 - DISABILITY 360
Singena kuchungechunge lwezingxoxo esinazo noNosiphiwe Khumalo ongumsunguli we- Nosiphiwe Foundation, inhlangano engayakhi inzuzo kepha iyasiza emphakathini.
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO (INTERVIEW QUESTIONS)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Isihloko: Sibuka indela (Structure) okumele usilandele ukuze uwuphendule kahle umbuzo oxaka abaningi kwi- Interview, u- ‘Tell Us About Yourself?’.
DANKIE1223 - AMATHUBA EMISEBENZI (KUBAMBA EZINGELAYO - 20 JAN)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.
DANKIE1223 - QUE DJ INTERVIEW (17 JAN)
Namhlanje sikhuluma noDJ no Producer womculo onezondodo kuma- SAMA (South African Music Awards), oyinxenya ye- Destruction Boys, eyake yasifaka kunyaka omusha oKhozini FM.
DANKIE1223 - DANKIE MCULO (17 JAN)
Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu noma ungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records. Ubuyile umThimbane, aphelile amaholidi manje, asazi nopma ukutholile ukuphumula, kwazise phela uDecember isikhathi semicimbi nenjabulo, ikakhulukazi kulokhakha wakwaqeda isizungu. Uma uqala ukuzwa ngalengosi, siyakugqugquzela mlaleli ukuthi uthole ama-Podcast ethu ku- www.ukhozifm.co.za ukuze lonke lolulwazi esesicobelalene ngalo noThemba uluthole, uhlale nalo efonini ukuzikhumbuza. Sikhuluma nge- Legacy Catalogue, ingabe kuchaze ukuthini lokhu, kubaluleke ngani futhi kwenziwa kanjani?
DANKIE1223 - MAX MQADI INTERVIEW (16 JAN)
Sekujwayelekile ukuthi ama- podcast noma ama- Youtube channels esuse ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yezinto ezishiwo khona, noma indlela aba- Editha ngayo i- footage ukuze ihehe ama- subcribers noma ama-followers. Kunengxoxo esuse ukukhuluma okunzima ezinkundleni zokuxhuma. Ingxoxo ephakathi kuka- Mnu. uMax Mnqadi nethimba labadlali be- Golden Arrows. Ingxoxo yabo siyibone kwi- Up, Back, Through Podcast by Golden Arrows. Ukhona uMnu. Mqadi ukuzoziphendulela ngalamazwi akhe, nendlela eshiye abantu baselokshini bezizwa ngayo.
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (15 JAN)
Phumzile Ngidi Sunnyside Park, Adams Mission VS KD Hlengiwe Lungile Ngubane Greytown.
DANKIE1223 - SIDLA NO-DIETICIAN (15 JAN)
Akujwayelekile ukuthi izifo esezikhungethe umhlaba zingahambisani nokudla noma iziphuzo okumele sizigweme ukuze izifo zingasibulali noma zisigulise kakhulu. Lokhu kuyakhomba ukuthi ukudla esikudlayo kunomthelela omngakanani kusimo sempilo yethu. Sifisa ukwazi kuwemlaleli ukuthi isiphi isifo onaso esilawula indlela noma inkululeko yakho yokudla ukudla okuthandayo? Sikhuluma ne- Dietician kabanzi mayelana ne- plant based diet. Sike sathi ukuyisikaza ngesonto elidlule siyibheka ne- Vegetarian, Vegan kanye nePescatarian diet. Namhlanje siyagxila kwi- Plant based diet, sibuka ububi nobuhle bayo, kanye nezifo esiza ukuzithiba.
DANKIE1223 - STATE OF SA (14 JAN)
Guest: Financial Advisor Sipho Ngcobo. Ukushayeka kwesimo somnotho eNingizimu Afrikha ukubona ngamanani aphezulu ka- Petrol, ukudla okubizayo, ama- Interest rates aphezulu nokunyuka kwe- Inflation. Lokunyuka kwezinto kunsinya abantu abaningi begcine sebethenga ukudla ngisho nangama- credit card.Ukushayeke komnotho ukushayeka kwamaphakethe ezakhamuzi. Ucwaningo lezikhungo zemali eNingizimu Afrikha luveza ukuthi abantu bayahluleka ukonga imali yabo kuleminyaka edlule, emuva kweCOVID. Ama- Savings account amaningi akhala ibhungezi. Ukwazile ukonga imali ngonyaka odlule? Kulonyaka, uyazibona ukwazi ukonga imali?
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (14 JAN)
Singena kuchungechunge lwezingxoxo esizoba nazo noNosiphiwe Khumalo ongumsunguli we- Nosiphiwe Foundation, inhlangano engayakhi inzuzo kepha iyasiza emphakathini.
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO - AMATHUBA EMISEBENZI (13 JAN)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.
DANKIE1223 - DANKIE MCULO (10 JAN)
Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu noma ungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records. Ubuyile umThimbane, aphelile amaholidi manje, asazi nopma ukutholile ukuphumula, kwazise phela uDecember isikhathi semicimbi nenjabulo, ikakhulukazi kulokhakha wakwaqeda isizungu. Uma uqala ukuzwa ngalengosi, siyakugqugquzela mlaleli ukuthi uthole ama-Podcast ethu ku- www.ukhozifm.co.za ukuze lonke lolulwazi esesicobelalene ngalo noThemba uluthole, uhlale nalo efonini ukuzikhumbuza. Sikhuluma ngemicimbi ngeFestive, nesasasa Labantu ukuba ingxenye yayo? Ingabe iCOVID isishintshe unomphela? Umthelelo weSocial Media nama- Lives? Izinto ezishiwo oMC Estage emcimbini zibaluleke ngani? Siyaqhubeka nengxenye yethu yesibili yengosi- Dankie Mculo! Usakhona uThemba Molongoana oyi- A&R yase- David Gresham Music. Kukhona noJabulani Shandu ongumculi kodwa ozakhele udumo kakhulu ngokunandisa emicimbini ikakhulukazi Kwa- Zulu Natal.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (09 JAN)
Siyazi ukuthi ngomhlaka 14 January 2025, ngesonto elizayo kuzobe kuphuma imiphumela ye- Klasi likaMatikuletsheni lanyaka u- 2024. Namhlanje sivuke ngezindaba ezimnandi ezisazisa ukuthi inkantolo enkulu yase-Guateng, Guateng High Court ilichithile icala ebelilethwe kuyo ngokuphuthuma abakwa -Information Regulator (IR’s), abalwisana ne- Depart of Education ukuthi ingayikhiphi imiphumela yaezingane emaphepheni ngesonto elizayo. Ibikhala ngePOPI Act njengoba kuphuma iininingwane yama- student number emaphepheni. Inkantolo isichithile lesicelo, yathi asiphuthumi, futhi akekho umzali noma umfundi osakhonondile nge- POPI Act uma kuza kwimiphumela yabo. Namhlanje sifisa ukukubuyisela emuva mallei, awuzame ukukhumbula ukuthi wawuphasa kanjani uMatric wakho wena? o- A bona babekhona? iSymbol yona owayithola? Thumela iVN usishayele ucingo.
DANKIE1223 - SETH SHEZI CHEF INTERVIEW (09 JAN)
Sikhuluma no- Seth Shezi okunguye obashaye bonke emakhanda kumncintiswano we- Master Chef ku- S3 ngonyaka odlule. uSeth uhlomule izindodla zemali akathi izoshintsha impilo yakhe.
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (08 JAN)
Sphesihle Vilakazi eSoweto ubhekene noPhumzile Ngidi eSunnyside Park, Adams Mission.
DANKIE1223 - SIDLA NO DIETICIAN (08 JAN)
Sikhuluma noDietician wethu uNelile Nxumalo nge- Gout nezinhlobo zezinhlelo zokudla esingazizama ukuze si- detoxe futhi sinciphise umonakalo wenyama egazini.
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (07 JAN)
Singena kuchungechunge lwezingxoxo esizoba nazo noNosiphiwe Khumalo ongumsunguli we- Nosiphiwe Foundation, inhlangano engayakhi inzuzo kepha iyasiza emphakathini. Sothola ulwazi ngayo iFoundation namhlanje, nomsungili way obese kulamasonto alandelayo uzobe esazisa ukuthi iziphi izihloko abafika bezikhulume uma bevakashela izikole kulesikhathi sika- Back To School.
#DANKIE1223 KUBAMBA EZINGELAYO - AMATHUBA EMISEBENZI (06 JAN)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubazisa ngamathuba emisebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (02 JAN 2025)
Ngesonto elidlule Sifundisa umlaleli woKhozi fm nge-friendmas, bachaza oLee noLonda ukuthi into esiyenzayo sonke le, uma nidhlangane nabangani ngaphambi kukaKhisimusi noma ngawo ukhisimusi nazijabulisa sekuyi- Freindmas leyo. Kuthathe uFRIEND wahlanganiswa noCHRISTMAS, kwaphuma uFRIENDMAS. Namhlanje ngifisa sifundise umlaleli nge- staycation noma ifreindcation ukuze engaxwayi mayebona lama- Hashtag kuma-Caption noma izitathasi zabantu. Uma sikhuluma nge- Staycation sikhuluma ngohambo oluseduze nawe, noma kwenye yezifundazwe zase- Ningizimu Afrikha. Lapho inhloso kungukuphumula, imvamisa iStaycation uyenza ezindaweni ozithola koAir BnB kanje. Inhloso ukuphumula, so uthola indawo epholile futhi ethule ungawenzi ama- Activity endaweni. Abantu abaningi abazisebenzayo bayayithanda iStaycation ngoba imvamisa uyithatha uwedwa noma unesithandwa sakho kuphela. Bese kubakhona iFriendcation: La sikhuluma ngeVacation yabangani. Loluhambo eniluplanna ku- whatsapp nithi nifuna ukuhamba as ama- Gals/ Boys noma nixubene. Nibe namaTheme ezingubo enizozigqoka, nikhethe nama- activities enizowenza phambili. Kungaba iFriendcation yokuya- Phesheya noma indawo eLocal. Maningi amaGroup ku- whatsApp asungulelwa lesizathu kepha agcina kanjalo, uhambo aluphumeleli. Awusazise uma ngonyaka odlule iFriendcation yenu ‘made it outside of the whatsApp group’, okusho ukuthi iphumeleli, nazikhipha ningabangani, nayaphesheya noma eCapeTown, noma eThewkini, noma eGoli, eMpumalanga, Limpopo etc. Ziningi izindawo ezinhle eSouth Africa. Kulabo abafisa ukuzikhipha kulonyaka, iGroup yenu isikhona, nifuna ukuvaka kuphi, nini? Sinibalelile amaLong Weekend akhona kulonyaka, qalani ngawo ukukhetha isikhathi ukuze nisheshe niBhukhe amanani ezindawo esaphansi.
DANKIE1223 - SABC PLUS APP INTERVIEW (26 DEC)
Sino Zipho wakaGumede osazisa kabanzi ngakho konke okwenzeka kwi SABC PLUS APP.
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (25 DEC)
DANKIE1223 - DISABILITY 360
Sivule uhlelo nge- mix emnandi ka- Deejay King Kwar, ongu- Dj ongaboni emehlweni. Besifisa ukuthi ebenathi bukhoma emsakazweni, ngebhadi uhlangane nezinqinamba ngaphambi kokuba efinyelele ngapha.
DANKIE1223 - MALUNGELO X RETHABILE INTERVIEW (23 DEC)
Namhlanje sivakashelwe uMALUNGELO kanye noRETHABILE, abacula ingoma ‘UYAVELA” eqokiwe kwi-Top 10 yoKhozi FM KUNYAKA KA- 2024.
DANKIE1223 - ALLEN INTERVIEW (DANKIE NGOMA EHLUKANISA UNYAKA!)
Namhlanje sivakashelwe u-Allen, oyi- Vocalist eqokiwe ngengoma yakhe “uNobuhle” kwi- Top 10 yoKhozi FM. Usiphathele ulozolo lomculo esizowuthokozela kuloluhlelo.
DANKIE1223 - SIHLE XABA INTERVIEW (20 DEC)
Isikhathi sikakhisimusi isikhathi sothando nokubambisana kanye nenhlonipho. Imindeni iyahlangana ijabule. Ngeshwa, yize sifisa ukuthi kubuse lomuzwa, kepha, iqiniso lithi isakhona imindeni eminingi ehlwempu kuleiskhathi. Eminye ayazi ukuthi izodlani, eminye ayinalo uphahla olusile noma oluphelele, ngakho-ke imindeni yabo ayinayo indawo yokuhlanganyela kuyo kulonyaka. Yize kunjalo, kepha basakhona omsaMaria abanezinhliziyo ezinozwelo kulesikhathi. Sizokhuluma noSihle Xaba oyi- CEO ya- Makhaleni Construction. Bakhele uGogo obehlala nezingane zakhe ezinhlanu kanye nabazukulu abayisithupha. uGogo usehamba nge- Wheel Chair, kanti umndeni uphila ngempesheni yakhe. Lomuzi omusha sha, ovulwe namhlanje ekuseni usuzohlala lomndeni wonke. Kuphinde kwaphuma izinsiza kwizinhlangano ezahlukene ezizimele.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (19 DEC)
Emandulo, imizi eminingi ibiba noGogo noMkhulu, kube abantu asebekhulile. Siyabona kulezinsuku ukuthi oGogo noMkhulu bahamba bayancipha ngeminyaka. Awuke usazise, nisanaye uGogo noma umkhulu egcekeni? Uma bengasekho, abazukulu bahlanganaphi uma sekufika lezi zikhathi zonyaka? Ifestive/iphasika etc. UCWANINGO: iMinyaka yokuphila, phecelezi, Life expectancy, yamadoda nabantu besifazane eNingizimu Afrikha, ayifani. Lokhu kudalwa izimo ezahlukene. iHIV & Aids, ukhuvethe nokufinyelela kwimtholampilo. Ucwaningo esilutholile kulonyaka kwa- STATS SA, olubheke iminyaka yokuphila yethu, ibeke umuntu wesilisa kwiminyaka engama- 63.6 Years, kanti abesifazane ku- 69.2 years. Lokhu kuyaveza ukuthi ngempela iminyaka yoGogo noMkhulu ilokhu yehla.
DANKIE1223 - UMSHADO WESINTU VS UMSHADO OMHLOPHE
Ucwaningo lakwa- STATS SA, luveza ukuthi isifundazwe esihamba phambili ngenani labashadikazi iNorthern Cape. Kubantu abangama- 100 000 kushade abangu 347. Isifundazwe esilandelayo iFree State. Kubantu abangama- 100 000 kushade abangama- 323, bese kuthi eWestern Cape kubantu abangama 100 000 kushade abangama- 300. Uma sibuka iMpumalanga, isona sifundazwe esiphansi kakhulu ngokwezibalo zabashadikazi. iGuateng neWestern Cape ihamba phambili ngemishado ebhalisiwe ngaphansi komthetho we- Civil Union. Bese iLimpopo ihambe phambili ngemishado ebhaliswe ngaphansi kwe- Customary marriages Act, kulandele iKZN, EC neMpumalanga. Sifisa ukwazi kuwe ogane ngokwesintu ukuthi niwubhalisile yini umshado wenu? Kungaba ingokwe- Civil Marriages Act noma Customary Marriages Act? Sikhumbule ukuthi iCustomary marriages act iyasivuma isithembu, kepha iCivil Union ayisivumi.
DANKIE1223 - DISABILITY 360 - KAZOZO INTERVIEW (17 DEC)
Kule- festive sishaya ikhwela lokugqugquzela abaphathi bemicimbi ukuthi beqashe amaciko akhubazekile futhi beqikelele ukuthi imicimbi yabo iyakwazi ukwamukela izihlwele zabantu abakhubazekile. Kumele ucabangele abantu abasebenzisa ama- wheel chair, bazokwazi yini ukungena kumcimbi wakho ngoba nabo bayathanda ukuba ingxenye yemicimbi. Sikhuluma neciko elikhubazekile uKhazozo sizwe ukuthi kuhamba kanjani kule- festive ngokumenywa kwimicimbi.
DANKIE1223 - ZODIAC SIGN - ELSUN NZAMA (12 NOV)
Sikhuluma noElsun Nzama oyi- Astrologer, wazi kangcono ngama- Star Sign nokuthi asebenza kanjani? Siyazi ukuthi kunama- Star/Zodiac Sign ayishumi nambili. Aries: Roughly March 21–April 19 Taurus: April 20–May 20 Gemini: May 21–June 20 Cancer: June 21–July 22 Leo: July 23–August 22 Virgo: August 23–September 22 Libra: September 23–October 22 Scorpio: October 23–November 21 Sagittarius: November 22–December 21 Capricorn: December 22–January 19 Aquarius: January 20–February 18 Pisces: February 19–March 20
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (11 NOV)
Umvikeli wesicoco Nokulunga, Vosloorus eGoli ubhekene No-Nkululeko Ndwandwe eNewlands West, eKZN.
DANKIE1223 - SIDLA NO-DIETCIAN
Isikhathi sikakhisimusi isikhathi seziphuzo ezihlohlozayo, kwazise nemicimbi ithe chithisaka. Yize kumnandi kunjalo, kubalulekile ukunakekela isimo sempilo yethu. Namhlanje sizofunda kabanazi nge- Dehydration, uNelile esiphe amacebo akuyigwema.
DANKIE1223 - GBV (SISIMO SASENINGIZIMU AFRIKHA/ THE STATE OF SOUTH AFRICA 10 NOV)
Namhlanje usuku lokugcina lapho esigubha khona i-16 Days of activisim against women and child abuse. Sivala lezinsuku ngokubuza umlaleli ukuthi uyazi yini ukuthi uma umuntu akashade naye engafuni ukulalala naye, kepha kulalwe naye ngempoqo kuwukudlwengulwa lokho? Sithumele iVN usazise ukuthi uyakwazi lokhu na, futhi ingabe uyakuhlonipha noma ukubona kuyilungelo lakho njengendoda yomuzi?
DANKIE1223 - INJOBO ITHUNGELWA EBANDLA (09 DEC)
KuloDecember, njengeNdoda izithembiso obuzenze kumama ekhaya nezingane zisazofezeka yini? Umi kanjani kukesikhathi nezithembiso zakho kumndeni wakho? Imali iyahlangana noma uzibona uthatha iloan?
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO - AMATHUBA EMISEBENZI (09 DEC)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.
DANKIE1223 - DANKIE MCULO (06 DEC)
Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu noma ungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records. Ngesonto elidlule uThemba usazise ukuthi izinto zixazululwa kanjani uma sekubangwa ingoma Phakathi kwe- artist namaCollective Management Organisations (CMO). DANKIE MCULO! PART 2 Themba takes us through 5 songs or albums that dropped today.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (05 NOV)
Sekuyisikhathi sonyaka lapho esivakasha khona, sivakashe kweminye imindeni noma amalunga emindeni yethu. Izingane zethu sifisa ukuvakasha kwa-Gogo nomkhulu, noma emakhaya, noma kubangani babo. Iqiniso lithi, umuzi nomuzi unemithetho wayo, eminye ijwayelekile,ikakhulukazi uma uvela ekhaya elinomthetho. Eminye kodwa ihlukile, ungaze uthi iyahlukumezana uma ungayijwayela. Namhlanje sifisa ukwazi ukuthi imiphi imithetho yeminye imizi oyaziyo ehlukile kuneyakini noma kwakho? Imithetho ongasiboni Isidingo sayo noma imithetho ongayijwayele ngoba nani nganawo lowomthetho kini.
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (04 NOV)
Umvikeli wesicoco Nokulunga, Vosloorus eGoli ubhekene NoStoney Hlongwane eWhite City eGoli.
DANKIE1223 - XOLISA DLAMINI - LIVE IN CONCERT + INTERVIEW (04 DEC)
Namhlanje sivakashelwe uXolisa Dlamini, osiphe umculo omnandi bukhoma eM1, ucula iJazz.
DANKIE1223 - SIDLA NO-DIETICIAN (04 DEC)
Namhlanje sibuza umlaleli ukuthi ikuphi ukudla asekunakile ukuthi kumqumbisela ngesisu uma ekudlile? Uma esequmbile (bloated) uyake ekuqede kanjani lokhu? Sike sakhuluma nge- Fibre kulengosi ekuqaleni konyaka, mhlampe usuyayiqikelela futhi isiyakusiza, sithumele iVN usazise.
DANKIE1223 - DJ KABILA - WORDL DISABILITY DAY (03 NOV)
Siyabona ezinkundleni zokuxhumana, nakulonyaka uDJ Kabila uyakhala ngezinqinamba abasabhekene nazo nezikhumulo zezindiza njengabantu abakhubazekile. Siyambona ukhala nge- Mthatha Airport nokuhluleka kwabo ukunakekela isihambi esikhubazekile. uDj Kabila usehambe amazwe amaningi kakhulu edlala umculo, ngakhoke uyakwazi ukuqhathaisa Isimo SaseNingizimu Afrikha nesamanye amazwe phesheya uma kuza ekuthuthukeni kokunakekela abantu abakhubazekile.
DANKIE1223- KUBAMBA EZINGELAYO - AMATHUBA EMISEBENZI (02 DEC)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.
DANKIE1223 - DANKIE MCULO (29 NOV)
Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu noma ungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records. Sesifikile isikhathi sonyaka sezingoma ezishisayo, futhi esizogcina sizwa ukuthi seziyalwelwa. Sekujwayelekile ukuzwa ukuthi amaciko alwa wodwa noma alwa nama- CMO ngokuthi ubani umnikazi wengoma noma kumele ethole iCut engakanani. Namhlanje uThemba uzosazisa ukuthi izinto zixazululwa kanjani uma sekubangwa ingoma Phakathi kwe- artist namaCollective Management Organisations. Uzoke eqale esikhumbuze ukuthi kambe yini ama- Collective Management Organisations. Siyakugqugquzela mlaleli ukuthi uthole ama- Podcast ethu ku- www.ukhozifm.co.za ukuze lonke lolulwazi esesicobelalene ngalo noThemba uluthole, uhlale nalo efonini ukuzikhumbuza. DANKIE MCULO! PART 2 Themba takes us through 5 songs or albums that dropped today.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (28 NOV)
Kuyiqiniso esingeke salibalekela ukuthi bambalwa abantu abathanda noma abafisa ukukhuluphala ngendlela ebenza bengazithembi ngesisindo sabo noma bezizwe benethezekile emzimbeni yabo. Ucwaningo luze lukhombise ukuthi iningi labantu besifazane baphila izimpilo zabo zonke bezama ukulwa noma uku-bhalansa isisindo semizimba yabo. Bona bathinteka kakhulu ngenxa yokushintsha kwemizimba yabo ngezizathu ezahlukene. Uma kuke kwafika iDiet entsha, yaziwa abantu besifazane, uma kukhona umshini noma uCream omusha onciphisa isisu, kwaziwa abantu besifazane, uma kukhona amaphili noma umjovo omusha wokuncipha, kwaziwa abantu besifazane! Kuyimanje babhizi bakhulisa izibalo ze- Ozempic, okungamaphilisi okuncipha kepha atholakala ngoDokotela kuphela. Ukukhula kwalezibalo zabantu abafuna lamaphilisi ukuze benciphe sekuyakhathaza uma kuphawaula umnyango wezempilo eNingizimu Africa. Lokufuneka kwalamaphilisi sekuze kwakha ‘iBlack Market” okuchaze ukuthi, sekwakhekhe enye indlela engekho emthethweni yokuthi kutholakale lamaphilisi. Eminye imibiko ithi inani selifike ku-R25 000 ukutholakala kwalamaphilisi okuncipha, ngezindlela ezingekho emthethweni. Sizokhuluma noDr. Malungi Memela ngamalaphilisi, nobungozi angase ebe nawo kumuntu owathathayo. Kuwena mlaleli sicela usazise uma wazi ngalamphilisi, noma uma wake wasebenzisa indlela ethusayo ukulwa nesisindo somzimba wakho.
DANKIE1223 - WARREN MASEMOLA INTERVIEW (27 NOV)
Namhlanje sikhuluma nomlingisi uWarren Masemola ngezimanga akazanazo njengomlingisi kuhlelo iSkeem Saam njalo ngoMsombuluko kuye kuLwesihlanu, ngo- 19H30. Sithe akesidle iLunch yethu nalenqalabutho kwezokulingisa esihlomule izindondo eziningi ngethalente layo kanti esisalindele okukhulu kuye.
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (27 NOV)
Umvikeli wesicoco UMthokozisi Khumalo eKhayalami (Khayalami) eGoli ubhekene Nokulunga, Vosloorus.
DANKIE1223 - NGIMNYAMA NGIMUHLE (27 NOV)
Sikhuluma noSis Zoe Ntsokontsoko oyi-Beautician ezimele, unendawo yakhe eNewtown Junction Mall lapho akenza khona yonke into emayelana nobuhle. Kungaba ukulapha isikhumba sakho ngaphakathi nangaphandle, izinzipho, i-Make up ngisho nezinwele. uSis Zoe uwufundele lomsebenzi, wenze iSomatology okuyizifundo zobuhle. Siyakugqugquzela ukuthi uzitholele lezingxoxo esesibe nazo izinyanga ezine kuma- podcast ethu- www.ukhozifm.co.za
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (20 NOV)
Umvikeli wesicoco UMthokozisi Khumalo eKhayalami (Khayalami) eGoli ubhekene Sbo Shozi eAmaoti, eNanda.
DANKIE1223 - ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKHA/ THE STATE OF SOUTH AFRICA (26 NOV)
Unyaka ka- 2024 ububaluleke kakhulu ngenxa yokubungaza iminyaka engamashumi amathathu eNkululeko. Ziningi izindlela izakhamuzi ebezibungaza ngayo leligxathu elingaka kumlando wethu njengezwe emhlabeni wonkana. Nathi siyi- SABC sikhulume kakhulu ngokubaluleka kokuzibuka ukuthi sisukaphi, sazuzani kuleminyaka engamashumi amathathu enkululeko. Namhlanje sizobheka ingxenye yezokuvakasha esenza siziqhenye ngokuba izakhamuzi zaseNingizimu Afrikha. Amapaki aqukethe umnotho wezwe lethu ngokukwazi ukuxoxa ngomlando wendawo, noma izwe lonke endaweni enhle futhi enokungcebeleka. Sikhuluma ngoGugu Dlamini Park, mawuseThekwini, Isimangaliso wetland Park, Cradle of Human Kind, Robben Island namanye amaningi kuzifundazwe zethu kokwehlukana. Namhlanje sikhuluma nabakwaFreedom Park Hertage Site, abasePretoria. Sikhuluma noSlindokuhle Shamase oyi- Head of Department For Heritage & Knowledge Unit.
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (26 NOV)
Sivala uchungechunge lwezingxoxo esibe nazo nabantu abakhubazekile, abafundile kepha umsebenzi bengawutholi. Sikwenze lokhu sibambisene ne-Qhakaza Disability Movement esungulwe omunye wabalaleli bethu abangaboni uMnu. Mhlanguleni Ndebele. Namhlanje sikhuluma noSakhile Makhoba oneziqu ezilandelayo; - Bachelor of Social Science, majoring Ethics & HR Management - UKZN MHLANGULENI INTERVIEW Sivalelisa futhi sibonga uMhlanguleni ngokusisiza ngabantu abakhubazekile kepha abaneziqu eziningi futhi ezibalulekile. Asizwe kuye ukuthi ubambisane kanjani nathi, kanti umhlaka 03 Dec iWorld Disability Day bazowubungaza kanjani njenge- Qhakaza disability movement.
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO (25 NOV)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Imimoya isiqala ukuba phezulu, kubhekwe kumaholidi, sibuka ukuthi ingosi, Kubamba Ezingelayo iziguqule kanjnai izimpilo zabantu abasha base South Africa.
DANKIE1223 - INJOBO ITHUNGELWA EBANDLE (25 NOV)
Namhlanje ayikho incwadi, kepha sifisa ukubuza abadoda WODWA ukuthi azizwa kanjani uma kuqalwa imikhankhanso yo- 16 Days of Activism. Against Women & Child Abuse. Bazizwa beyingxenye yalenkulumo noma bzizwa behlaselekile. Kungani uzizwa kanjalo, noma awunendaba nemikhankhaso enje emiphakathini? Thumela iVN, Usishayele nocingo ukhulume bukhoma nabasakazi bethu namhlanje.
DANKIE1223 - DJ SABBY INTERVIEW
Sikhuluma nomsakazi wase- Metro FM, uSabelo Mtshali odume ngelika- Dj Sabby, ushayela uhlelo lwasekuseni khona- Best Mornings noKandis Kardash, Owen Hanni & Zandile Hopa. uBestie wethu uvakashele thina namhlanje.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (21 NOV)
Namhlanje sifisa ukwazi kuwe mlaleli ukuthi isiphi isipho esibizayo kunazo zonke owake wasithola kumuntu othandana naye noma ongumngani kuwe? Kungaba izimpahla zokugqoka, izicathulo, iPerfume, isikhwama, impahla yasendlini, imoto, indlu, noma yini eyisipho esibiza kunazo zonke owake wazithola?
DANKIE1223 - SIDLA NO- DIETICIAN (20 NOV)
Sekuyileso sikhathi sonyaka semicimbi yokuvala unyaka. Lapho othola zonke izinhlobo zezibiliboco neziphuzo ezihlohlozayo. Kunabantu kuyimanje abasalwa nomkhaba wasebusika, isikhathi sokunciphela uZibandlela sesiphelile. Awusazise ukuthi kulonyaka ukhulphalile noma unciphile, usazise nesikalo uma usazi. Sikhuluma noDietician wethu uNelile Nxumalo, uzosipha izeluleko zokugwema ukukhulphala ngalesikhathi sonyaka.
DANKIE1223 - ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKHA/ THE STATE OF SOUTH AFRICA (19 NOV)
Ngokombiko weUnited Nations wanyaka odlule- kunabantu abalinganiswa ku-3.5 billion abasaphila ngaphandle kwezindlu zangasese ezifanele, futhi ezigcina isidima somuntu. Kusanabantu abawu 419 million abazikhulula endle ngaphandle kwezindlu zangasese ezifanele. Lenkinga iyasithinta nathi njengezakhamuzi zaseNingizimu Afrika, ikakhulukazi ezikoleni zasemakhaya, awusithumele iVN usazise ngezindlu zangasese ngakini, ezikoleni ikakhulukazi. Ingabe isimo siyashintsha noma sisafana? Namhlanje sikhuluma Queen Mgobozi osuka kwa- Unilever, ngalenkinga ebhekene neNingizimu Afrika.
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (19 NOV)
Singena kuchungechunge lwezingxoxo esizoba nazo nabantu abakhubazekile abafundile, abanye bathi sebeyasebenza abanye abakawutholi umsebenzi. Kulezingxoxo sibambisene ne-Qhakaza Disability Movement esungulwe omunye wabalaleli bethu abangaboni uMnu. Mhlanguleni Ndebele. Namhlanje sikhuluma noBhekani Ngcobo oneziqu ezilandelayo; - Bachelor of Social Science in Government Business & Ethics - Bachelor of Commerce Honors in Human Resource management - UKZN
DANKIE1223 - INJOBO iTHUNGELWA EBANDLE (18 NOV)
Ngibingelele kunina basakazi bami engibathandayo, ngiyathemba niyaphila kanti futhi anakakhathali kakhulu njengoba sekuyilesikhathi salonyaka futhi sibheke kunina ukuthi nisiphe iRadio emnandi nge-festive. Nginenkinga la basakazi, inkinga yami ukubuka iPorn, izithombe nama-video abantu abalekelelana ukufika eMaritzburg, njengoba ngakengezwa uZimiphi esho. Uma ngivuka ekuseni, ngaphambi kokuya emsebenzini ngiyayibuka ngizisize, ebusuku futhi ngaphambi kokuthi ngilale ngiyaphinda ngiyibuke ngizisize ukuzo kuzolaleka, sekunzima ukulala ngingazange ngiyibuke. Inkinga yami entsha ukuthi lomuzwa usungifikela ngisho ngisemsebenzini. Ngizithola ngifisa ukubuka lezithombe nama- video kwi-Phone yami ngesikhathi sekhefu lami. Ngisakwazi ukuzikhuza okwamanje, kodwa angazi noma gizonqoba yini. Nginayo intombi, futhi iyangivakashela. Ukubuka lePorn akusiphazamisi ebudlelwaneni bethu. Uyazi ukuthi ngiyayibuka kepha akazi ukuthi ngiyibuka kangakanani. Uma ekhona asikho Isidingo sokuyibuka, kepha uma sizithokozisa ngizithola ngicabanga lama- video engiwabukayo. Ayikho inkinga kulokho kodwa ngoba yena akazi, uthokozela lokho esisuke sikwenza. Unembeza wami usuyangilahla manje, akumele kubenje. Nginama- Video engingawalinganisa kwamashumi amahlanu (50) efonini yami yalemikhuba. Uma ngiwa- deletha alipheli isonto ngingawatholanga amasha. Angazi noma sengidlule na! Ngicela abafowethu abeke babhekana nalenkinga bengiluleke, bayeka kanjani? Benza kanjani ukuthi begweme ukuwabuka njalo lama- video nezithombe? Noma mhlampe ayikho inkinga, imina ozikhathaza ngobala? Imina Ozithobayo: Ongathandi Ukuzidalula
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO (18 NOV)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Isihloko: Kuqala isikhathi la esibheke khona kumaholidi, wonke umuntu ufuna ukuba nemali eningi. Namhlanje siqwashisa ngezikhangiso zemisebenzi ezingesilo iqiniso ezizogcwala kwi- social media. Sibuka ukuthi ungakugwema kanjani ukuthi ungabi yisisulwa salobugebengu.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (14 NOV)
Izindaba ezimnandi zithi uPetrol noDiesel kuzokwehla ngenani elilinganiswa ku- R2 kuloZibandlela. Lezi izindaba ezimnandi uma ubuka ukuthi selokhu kwadlula uthanqa wokhuvethe amanani ka- Petrol, Diesel noParaffin alokhu enyukile obekuklinya abantu abaningi, ikakhulukazi ngesikhathi sikaKhisimusi. Izindaba ezifana nalezi zibuyisa ithemba ngomnotho wethu, kanye nangohlobo lwaKhisimusi izakhamuzi zaseNingizimu Afrikha ezizoba nawo kulonyaka. https://businesstech.co.za/news/energy/799067/r2-petrol-price-joy-for-south-africa/ Namhlanje sifisa ukwazi ukuthi uma uyothela eGarage, ingabe uyamnika yini umuntu okwethela uPterol/Diesel? Noma umnika iTip uma ehlanze iWindscreen yakho? Abantu abagada izimoto emaParking bona? Uyabanika amaTip, uma ubanika kusuke kwenzenjani? Uma ungabaniki isiphi isizathu? Iqiniso lithi, uma unemoto kuyenzeka upake kumaParking amaniningi ngosuku, ingabe kumele siba-Tiphe bonke Labantu kulama- Parking? Umuntu ogade kumaParking simnika imali yani? Bayakwazi yini ukuvikela izimoto zethu uma sezitshontshwa, kwazise, abaphethe ngisho izinsiza zokuzivikela. Asikhulume.
Save video to ...
