DANKIE1223 - QUE DJ INTERVIEW (17 JAN)
Namhlanje sikhuluma noDJ no Producer womculo onezondodo kuma- SAMA (South African Music Awards), oyinxenya ye- Destruction Boys, eyake yasifaka kunyaka omusha oKhozini FM.
DANKIE1223 - DANKIE MCULO (17 JAN)
Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu noma ungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records. Ubuyile umThimbane, aphelile amaholidi manje, asazi nopma ukutholile ukuphumula, kwazise phela uDecember isikhathi semicimbi nenjabulo, ikakhulukazi kulokhakha wakwaqeda isizungu. Uma uqala ukuzwa ngalengosi, siyakugqugquzela mlaleli ukuthi uthole ama-Podcast ethu ku- www.ukhozifm.co.za ukuze lonke lolulwazi esesicobelalene ngalo noThemba uluthole, uhlale nalo efonini ukuzikhumbuza. Sikhuluma nge- Legacy Catalogue, ingabe kuchaze ukuthini lokhu, kubaluleke ngani futhi kwenziwa kanjani?
DANKIE1223 - MAX MQADI INTERVIEW (16 JAN)
Sekujwayelekile ukuthi ama- podcast noma ama- Youtube channels esuse ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yezinto ezishiwo khona, noma indlela aba- Editha ngayo i- footage ukuze ihehe ama- subcribers noma ama-followers. Kunengxoxo esuse ukukhuluma okunzima ezinkundleni zokuxhuma. Ingxoxo ephakathi kuka- Mnu. uMax Mnqadi nethimba labadlali be- Golden Arrows. Ingxoxo yabo siyibone kwi- Up, Back, Through Podcast by Golden Arrows. Ukhona uMnu. Mqadi ukuzoziphendulela ngalamazwi akhe, nendlela eshiye abantu baselokshini bezizwa ngayo.
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (15 JAN)
Phumzile Ngidi Sunnyside Park, Adams Mission VS KD Hlengiwe Lungile Ngubane Greytown.
DANKIE1223 - SIDLA NO-DIETICIAN (15 JAN)
Akujwayelekile ukuthi izifo esezikhungethe umhlaba zingahambisani nokudla noma iziphuzo okumele sizigweme ukuze izifo zingasibulali noma zisigulise kakhulu. Lokhu kuyakhomba ukuthi ukudla esikudlayo kunomthelela omngakanani kusimo sempilo yethu. Sifisa ukwazi kuwemlaleli ukuthi isiphi isifo onaso esilawula indlela noma inkululeko yakho yokudla ukudla okuthandayo? Sikhuluma ne- Dietician kabanzi mayelana ne- plant based diet. Sike sathi ukuyisikaza ngesonto elidlule siyibheka ne- Vegetarian, Vegan kanye nePescatarian diet. Namhlanje siyagxila kwi- Plant based diet, sibuka ububi nobuhle bayo, kanye nezifo esiza ukuzithiba.
DANKIE1223 - STATE OF SA (14 JAN)
Guest: Financial Advisor Sipho Ngcobo. Ukushayeka kwesimo somnotho eNingizimu Afrikha ukubona ngamanani aphezulu ka- Petrol, ukudla okubizayo, ama- Interest rates aphezulu nokunyuka kwe- Inflation. Lokunyuka kwezinto kunsinya abantu abaningi begcine sebethenga ukudla ngisho nangama- credit card.Ukushayeke komnotho ukushayeka kwamaphakethe ezakhamuzi. Ucwaningo lezikhungo zemali eNingizimu Afrikha luveza ukuthi abantu bayahluleka ukonga imali yabo kuleminyaka edlule, emuva kweCOVID. Ama- Savings account amaningi akhala ibhungezi. Ukwazile ukonga imali ngonyaka odlule? Kulonyaka, uyazibona ukwazi ukonga imali?
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (14 JAN)
Singena kuchungechunge lwezingxoxo esizoba nazo noNosiphiwe Khumalo ongumsunguli we- Nosiphiwe Foundation, inhlangano engayakhi inzuzo kepha iyasiza emphakathini.
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO - AMATHUBA EMISEBENZI (13 JAN)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.
DANKIE1223 - DANKIE MCULO (10 JAN)
Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu noma ungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records. Ubuyile umThimbane, aphelile amaholidi manje, asazi nopma ukutholile ukuphumula, kwazise phela uDecember isikhathi semicimbi nenjabulo, ikakhulukazi kulokhakha wakwaqeda isizungu. Uma uqala ukuzwa ngalengosi, siyakugqugquzela mlaleli ukuthi uthole ama-Podcast ethu ku- www.ukhozifm.co.za ukuze lonke lolulwazi esesicobelalene ngalo noThemba uluthole, uhlale nalo efonini ukuzikhumbuza. Sikhuluma ngemicimbi ngeFestive, nesasasa Labantu ukuba ingxenye yayo? Ingabe iCOVID isishintshe unomphela? Umthelelo weSocial Media nama- Lives? Izinto ezishiwo oMC Estage emcimbini zibaluleke ngani? Siyaqhubeka nengxenye yethu yesibili yengosi- Dankie Mculo! Usakhona uThemba Molongoana oyi- A&R yase- David Gresham Music. Kukhona noJabulani Shandu ongumculi kodwa ozakhele udumo kakhulu ngokunandisa emicimbini ikakhulukazi Kwa- Zulu Natal.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (09 JAN)
Siyazi ukuthi ngomhlaka 14 January 2025, ngesonto elizayo kuzobe kuphuma imiphumela ye- Klasi likaMatikuletsheni lanyaka u- 2024. Namhlanje sivuke ngezindaba ezimnandi ezisazisa ukuthi inkantolo enkulu yase-Guateng, Guateng High Court ilichithile icala ebelilethwe kuyo ngokuphuthuma abakwa -Information Regulator (IR’s), abalwisana ne- Depart of Education ukuthi ingayikhiphi imiphumela yaezingane emaphepheni ngesonto elizayo. Ibikhala ngePOPI Act njengoba kuphuma iininingwane yama- student number emaphepheni. Inkantolo isichithile lesicelo, yathi asiphuthumi, futhi akekho umzali noma umfundi osakhonondile nge- POPI Act uma kuza kwimiphumela yabo. Namhlanje sifisa ukukubuyisela emuva mallei, awuzame ukukhumbula ukuthi wawuphasa kanjani uMatric wakho wena? o- A bona babekhona? iSymbol yona owayithola? Thumela iVN usishayele ucingo.
DANKIE1223 - SETH SHEZI CHEF INTERVIEW (09 JAN)
Sikhuluma no- Seth Shezi okunguye obashaye bonke emakhanda kumncintiswano we- Master Chef ku- S3 ngonyaka odlule. uSeth uhlomule izindodla zemali akathi izoshintsha impilo yakhe.
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (08 JAN)
Sphesihle Vilakazi eSoweto ubhekene noPhumzile Ngidi eSunnyside Park, Adams Mission.
DANKIE1223 - SIDLA NO DIETICIAN (08 JAN)
Sikhuluma noDietician wethu uNelile Nxumalo nge- Gout nezinhlobo zezinhlelo zokudla esingazizama ukuze si- detoxe futhi sinciphise umonakalo wenyama egazini.
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (07 JAN)
Singena kuchungechunge lwezingxoxo esizoba nazo noNosiphiwe Khumalo ongumsunguli we- Nosiphiwe Foundation, inhlangano engayakhi inzuzo kepha iyasiza emphakathini. Sothola ulwazi ngayo iFoundation namhlanje, nomsungili way obese kulamasonto alandelayo uzobe esazisa ukuthi iziphi izihloko abafika bezikhulume uma bevakashela izikole kulesikhathi sika- Back To School.
#DANKIE1223 KUBAMBA EZINGELAYO - AMATHUBA EMISEBENZI (06 JAN)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubazisa ngamathuba emisebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (02 JAN 2025)
Ngesonto elidlule Sifundisa umlaleli woKhozi fm nge-friendmas, bachaza oLee noLonda ukuthi into esiyenzayo sonke le, uma nidhlangane nabangani ngaphambi kukaKhisimusi noma ngawo ukhisimusi nazijabulisa sekuyi- Freindmas leyo. Kuthathe uFRIEND wahlanganiswa noCHRISTMAS, kwaphuma uFRIENDMAS. Namhlanje ngifisa sifundise umlaleli nge- staycation noma ifreindcation ukuze engaxwayi mayebona lama- Hashtag kuma-Caption noma izitathasi zabantu. Uma sikhuluma nge- Staycation sikhuluma ngohambo oluseduze nawe, noma kwenye yezifundazwe zase- Ningizimu Afrikha. Lapho inhloso kungukuphumula, imvamisa iStaycation uyenza ezindaweni ozithola koAir BnB kanje. Inhloso ukuphumula, so uthola indawo epholile futhi ethule ungawenzi ama- Activity endaweni. Abantu abaningi abazisebenzayo bayayithanda iStaycation ngoba imvamisa uyithatha uwedwa noma unesithandwa sakho kuphela. Bese kubakhona iFriendcation: La sikhuluma ngeVacation yabangani. Loluhambo eniluplanna ku- whatsapp nithi nifuna ukuhamba as ama- Gals/ Boys noma nixubene. Nibe namaTheme ezingubo enizozigqoka, nikhethe nama- activities enizowenza phambili. Kungaba iFriendcation yokuya- Phesheya noma indawo eLocal. Maningi amaGroup ku- whatsApp asungulelwa lesizathu kepha agcina kanjalo, uhambo aluphumeleli. Awusazise uma ngonyaka odlule iFriendcation yenu ‘made it outside of the whatsApp group’, okusho ukuthi iphumeleli, nazikhipha ningabangani, nayaphesheya noma eCapeTown, noma eThewkini, noma eGoli, eMpumalanga, Limpopo etc. Ziningi izindawo ezinhle eSouth Africa. Kulabo abafisa ukuzikhipha kulonyaka, iGroup yenu isikhona, nifuna ukuvaka kuphi, nini? Sinibalelile amaLong Weekend akhona kulonyaka, qalani ngawo ukukhetha isikhathi ukuze nisheshe niBhukhe amanani ezindawo esaphansi.
DANKIE1223 - SABC PLUS APP INTERVIEW (26 DEC)
Sino Zipho wakaGumede osazisa kabanzi ngakho konke okwenzeka kwi SABC PLUS APP.
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (25 DEC)
DANKIE1223 - DISABILITY 360
Sivule uhlelo nge- mix emnandi ka- Deejay King Kwar, ongu- Dj ongaboni emehlweni. Besifisa ukuthi ebenathi bukhoma emsakazweni, ngebhadi uhlangane nezinqinamba ngaphambi kokuba efinyelele ngapha.
DANKIE1223 - MALUNGELO X RETHABILE INTERVIEW (23 DEC)
Namhlanje sivakashelwe uMALUNGELO kanye noRETHABILE, abacula ingoma ‘UYAVELA” eqokiwe kwi-Top 10 yoKhozi FM KUNYAKA KA- 2024.
DANKIE1223 - ALLEN INTERVIEW (DANKIE NGOMA EHLUKANISA UNYAKA!)
Namhlanje sivakashelwe u-Allen, oyi- Vocalist eqokiwe ngengoma yakhe “uNobuhle” kwi- Top 10 yoKhozi FM. Usiphathele ulozolo lomculo esizowuthokozela kuloluhlelo.
DANKIE1223 - SIHLE XABA INTERVIEW (20 DEC)
Isikhathi sikakhisimusi isikhathi sothando nokubambisana kanye nenhlonipho. Imindeni iyahlangana ijabule. Ngeshwa, yize sifisa ukuthi kubuse lomuzwa, kepha, iqiniso lithi isakhona imindeni eminingi ehlwempu kuleiskhathi. Eminye ayazi ukuthi izodlani, eminye ayinalo uphahla olusile noma oluphelele, ngakho-ke imindeni yabo ayinayo indawo yokuhlanganyela kuyo kulonyaka. Yize kunjalo, kepha basakhona omsaMaria abanezinhliziyo ezinozwelo kulesikhathi. Sizokhuluma noSihle Xaba oyi- CEO ya- Makhaleni Construction. Bakhele uGogo obehlala nezingane zakhe ezinhlanu kanye nabazukulu abayisithupha. uGogo usehamba nge- Wheel Chair, kanti umndeni uphila ngempesheni yakhe. Lomuzi omusha sha, ovulwe namhlanje ekuseni usuzohlala lomndeni wonke. Kuphinde kwaphuma izinsiza kwizinhlangano ezahlukene ezizimele.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (19 DEC)
Emandulo, imizi eminingi ibiba noGogo noMkhulu, kube abantu asebekhulile. Siyabona kulezinsuku ukuthi oGogo noMkhulu bahamba bayancipha ngeminyaka. Awuke usazise, nisanaye uGogo noma umkhulu egcekeni? Uma bengasekho, abazukulu bahlanganaphi uma sekufika lezi zikhathi zonyaka? Ifestive/iphasika etc. UCWANINGO: iMinyaka yokuphila, phecelezi, Life expectancy, yamadoda nabantu besifazane eNingizimu Afrikha, ayifani. Lokhu kudalwa izimo ezahlukene. iHIV & Aids, ukhuvethe nokufinyelela kwimtholampilo. Ucwaningo esilutholile kulonyaka kwa- STATS SA, olubheke iminyaka yokuphila yethu, ibeke umuntu wesilisa kwiminyaka engama- 63.6 Years, kanti abesifazane ku- 69.2 years. Lokhu kuyaveza ukuthi ngempela iminyaka yoGogo noMkhulu ilokhu yehla.
DANKIE1223 - UMSHADO WESINTU VS UMSHADO OMHLOPHE
Ucwaningo lakwa- STATS SA, luveza ukuthi isifundazwe esihamba phambili ngenani labashadikazi iNorthern Cape. Kubantu abangama- 100 000 kushade abangu 347. Isifundazwe esilandelayo iFree State. Kubantu abangama- 100 000 kushade abangama- 323, bese kuthi eWestern Cape kubantu abangama 100 000 kushade abangama- 300. Uma sibuka iMpumalanga, isona sifundazwe esiphansi kakhulu ngokwezibalo zabashadikazi. iGuateng neWestern Cape ihamba phambili ngemishado ebhalisiwe ngaphansi komthetho we- Civil Union. Bese iLimpopo ihambe phambili ngemishado ebhaliswe ngaphansi kwe- Customary marriages Act, kulandele iKZN, EC neMpumalanga. Sifisa ukwazi kuwe ogane ngokwesintu ukuthi niwubhalisile yini umshado wenu? Kungaba ingokwe- Civil Marriages Act noma Customary Marriages Act? Sikhumbule ukuthi iCustomary marriages act iyasivuma isithembu, kepha iCivil Union ayisivumi.
DANKIE1223 - DISABILITY 360 - KAZOZO INTERVIEW (17 DEC)
Kule- festive sishaya ikhwela lokugqugquzela abaphathi bemicimbi ukuthi beqashe amaciko akhubazekile futhi beqikelele ukuthi imicimbi yabo iyakwazi ukwamukela izihlwele zabantu abakhubazekile. Kumele ucabangele abantu abasebenzisa ama- wheel chair, bazokwazi yini ukungena kumcimbi wakho ngoba nabo bayathanda ukuba ingxenye yemicimbi. Sikhuluma neciko elikhubazekile uKhazozo sizwe ukuthi kuhamba kanjani kule- festive ngokumenywa kwimicimbi.
DANKIE1223 - ZODIAC SIGN - ELSUN NZAMA (12 NOV)
Sikhuluma noElsun Nzama oyi- Astrologer, wazi kangcono ngama- Star Sign nokuthi asebenza kanjani? Siyazi ukuthi kunama- Star/Zodiac Sign ayishumi nambili. Aries: Roughly March 21–April 19 Taurus: April 20–May 20 Gemini: May 21–June 20 Cancer: June 21–July 22 Leo: July 23–August 22 Virgo: August 23–September 22 Libra: September 23–October 22 Scorpio: October 23–November 21 Sagittarius: November 22–December 21 Capricorn: December 22–January 19 Aquarius: January 20–February 18 Pisces: February 19–March 20
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (11 NOV)
Umvikeli wesicoco Nokulunga, Vosloorus eGoli ubhekene No-Nkululeko Ndwandwe eNewlands West, eKZN.
DANKIE1223 - SIDLA NO-DIETCIAN
Isikhathi sikakhisimusi isikhathi seziphuzo ezihlohlozayo, kwazise nemicimbi ithe chithisaka. Yize kumnandi kunjalo, kubalulekile ukunakekela isimo sempilo yethu. Namhlanje sizofunda kabanazi nge- Dehydration, uNelile esiphe amacebo akuyigwema.
DANKIE1223 - GBV (SISIMO SASENINGIZIMU AFRIKHA/ THE STATE OF SOUTH AFRICA 10 NOV)
Namhlanje usuku lokugcina lapho esigubha khona i-16 Days of activisim against women and child abuse. Sivala lezinsuku ngokubuza umlaleli ukuthi uyazi yini ukuthi uma umuntu akashade naye engafuni ukulalala naye, kepha kulalwe naye ngempoqo kuwukudlwengulwa lokho? Sithumele iVN usazise ukuthi uyakwazi lokhu na, futhi ingabe uyakuhlonipha noma ukubona kuyilungelo lakho njengendoda yomuzi?
DANKIE1223 - INJOBO ITHUNGELWA EBANDLA (09 DEC)
KuloDecember, njengeNdoda izithembiso obuzenze kumama ekhaya nezingane zisazofezeka yini? Umi kanjani kukesikhathi nezithembiso zakho kumndeni wakho? Imali iyahlangana noma uzibona uthatha iloan?
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO - AMATHUBA EMISEBENZI (09 DEC)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.
DANKIE1223 - DANKIE MCULO (06 DEC)
Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu noma ungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records. Ngesonto elidlule uThemba usazise ukuthi izinto zixazululwa kanjani uma sekubangwa ingoma Phakathi kwe- artist namaCollective Management Organisations (CMO). DANKIE MCULO! PART 2 Themba takes us through 5 songs or albums that dropped today.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (05 NOV)
Sekuyisikhathi sonyaka lapho esivakasha khona, sivakashe kweminye imindeni noma amalunga emindeni yethu. Izingane zethu sifisa ukuvakasha kwa-Gogo nomkhulu, noma emakhaya, noma kubangani babo. Iqiniso lithi, umuzi nomuzi unemithetho wayo, eminye ijwayelekile,ikakhulukazi uma uvela ekhaya elinomthetho. Eminye kodwa ihlukile, ungaze uthi iyahlukumezana uma ungayijwayela. Namhlanje sifisa ukwazi ukuthi imiphi imithetho yeminye imizi oyaziyo ehlukile kuneyakini noma kwakho? Imithetho ongasiboni Isidingo sayo noma imithetho ongayijwayele ngoba nani nganawo lowomthetho kini.
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (04 NOV)
Umvikeli wesicoco Nokulunga, Vosloorus eGoli ubhekene NoStoney Hlongwane eWhite City eGoli.
DANKIE1223 - XOLISA DLAMINI - LIVE IN CONCERT + INTERVIEW (04 DEC)
Namhlanje sivakashelwe uXolisa Dlamini, osiphe umculo omnandi bukhoma eM1, ucula iJazz.
DANKIE1223 - SIDLA NO-DIETICIAN (04 DEC)
Namhlanje sibuza umlaleli ukuthi ikuphi ukudla asekunakile ukuthi kumqumbisela ngesisu uma ekudlile? Uma esequmbile (bloated) uyake ekuqede kanjani lokhu? Sike sakhuluma nge- Fibre kulengosi ekuqaleni konyaka, mhlampe usuyayiqikelela futhi isiyakusiza, sithumele iVN usazise.
DANKIE1223 - DJ KABILA - WORDL DISABILITY DAY (03 NOV)
Siyabona ezinkundleni zokuxhumana, nakulonyaka uDJ Kabila uyakhala ngezinqinamba abasabhekene nazo nezikhumulo zezindiza njengabantu abakhubazekile. Siyambona ukhala nge- Mthatha Airport nokuhluleka kwabo ukunakekela isihambi esikhubazekile. uDj Kabila usehambe amazwe amaningi kakhulu edlala umculo, ngakhoke uyakwazi ukuqhathaisa Isimo SaseNingizimu Afrikha nesamanye amazwe phesheya uma kuza ekuthuthukeni kokunakekela abantu abakhubazekile.
DANKIE1223- KUBAMBA EZINGELAYO - AMATHUBA EMISEBENZI (02 DEC)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING.
DANKIE1223 - DANKIE MCULO (29 NOV)
Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu noma ungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records. Sesifikile isikhathi sonyaka sezingoma ezishisayo, futhi esizogcina sizwa ukuthi seziyalwelwa. Sekujwayelekile ukuzwa ukuthi amaciko alwa wodwa noma alwa nama- CMO ngokuthi ubani umnikazi wengoma noma kumele ethole iCut engakanani. Namhlanje uThemba uzosazisa ukuthi izinto zixazululwa kanjani uma sekubangwa ingoma Phakathi kwe- artist namaCollective Management Organisations. Uzoke eqale esikhumbuze ukuthi kambe yini ama- Collective Management Organisations. Siyakugqugquzela mlaleli ukuthi uthole ama- Podcast ethu ku- www.ukhozifm.co.za ukuze lonke lolulwazi esesicobelalene ngalo noThemba uluthole, uhlale nalo efonini ukuzikhumbuza. DANKIE MCULO! PART 2 Themba takes us through 5 songs or albums that dropped today.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (28 NOV)
Kuyiqiniso esingeke salibalekela ukuthi bambalwa abantu abathanda noma abafisa ukukhuluphala ngendlela ebenza bengazithembi ngesisindo sabo noma bezizwe benethezekile emzimbeni yabo. Ucwaningo luze lukhombise ukuthi iningi labantu besifazane baphila izimpilo zabo zonke bezama ukulwa noma uku-bhalansa isisindo semizimba yabo. Bona bathinteka kakhulu ngenxa yokushintsha kwemizimba yabo ngezizathu ezahlukene. Uma kuke kwafika iDiet entsha, yaziwa abantu besifazane, uma kukhona umshini noma uCream omusha onciphisa isisu, kwaziwa abantu besifazane, uma kukhona amaphili noma umjovo omusha wokuncipha, kwaziwa abantu besifazane! Kuyimanje babhizi bakhulisa izibalo ze- Ozempic, okungamaphilisi okuncipha kepha atholakala ngoDokotela kuphela. Ukukhula kwalezibalo zabantu abafuna lamaphilisi ukuze benciphe sekuyakhathaza uma kuphawaula umnyango wezempilo eNingizimu Africa. Lokufuneka kwalamaphilisi sekuze kwakha ‘iBlack Market” okuchaze ukuthi, sekwakhekhe enye indlela engekho emthethweni yokuthi kutholakale lamaphilisi. Eminye imibiko ithi inani selifike ku-R25 000 ukutholakala kwalamaphilisi okuncipha, ngezindlela ezingekho emthethweni. Sizokhuluma noDr. Malungi Memela ngamalaphilisi, nobungozi angase ebe nawo kumuntu owathathayo. Kuwena mlaleli sicela usazise uma wazi ngalamphilisi, noma uma wake wasebenzisa indlela ethusayo ukulwa nesisindo somzimba wakho.
DANKIE1223 - WARREN MASEMOLA INTERVIEW (27 NOV)
Namhlanje sikhuluma nomlingisi uWarren Masemola ngezimanga akazanazo njengomlingisi kuhlelo iSkeem Saam njalo ngoMsombuluko kuye kuLwesihlanu, ngo- 19H30. Sithe akesidle iLunch yethu nalenqalabutho kwezokulingisa esihlomule izindondo eziningi ngethalente layo kanti esisalindele okukhulu kuye.
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (27 NOV)
Umvikeli wesicoco UMthokozisi Khumalo eKhayalami (Khayalami) eGoli ubhekene Nokulunga, Vosloorus.
DANKIE1223 - NGIMNYAMA NGIMUHLE (27 NOV)
Sikhuluma noSis Zoe Ntsokontsoko oyi-Beautician ezimele, unendawo yakhe eNewtown Junction Mall lapho akenza khona yonke into emayelana nobuhle. Kungaba ukulapha isikhumba sakho ngaphakathi nangaphandle, izinzipho, i-Make up ngisho nezinwele. uSis Zoe uwufundele lomsebenzi, wenze iSomatology okuyizifundo zobuhle. Siyakugqugquzela ukuthi uzitholele lezingxoxo esesibe nazo izinyanga ezine kuma- podcast ethu- www.ukhozifm.co.za
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (20 NOV)
Umvikeli wesicoco UMthokozisi Khumalo eKhayalami (Khayalami) eGoli ubhekene Sbo Shozi eAmaoti, eNanda.
DANKIE1223 - ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKHA/ THE STATE OF SOUTH AFRICA (26 NOV)
Unyaka ka- 2024 ububaluleke kakhulu ngenxa yokubungaza iminyaka engamashumi amathathu eNkululeko. Ziningi izindlela izakhamuzi ebezibungaza ngayo leligxathu elingaka kumlando wethu njengezwe emhlabeni wonkana. Nathi siyi- SABC sikhulume kakhulu ngokubaluleka kokuzibuka ukuthi sisukaphi, sazuzani kuleminyaka engamashumi amathathu enkululeko. Namhlanje sizobheka ingxenye yezokuvakasha esenza siziqhenye ngokuba izakhamuzi zaseNingizimu Afrikha. Amapaki aqukethe umnotho wezwe lethu ngokukwazi ukuxoxa ngomlando wendawo, noma izwe lonke endaweni enhle futhi enokungcebeleka. Sikhuluma ngoGugu Dlamini Park, mawuseThekwini, Isimangaliso wetland Park, Cradle of Human Kind, Robben Island namanye amaningi kuzifundazwe zethu kokwehlukana. Namhlanje sikhuluma nabakwaFreedom Park Hertage Site, abasePretoria. Sikhuluma noSlindokuhle Shamase oyi- Head of Department For Heritage & Knowledge Unit.
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (26 NOV)
Sivala uchungechunge lwezingxoxo esibe nazo nabantu abakhubazekile, abafundile kepha umsebenzi bengawutholi. Sikwenze lokhu sibambisene ne-Qhakaza Disability Movement esungulwe omunye wabalaleli bethu abangaboni uMnu. Mhlanguleni Ndebele. Namhlanje sikhuluma noSakhile Makhoba oneziqu ezilandelayo; - Bachelor of Social Science, majoring Ethics & HR Management - UKZN MHLANGULENI INTERVIEW Sivalelisa futhi sibonga uMhlanguleni ngokusisiza ngabantu abakhubazekile kepha abaneziqu eziningi futhi ezibalulekile. Asizwe kuye ukuthi ubambisane kanjani nathi, kanti umhlaka 03 Dec iWorld Disability Day bazowubungaza kanjani njenge- Qhakaza disability movement.
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO (25 NOV)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Imimoya isiqala ukuba phezulu, kubhekwe kumaholidi, sibuka ukuthi ingosi, Kubamba Ezingelayo iziguqule kanjnai izimpilo zabantu abasha base South Africa.
DANKIE1223 - INJOBO ITHUNGELWA EBANDLE (25 NOV)
Namhlanje ayikho incwadi, kepha sifisa ukubuza abadoda WODWA ukuthi azizwa kanjani uma kuqalwa imikhankhanso yo- 16 Days of Activism. Against Women & Child Abuse. Bazizwa beyingxenye yalenkulumo noma bzizwa behlaselekile. Kungani uzizwa kanjalo, noma awunendaba nemikhankhaso enje emiphakathini? Thumela iVN, Usishayele nocingo ukhulume bukhoma nabasakazi bethu namhlanje.
DANKIE1223 - DJ SABBY INTERVIEW
Sikhuluma nomsakazi wase- Metro FM, uSabelo Mtshali odume ngelika- Dj Sabby, ushayela uhlelo lwasekuseni khona- Best Mornings noKandis Kardash, Owen Hanni & Zandile Hopa. uBestie wethu uvakashele thina namhlanje.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (21 NOV)
Namhlanje sifisa ukwazi kuwe mlaleli ukuthi isiphi isipho esibizayo kunazo zonke owake wasithola kumuntu othandana naye noma ongumngani kuwe? Kungaba izimpahla zokugqoka, izicathulo, iPerfume, isikhwama, impahla yasendlini, imoto, indlu, noma yini eyisipho esibiza kunazo zonke owake wazithola?
DANKIE1223 - SIDLA NO- DIETICIAN (20 NOV)
Sekuyileso sikhathi sonyaka semicimbi yokuvala unyaka. Lapho othola zonke izinhlobo zezibiliboco neziphuzo ezihlohlozayo. Kunabantu kuyimanje abasalwa nomkhaba wasebusika, isikhathi sokunciphela uZibandlela sesiphelile. Awusazise ukuthi kulonyaka ukhulphalile noma unciphile, usazise nesikalo uma usazi. Sikhuluma noDietician wethu uNelile Nxumalo, uzosipha izeluleko zokugwema ukukhulphala ngalesikhathi sonyaka.
DANKIE1223 - ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKHA/ THE STATE OF SOUTH AFRICA (19 NOV)
Ngokombiko weUnited Nations wanyaka odlule- kunabantu abalinganiswa ku-3.5 billion abasaphila ngaphandle kwezindlu zangasese ezifanele, futhi ezigcina isidima somuntu. Kusanabantu abawu 419 million abazikhulula endle ngaphandle kwezindlu zangasese ezifanele. Lenkinga iyasithinta nathi njengezakhamuzi zaseNingizimu Afrika, ikakhulukazi ezikoleni zasemakhaya, awusithumele iVN usazise ngezindlu zangasese ngakini, ezikoleni ikakhulukazi. Ingabe isimo siyashintsha noma sisafana? Namhlanje sikhuluma Queen Mgobozi osuka kwa- Unilever, ngalenkinga ebhekene neNingizimu Afrika.
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (19 NOV)
Singena kuchungechunge lwezingxoxo esizoba nazo nabantu abakhubazekile abafundile, abanye bathi sebeyasebenza abanye abakawutholi umsebenzi. Kulezingxoxo sibambisene ne-Qhakaza Disability Movement esungulwe omunye wabalaleli bethu abangaboni uMnu. Mhlanguleni Ndebele. Namhlanje sikhuluma noBhekani Ngcobo oneziqu ezilandelayo; - Bachelor of Social Science in Government Business & Ethics - Bachelor of Commerce Honors in Human Resource management - UKZN
DANKIE1223 - INJOBO iTHUNGELWA EBANDLE (18 NOV)
Ngibingelele kunina basakazi bami engibathandayo, ngiyathemba niyaphila kanti futhi anakakhathali kakhulu njengoba sekuyilesikhathi salonyaka futhi sibheke kunina ukuthi nisiphe iRadio emnandi nge-festive. Nginenkinga la basakazi, inkinga yami ukubuka iPorn, izithombe nama-video abantu abalekelelana ukufika eMaritzburg, njengoba ngakengezwa uZimiphi esho. Uma ngivuka ekuseni, ngaphambi kokuya emsebenzini ngiyayibuka ngizisize, ebusuku futhi ngaphambi kokuthi ngilale ngiyaphinda ngiyibuke ngizisize ukuzo kuzolaleka, sekunzima ukulala ngingazange ngiyibuke. Inkinga yami entsha ukuthi lomuzwa usungifikela ngisho ngisemsebenzini. Ngizithola ngifisa ukubuka lezithombe nama- video kwi-Phone yami ngesikhathi sekhefu lami. Ngisakwazi ukuzikhuza okwamanje, kodwa angazi noma gizonqoba yini. Nginayo intombi, futhi iyangivakashela. Ukubuka lePorn akusiphazamisi ebudlelwaneni bethu. Uyazi ukuthi ngiyayibuka kepha akazi ukuthi ngiyibuka kangakanani. Uma ekhona asikho Isidingo sokuyibuka, kepha uma sizithokozisa ngizithola ngicabanga lama- video engiwabukayo. Ayikho inkinga kulokho kodwa ngoba yena akazi, uthokozela lokho esisuke sikwenza. Unembeza wami usuyangilahla manje, akumele kubenje. Nginama- Video engingawalinganisa kwamashumi amahlanu (50) efonini yami yalemikhuba. Uma ngiwa- deletha alipheli isonto ngingawatholanga amasha. Angazi noma sengidlule na! Ngicela abafowethu abeke babhekana nalenkinga bengiluleke, bayeka kanjani? Benza kanjani ukuthi begweme ukuwabuka njalo lama- video nezithombe? Noma mhlampe ayikho inkinga, imina ozikhathaza ngobala? Imina Ozithobayo: Ongathandi Ukuzidalula
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO (18 NOV)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Isihloko: Kuqala isikhathi la esibheke khona kumaholidi, wonke umuntu ufuna ukuba nemali eningi. Namhlanje siqwashisa ngezikhangiso zemisebenzi ezingesilo iqiniso ezizogcwala kwi- social media. Sibuka ukuthi ungakugwema kanjani ukuthi ungabi yisisulwa salobugebengu.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (14 NOV)
Izindaba ezimnandi zithi uPetrol noDiesel kuzokwehla ngenani elilinganiswa ku- R2 kuloZibandlela. Lezi izindaba ezimnandi uma ubuka ukuthi selokhu kwadlula uthanqa wokhuvethe amanani ka- Petrol, Diesel noParaffin alokhu enyukile obekuklinya abantu abaningi, ikakhulukazi ngesikhathi sikaKhisimusi. Izindaba ezifana nalezi zibuyisa ithemba ngomnotho wethu, kanye nangohlobo lwaKhisimusi izakhamuzi zaseNingizimu Afrikha ezizoba nawo kulonyaka. https://businesstech.co.za/news/energy/799067/r2-petrol-price-joy-for-south-africa/ Namhlanje sifisa ukwazi ukuthi uma uyothela eGarage, ingabe uyamnika yini umuntu okwethela uPterol/Diesel? Noma umnika iTip uma ehlanze iWindscreen yakho? Abantu abagada izimoto emaParking bona? Uyabanika amaTip, uma ubanika kusuke kwenzenjani? Uma ungabaniki isiphi isizathu? Iqiniso lithi, uma unemoto kuyenzeka upake kumaParking amaniningi ngosuku, ingabe kumele siba-Tiphe bonke Labantu kulama- Parking? Umuntu ogade kumaParking simnika imali yani? Bayakwazi yini ukuvikela izimoto zethu uma sezitshontshwa, kwazise, abaphethe ngisho izinsiza zokuzivikela. Asikhulume.
DANKIE1223 - MISS LEVEL X NTENCANE INTERVIEW (15 NOV)
Sekuyisonto manje kuTrenda izigemegema zikaMama noBaba wengane odumile, sikhuluma ngeBeef noma iChicken ephakwathi kukaNtencane nomama wengane yakhe, uMiss Level. Namhlanje sikhuluma nabo bobabili, sizizwele kubona ukuthi inkinga isukaphi, kanti sebekuphi manje ngobudlelwano babo ndawonye njengabazali.
DANKIE1223 - ISIFO SIKASHUKELA (WORLD DIABETES DAY) INTERVIEW (14 NOV)
Sigubha Usuku Lokuqwashisa Ngesifo Sikashukela Emhlabeni Wonke Jikelele. Namhlanje usuku lokuqwashisa ngoshukela, lolusuku olwabantu abaphila nalesifo, kanye nabantu abasencupheni yokuthola lesifo. Sikhuluma noSanelisiwe Mazibuko okhule naso lesifo sikashukela kusukela ngo –1996 esafunda ePrimary. Useyinxusa lalesifo njengoba engagcini ngokufundisa ingane yakhe kuphela ngaso, kepha nomphakathi wonke waseNingizimu Africa.
DANKIE1223 - SIDLA NO- DIETICIAN (13 NOV)
Umhlaka 14 kuLwezi usuku lokugubha ‘iWorld Diabetes Day’, okusho ukuthi kukhulunywa, kuxwayiswe, kufundiswe ngesifo sika shukela. Namhlanje sicela ukuzwa kubalaleli abathi baphila naso lesifo. Abanye bazalwa naso, abanye sabaqala besabancane kanti abanye sibafice sebebadala. Awusazise ukuthi sikuphoqa ukuthi uyiphile kanjani impilo yakho? Sikuhlukumeza kanjani uma sesikuhlukumeza? Ikuphi ukudla ongasakuthinti ngenxa yalesifo?
DANKIE1223 - NGIMNYAMA NGIMUHLE (13 NOV)
Sikhuluma noSis Zoe Ntsokontsoko oyi-Beautician ezimele, unendawo yakhe eNewtown Junction Mall lapho akenza khona yonke into emayelana nobuhle. Kungaba ukulapha isikhumba sakho ngaphakathi nangaphandle, izinzipho, i-Make up ngisho nezinwele. uSis Zoe uwufundele lomsebenzi, wenze iSomatology okuyizifundo zobuhle. Siyakugqugquzela ukuthi uzitholele lezingxoxo esesibe nazo izinyanga ezine kuma- podcast ethu- www.ukhozifm.co.za
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (13 NOV)
Umvikeli wesicoco UThembinkosi Dlamini KwaThema ubhekene Mthokozisi Khumalo eKyalamai (Khayalami) eGoli.
DANKIE1223 - SPAZA SHOPS (ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKHA/ THE STATE OF SOUTH AFRICA)
Abaholi abambalwa sebehlabe ikhwela kuHulumeni ukuthi avale izipaza emalokshini eqale uhlelo olusha oluzoqiniseka ukuthi abaphathi bezipaza izakhamuzi zaseNingizimu Afrika, futhi zinobufakazi balokhu. Uma sibuka imboni yezipaza, ucwaningi lwakwa- Trade Intelligence lukhombisa ukuthi lemboni yenze uR197 BILLION ngonyaka odlule. Lemboni isiza abantu ababalelwa ku- 11.1 Million emalokshini nasezindaweni ezisemakhaya. Kuqagulwa ukuthi kunezipaza ezingu 150 000 eNingizimu Afrikha, ezibambe elikhulu iqhaza kumnotho owakhiwa imikhiqizo yokudla nezinsiza. Lezizibalo zikhombisa ukubaluleka kwalemboni, nokuthi iphathwe izakhamuzi zaseNingizimu Afrikha. Iqiniso lithi, izipaza eziningi zisaphethwe izakhamuzi zakuleli, kepha ziqashisa abantu bokufika kulezitolo zabo bengazibambeli bona mathupha noma beqashise izakhamuzi zakuleli. Umbuzo omkhulu uthi: Kungani singaziphatheli thina lezitolo eziqalwe ithina emiphakathini yethu? Kungani sivuma ukuqashisa abantu bokufika singabaniki abakuleli? Sisangakwazi yini ukuziphathela zona lezitolo uma umthetho ohlongozwayo uphumelela zivalwa bese kuba impoqo ukuthi ziphathwe noma ziqashwe izakhamuzi zaseNingizimu Afrikha kuphela?
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (12 NOV)
Singena kuchungechunge lwezingxoxo esizoba nazo nabantu abakhubazekile abafundile, abanye bathi sebeyasebenza abanye abakawutholi umsebenzi. Kulezingxoxo sibambisene ne-Qhakaza Disability Movement esungulwe omunye wabalaleli bethu abangaboni uMnu. Mhlanguleni Ndebele. Namhlanje sikhuluma noThobeka Khumalo oneziqu ezilandelayo; - Degree : Bachelor of Social Sciences Majored in History & Criminology - Currently Studying Post Graduate Certificate in Education (PGCE) - University of Kwa- Zulu Natal
DANKIE1123 - INJOBO ITHUNGELWA EBANDLE (11 NOV)
Kuhlala kuthiwa indoda ayikhali kepha ngibhala le ncwadi amehlo abomvu izinyembezi azibambeki ziyazigobhozela okoThukela lungenisa olwandle. Akukhona ukuthi ngikhaliswa yisimo esinzima esiphila ngaphansi kwaso ezweni ngenxa yobugebengu obudlangile, ubumpofu nokusweleka kwamanzi. Angikholwa msakazi ukuthi buyoke bube khona ubuhlungu obufika ekugulelweni ngumzali omthandayo naye okuthandayo. Ngiphonsa inselelo ngithi ayivele indoda eyake yaqinisela unina engaphathekile. Ukube kuyabolekwana ngabe bonke ubuhlungu nemicabango edlala emqondweni kamama ngikuthatha konke kuthwalwe yimi. Angithi mina ngiyindoda, indoda ayikhali. Mhlawumbe bengizoqinisela ngiyibambe ishisa kunokuthi iminjunju inethe umama. Awukho namunye umzuzu odlula ngingacabanganga ukuthi yingabe lezo zinhlungu - ezehlula amaphilisi nemijovo yodokotela abafunde bagogoda – zinjani. Ubuthongo sengibuzwa ngendaba kwazisa uma ngivala amehlo kudlala ifilimu yokuthi ngiyozibhekelwa ngubani izingane zakwethu uma kungaba khona okwenzakalayo. Kwawona lowo mcabango awucabangeki kepha uyazifikela emqondweni. Ngiyoqala ngaphi ngibikele izihlobo nomakhelwane ngomkhuhlane oyobe uvelile? Ngiyothi wemah asabelephi sezinginetha ezami njengoba kulikhuni kangaka ukuba yindoda kulezi zinsuku? Kuthiwa indoda ayikhali kepha kulokhu ziyaziqathakela. Nkosi susa imicabango engemihle kusale ithemba nokukholwa ukuthi konke lokhu kuzodlula. Susa lezo zinhlungu kusale impilo. Susa ukwesaba novalo kumama, ezinganeni zakwethu nabazukulu nakimi uqobo sikholwe ukuthi yizivivinyo zesikhashana lezi. Kuthiwa indoda ayikhali kepha kulokhu sekungamane kuthiwa ngiyindoda ethambile. Akukho ukuqinisela kulobu buhlungu engibuzwayo. Imina u-anoymous
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO (AMATHUBA EMISEBENZI 11 NOV)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Akekho uMam’ uMbongwa namhlanje, kodwa siyaqhubeka sikhuluma nawe mlaleli osabheka umsebenzi noma onezingane ezibheka umsebenzi.
DANKIE1223 - DANKIE MCULO (08 NOV)
Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Ngabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wezomculo noma ungumlamdeli wawo, sondela, njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records. Namhlanje sibheka udaba olukhulunywa kakhulu kulezinsuku njengoba kunezikhalazo zokuthi uma ingoma iduma kakhulukazi eyomuntu owaziwayo kodwa lo ocula kuyo noma ahambisana naye (featured) kubonakala sengathi akahlomuli kulokuduma kwengoma noma akaziwa. Sibheka ukuthi ngabe ijoka likabani ukuqinisekisa ukuthi ‘the up and coming or featured artist’ liyaphumelela nalo futhi likhule.
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (06 NOV)
Umvikeli wesicoco NoScavenger Siboniso Sompisi eTsakane eGauteng ubhekene Thembinkosi Dlamini KwaThema.
DANKIE1223 - SIDLA NODIETICIAN (06 NOV)
Ukufika kwezobuchwepheshe kuthusa abantu abaningi ngexa yamathuba omsebenza angase aphele ngenxa yabo ubuchwepheshe. Kepha futhi angeke sakuphika ukuthi ubuchwepheshe buzokwenza izimpilo zethu zibelula ngezindlela eziningi, kanti futhi siyabona indlela obulekelela ngakho osomabhizinisi abasafufusa ukuthi bekhule bendlondlobale ngenxa yokukwazi ukusabalalisa ulwazi lemikhiqizo yabo eyahlukene kumakhasimende aseduze nalawo akude nawo. Amabhizinisi amancane asekwazi ukusheshe ekhule ngenxa ye- Technology, lokhu okubizwa ngokuthi “scalability” kwezamabhizinisi. Namhlanje, sihamba noSisi uMathebe, osebenzise ubuchwepheshe ukukhulisa elakahe ibhizinisi lemikhiqizo, kanye namabhizinisi abanye osomabhizinisi abasafufusa kumkhakha wezobuhle. uMathebe Mosile ungumsungile we-App eyaziwa ngokuthi i-Beauty
DANKIE1223 - SIDLA NODIETICIAN (06 NOV)
Kuyenzeka ngesinye isikhathi uzithola udla ukudla okungahambisani nawe, uthole ukuthi kuyakugulisa, sike sakhuluma ngalokhu kuqala unyaka. Lokhu kwaziwa ngeFood Allergy okuhlukile kune- Food Poisoning. Sikhuluma noDietician wethu uNelile Nxumalo nge- Food poisoning.
DANKIE1223 - ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKHA/ THE STATE OF SOUTH AFRICA (05 NOV 2024)
Usuku lwanamhlanje lukhulu kakhulu emhlabeni wonke jikelele- Ukhetho lwaseMelika Phakathi kumaDemocrats, amelwe uKamala Harris, kanye namaRepublicans amelwe uDonald Trump. Umongameli abazomkhetha uzoshintsha imithetho eminingi engase ibe nemithelela kumazwe amaningi emhlabeni. Kuyaziwa ukuthi izinto eziningi ezintsha ezimayelana nomthetho, amalungelo abantu kanye nempilo phecelezi iLifestyle yabantu isuke iqale eMelika. Nathi eNingizimu Africa kuningi osekuze kusifanise neMelika, okunye kuhle kanti okunye akuthandeki. Uma ubuka iNingizimu Afrikha, iziphi izinto noma indlela yokuphila ozibuka emphakathini obonayo ukuthi lezi ziyincaphezelo zaseMelika namasiko nempilo yakhona, akusikho okwethu. Ungabuka ezomthetho, izakhiwo, ezemfundo, amalungelo nenqubomngomo yempilo esiphilwa manje.
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (05 NOV)
Namhlanje sikhuluma noSgwili noPinky First Lady ngenxa yomcimbi omkhulu ozobe wenzeka uma siphothula lenyanga ka- Lwezi. uLwezi inyanga yokubungaza nokuqhakambisa umphakathi wethu wabantu abakhubazekile ngezindlela esahlukene. Akugcini lapho, kepha siyagqugquzelwa ukuthi sizihluphe ngokusebenzisana nokwelekelela abantu abayingxenye yalomphakathi. Siwumsakazo Ukhozi FM , sibambisene neWe Can Festival ezobe isijabulisa ngmcimbi wabo ogubha iminyaka eyilishumi ilokhu inika amaciko akhubazekile ithuba lokuziveza amakhono abo kumkhakha wobuciko.
DANKIE1223 - INJOBO (04 NOV)
Msakazi saze samanzonzo isimo somnotho eNingizimu Afrika. Yaze yabuhlungu inhliziyo yami uma ngicabanga imindeni ephila ngoR350 nemali yesibonelelo sezingane okuthiwa ‘eyeqolo’. Njengoba u10kg wempuphu ungaphezulu kwama Khulu amaRandi R100 - R150, u-10kg weRice udonsa kumakhulu amabili amaRandi R170-R200, isishebo siphuma kanjani lapho basakazi bami? Ukudla kwasekuseni okunemisoco edingwa izingane zethu ukuthi zifunde kahle esikoleni usuku lonke kuphumaphi? Angisaphathi ushukela wetiye nezithelo nemifino esiyidingayo ukuze kuqine amasosha emzimba yethu? Empeleni msakazi, sisenjeni! Lomnotho usikhama konke esinakho. Ingakho ngingathuki kakhulu manje uma ngibona izinga lokubanjwa kwezimoto zemali, phecelezi amaHeist likhula. Ingakho ngingathuki uma ngibona ukubhebhetheka koku-hakwa kwezincingo zabantu ukuze izigebengu ziqole ama- account noma ama-contacts ababtu. Sisathuswa yini msakazi uma sibona izikhangiso ezithembisa amagundane emali noma amaqhinga emithi eletha inhlanhla yemali? Akusafihlwa ngisho ukuthwala, uthwalele ingcebo, angithi isimo somnotho siyabheda! Uma uyindoda lengcindezi ikume emqaleni kakhulu ngoba kumele unakekele wena, abasekhaya kini, nomuntu othandana naye. Ngiyakuzwela uma usanentombi engaphuzulu kweyodwa, kushuthi wena uphila ukusebenzela abantu besifazane. Ewu, kwaze kwanzima. Nazi nezinkundla zokuxhumana zisidlisa ngamaphayipi, abadla izambane likapondo belokhu besitshengise izimpilo zabo ko- Diamond noPlatinum walk. Uvele ukhale ubona ama-Influencer ethenga izikhwama zoR122 000 - jehova! Umholo wami wonyaka wonke nje lona?! Uthi Angeke wangifikela umqondo wokuthwala msakazi? Umqondo wokukhwabanisa angeke ukuvuse ebusuku msakazi? Ukuqola abahlwempu kona? Iqiniso lithi yonke lemicabango ngiyicubungula iviki neviki, kuphela nje ngihlushwa ubuvaka nonembeza ongangikhokheli, ongawuphilisi umndeni wami noma ungibhukhele ithikithi eliya eFrance. Ngiyazi konke lokhu akulungile msakazi, kepha isimo somnotho isona esingibangela ingcindezi enzima kabi. Ngize nginane ngcindezi yokukhuluma nabangani bami, sengikhathele ukukhala ngemali nyanga zonke! Umholo wami awanele! Isondlo sezingane asanele! Impesheni KaMa ayanele! Sigh! Kulezinsuku ngizibuza ukuthi ikona kuphi okungcono ukushaya iHeist noma ukuthwala? Ijele ngabe lingcono kunesiqalekiso sokuchitha igazi lesilwane Njalo noma ukunikela ngoGogo wami ovele osemdala, oseyiphilile impilo yakhe? Yoh! Nginenhliziyo embi neh?! Ngenzenjani? AMA-Interest rates angibambe phansi! I-Inflation ayinginike Thuba lokuzijabulisa mina, eyami impilo inomkhawulo. Kwaze kwanzima. Ngidiniwe! Ngikhathele! Ngibuhlungu! Ngempilo yami, ngekusasa lami. Angazi noma nginayo yini iminyaka emihlanu okuthiwa Kumele siyibekezele ngaphambi kokuba izinto ziqale ukukhanya, umnotho wezwe lonke uqale ukuthuthuka futhi. Indlala nengcindezi sibhekene nakho manje! Ngiyazi ukuthi mabethi ‘Thatha lento ayinabungozi’, basuke bekhuluma namadoda. Nakhu ngizithola ngilingeka bafwethu, amarazo amadala ayaphila, ngisho abafowethu abancane basidlisa ngamapayipi kulesimo somnotho, kanjani? For sure kunobugebengu Phakathi, nami sengicabanga ukuzidela kubo. Ngicela ningangihluleli, futhi ningazenzi ngcwele ngami. Odangalele- Anonymous.
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO (04 NOV)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Sikhulume kakhulu ngokumele kwenziwe obizelwe kwi nhlolokhono. Sesigoqa, ake sibuke ukuthi imaphi amalungelo i candidate enawo ngesikhathi kuqhubeka inhlolokhono.
DANKIE1223 - BLAQ MAJOR INTERVIEW (01 NOV 2024)
Sikhuluma nobhuti osemncane odabuka khona la- EThekwini. Umculo wakhe, iphimbo lakhe kanye nesigqi sakhe sesichaze abaningi eNingizimu Afrikha. Kuyimanje unengoma eshisa izikhotha ethi “Sdakiwe Sbali” ejabulisa ngisho abangakuthinti!
DANKIE1223 - DANKIE MCULO (01 NOV 2024)
Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya. Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu noma ungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records. 1st SEGMENT: MUSIC CONTENT Ubuyile umThimbane, namhlanje sizothi ukukhuluma kancane ngama- SAMA (South African Music Awards) enzeka kusasa eGallagher Convention Centre, laphokhona osaziwayo bethu namaciko bazobe beyohlonishwa ngemisebenzi yabo emihle kwezomculo. Siyakugqugquzela mlaleli ukuthi uthole ama- Podcast ethu ku- www.ukhozifm.co.za ukuze lonke lolulwazi esesicobelalene ngalo noThemba uluthole, uhlale nalo efonini ukuzikhumbuza.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (31 OCT)
Iyiphi into ebuhlungu mhlampe futhi engenabulungiswa osuze wayamukela empilweni yakho? Sithumele iVN uphendula lombuzo, ungacabangi kakhulu, iba neqiniso nawe, kukhona into noma izinto osuze wazamukela, hai ngoba kufanele, kepha ngoba uzibona unganawo Amandla okukhetha okunya noma okulindela okunye.
DANKIE1223 - SABC PLUS INTERVIEW (31 OCT)
SABC Plus interview with our contributor Zipho Gumede.
DANKIE1223 - SIDLA NO- DIETICIAN (30 OCT)
Sikhuluma noDietician wethu uNelile Nxumalo nge- Year End Fatigue, esikhulume ngayo ngomsombuluko kwingosi yethu “Siyathesha”.
DANKIE1223 - ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKHA/ THE STATE OF SOUTH AFRICA (29 OCT)
Sihamba nomnyango wezokuthutha ngenyanga exwayisa ngezokuthutha, nathi kuhlelo, kulamasonto amabili alule sibuke lemboni yezokwethutha sakhuluma nabantu abasebenza nabaphila kuyo. Asiqedile, namhlanje sinoBaba uZondi ukuyivala kahle inyanga yethu ngolwazo oluthe thuthu ngama- Driving School nemithetho abafundisa yona abafundi babo.
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (29 OCT)
Singena kuchungechunge lwezingxoxo esizoba nazo nabantu abakhubazekile abafundile, abanye bathi sebeyasebenza abanye abakawutholi umsebenzi. Kulezingxoxo sibambisene ne-Qhakaza Disability Movement esungulwe omunye wabalaleli bethu abangaboni uMnu. Mhlanguleni Ndebele. Namhlanje sikhuluma noNtokozo Ronald oneziqu ezilandelayo; - BACHELOR DEGREE IN COMMUNITY DEVELOPMENT & ANTROPOLOGY - HONOURS DEGREE IN ANTHROPOLOGY
DANKIE1223 - INJOBO iTHUNGELWA EBANDLE (28 OCT)
Basakazi bami abahle, anginibingelele ngithembe isonto esikulo lizoba lihle kakhulu kuthina sonke. Msakazi, ngineminyaka engamashumi amathathu nambili (32), ngonyaka odlule ngathatha isinqumo sokuvusa umuzi kababa, angithi imina omdala ekhaya, inkosana, ngakho-ke besekuphoqa ukuthi ngithathe umalokazana ozosiza isalukazi sami, engisize ngibe inhloko yalomndeni, ikakhulukazi njengoba ubaba engasekho. Msakazi, amalobolo ahamba kahle, saqeda, imindeni yajabula. Sengimkhehlile, ngamembesa futhi, sekushoda ukuthi sigcagce. Inkinga yami iqalaphi nah? Ekhaya sinemizi emibili, owodwa osemakhaya eSouth Coast nomunye oseSarnia, lapho umuntu akakhulele khona kakhulu, sathola inhlanhla yokufunda ezikoleni ebezibizwa ngokuthi ama- ‘former Model C’. Yize umuntu esebenza kodwa isimo somnotho ngendlela esime ngayo, kunzima ukuzimela ngendlela ofisa ngayo. Kuyimanje ngisahlala ekhaya nodadewethu ongilamayo, nomama kanye nomzala ohlala nathi ngoba efunda eUKZN. uDadewethu akasebenzi, kanti nomama usehola impesheni. UBaba wasisiza wasishiya nomuzi osukhokhelwe, kepha konke okunye kubheke mina. Ngicele ingodosu yami ukuthi izohlala nathi kulomuzi noma iminyaka emibili/emithathu ngaphambi kokuthi sizame ukuthola owethu. Ngizohluleka Msakazi ukukhokha iRent yethu ngiphinde nginakekele nekhaya. Kodwa yena akakuzwa lokhu. Uthi akafuni ukuhlala nomndeni wami, yize kungaxatshenwe kepha uzama ukugwema lokho futhi ufuna ukukhululeka kwakhe. Ngiyakuzwa konke lokhu msakazi, kodwa isimo sami sezimali asivumi, ikakhulukazi ngoba sisamelwe umshado. Angazi ngimise kanjani uma kunje. Bengithi lonyaka uzophela sesigcagcile, kepha angiboni ngoba kuzomele ngibe nemali yendawo yethu entsha yokuhlala futhi. Sengicabanga ukuthi ngilinde noma iminyaka emibili ngiqongelela imali ngaphambi kokushadelwa ngokwephelele ukuze engeke ephoqeke ukuhlala ekhaya. Hai kunzima ngoba nokuhlala eflathini abasathandi abantu besifazane, bathanda ama- Estates ngenxa yokuphepha nenhlanzeko yakhona, kodwa ayabiza bo! Ukuthenga noma ukuqasha khona, konke kuyabiza. Angazi noma abafowethu bengangeluleka kulenkinga nokuthi kumiswa kanjani uma kunje? Imina Ozithobayo: Ongathandi Ukuzidalula.
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO (28 OCT)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Namhlanje sizoqhubeka ngokukuchushisa ngenhlolokhono. uMama uMbongwa uzosicebisa ngamaphuzo akubeka emathubeni okuqasheka (lokhu esithi ukuze ube ‘emplyable’)
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (24 OCT)
Inkantolo enkulu yase- Bloemfontein (High Court) isithathe isinqumo esivuna amadoda afisa ukuthatha isibongo sikaNkosikazi wakhe ukuthi esithathe. Isinqumo sithi, akasaphoqekile umuntu wesifazane ukuthi ethathe isibongo samyeni wakhe uma engafisi. Ngoba lesinqumo sikhuluma ngamalungelo atholakala kusomqulu wamalungelo umthetho sisekelo waseNingizimu Afrika, kuzomele sihlaziwe kabanzi inkantalo ephakeme yamalungelo – iConstitutional Court. Lungakafiki eConstitutional Court loludaba, sifise ukubuza abalaleli ukuthi bazizwa kanjani ngalomthetho ohlongozwayo? Ungavuma wena ukuthatha isibongo sikaNkosikazi wakho? Ungavuma umyeni wakho ethathe esakho isibongo? Kona ukusishintsha uyafana? Kuzobe kungaqali, uma sibuka umndeni wakwa- Mandela, abayeni bakhona bajwayele ukuthatha lesibongo, nabazukulu, ngisho bengazalelwa emshadweni.
DANKIE1223 - NAIMA K INTERVIEW (24 OCT)
Sikhuluma nosisi odabuka ePortshepstone kumndeni wakwa- Khumalo, usezakhele udumo ngephimbo lakhe elihlukile futhi elimtoti. iNingizimu Afrika imazi njengo – Naima, kepha ekhaya ubizwa ngoLungile Khumalo.
DANKIE1223 - SABC PLUS INTERVIEW (24 OCT)
Sino Zipho Gumede ozosazisa kabanzi nge-content ehlukahlukene kule- App ngamasonto wonke.
DANKIE1223 - SOWETO CENTRAL CHORUS (23 OCT)
Sikhuluma neSoweto Central Chorus ezokhipha ingoma neLadysmith Black Mambazo kuloLwesihlanu esiya kuwo kumcimbi ozobe use-Brynston eGoli. Lomcimbi uzobungaza iminyaka engamashumi amathathu eNtando Yeningi neNkululeko, ikakhulukazi kwezomculo asekhaya, onesigqi nomlando wethu njengama- Afrikha.
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (23 OCT)
Umvikeli wesicoco Senzo eThanda Ukukhanya, eMpumalanga ubhekene NoScavenger Siboniso Sompisi eTsakane eGauteng.
DANKIE1223 - NGIMNYAMA NGIMUHLE (23 OCT)
Ukhona usis Zoe Ntsokontsoko oyi-Beautician ezimele, unendawo yakhe eNewtown Junction Mall lapho akenza khona yonke into emayelana nobuhle. uZoe uyi- Somatologist ngokweziqu zakhe, okungumuntu ofundele ezobuhle. Siyakugqugquzela ukuthi uzitholele lezingxoxo esesibe nazo izinyanga ezine kuma- podcast ethu- www.ukhozifm.co.za Ngesonto elidlule uZoe uthinte amagama amabili akhuluma ngesithako esithanda isikhumba somuntu. Sizofunda kabanzi ngalezizithako nomsebenzi wazo, bese sivala ngokubaluleka kuka- Vitamin C ukukhazimulisa isikhumba sakho kuleli hlobo.
DANKIE1223 - SIDLA NO- DIETICIAN (23 OCT)
Sikhuluma noDietician wethu uNelile Nxumalo ngokudla okufanele kulesikhathi kubafundi ba- matric class of 2024.
DANKIE1223 - ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKHA/ THE STATE OF SOUTH AFRICA (22 OCT 2024)
Ngesonto elidlule sikhulume ngezinhlobo ezahlukene zokuthutha ezitholakala eNingizimu, sabheka nalezo ezisetshenziswa abalaleli bethu kakhulu, kwaphuma phambili amaTekisi, amabhasi kanye nesitimela. Kubekhona isililo esikhulu ngamatekisi nempatho etholakala koDriver kulemboni. Namhlanje sifisa ukunika osomatekisi, abashayeli bamabhasi noma izitimela ithuba labo lokubhodla. Sithumele iVN yakho usazise izinto ezenziwa abagibeli ezinihlukumezayo noma zinisebenzise kanzima? Sizokhuluma noSihle ongumshayeli wetekisi ngaphansi kwe- Association yakwa- Maashu.
DANKIE1223 - DISABILITY 360 (22 OCT)
Singena kuchungechunge lwezingxoxo esizoba nazo nabantu abakhubazekile abafundile, abanye bathi sebeyasebenza abanye abakawutholi umsebenzi. Kulezingxoxo sibambisene ne-Qhakaza Disability Movement esungulwe omunye wabalaleli bethu abangaboni uMnu. Mhlanguleni Ndebele. Namhlanje sikhuluma noNelisiwe Zungu oneziqu ezilandelayo; - UNISA BACHELOR OF SOCIAL WORK - HONOURS DEGREE IN SOCIAL WORK - COMPUTER LITERACY LEVEL 2
DANKIE1223 - SIYATHESHA (22 OCT 2024)
Sikhuluma nabammeli bakwaNhlabathi Attorneys mayelana nokulimala emsebenzini, noma ukuthola ukugula okuthize ngenxa yohlobo lomsebenzi owenzayo. Sizothola ukuthi umthetho umvikela kanjani kulesisimo umsebenzi.
DANKIE1223 - INJOBO ITHUNGELWA EBANDLA (21 OCT)
Thimba leDankie, ngidinga ukubhodla, ngidinga ukuthethisa imumva lami elingafuni ngilikhohlwe. Abantu, ikakhulukazi umndeni wami bangikhumbuza ngalo ngasosonke isikhathi uma kukhona abangakuqondi kahle. Iqiniso lithi ngike ngahlupha emnyakeni eyedlule ngacwila kuphuzo oludakayo ngathanda ubumnandi. Bengibuya ntathakusa sengibuhlabile, ukuthi bengifika kanjani ekhaya imoto ingenasici nami umphefumulo usahlangene nenyama, ngingazange ngashayisa muntu, nami angazi. Angiziqhenyi ngalesikhathi empilweni yami. Ingcindezi yempilo ibingihlula ngizithola ngiphuza ngisho naphakathi kwesonto. Ukuthi ngisasebenza kanjani angazi nami kodwa kuwu musa ngoba impilo ibisingihlula. Ngisebenze kakhulu ukuguqula impilo yami msakazi. Ngonyaka odlule Ngithathe isinqumo sokuyeka uphuzo oludakayo futhi ngiyaziqhenya ngalokho. Nganizwa nithinta indaba ka- Ocsober, mina ngawusebenzisa u-Ocsober wangonyaka odlule ukuyeka utshwala. Ngiwuhlanganisile unyaka manje ngintabuthinti. Yebo ngiyabuhalela ngezinye izikhathi kepha ngibuye ngikhumbule imumva lami nokuthi besebungihlula. Nginenkinga entsha manje kodwa. Ukuhamba ubusuku angikuyekile uma kunesidingo. Phela sisemhlabeni kanti akusibobonke abantu asebephila njengami. Ngisanabangani abathanda ukuzikhipha beshaywe umoya ezindaweni zokucima ukoma. Angeke ngiqede ubungani bami ngenxa yokuthi sesiphila izimpilo ezahlukene. Nebala msakazi, ngiyabuya nami ebusuku kepha ngidunyazwe amazwi kaMama noma uBaba angisola ukuthi sengibuyele kuphuzo oludakayo. Kanjani? Ukuzikhipha ebusuku akuchazile ukuthi uyaphuza. Ukugroova ebusuku akuchazi ukuthi awuziphethe kahle. Yebo imumva lami belinjalo, kepha sengizelwe kabusha. Sengine- Discipline. Ngikhathele ukukhunjuzwa amaphutha ami, nami ngizisola ngawo nsukuzonke. Ngicela ukuthi uma bengixolela bengixolele bengangikhumbuzi ububi engibuya kubo. Imina ocikekile, Anonymous.
DANKIE1223 - KUBAMBA EZINGELAYO (21 OCT 2024)
Ingosi yethu ebhekiswe kubantu abasha ukubaqwashisa nokubaluleka ngamathuba omsebenzi akhona kanye nokumele bekuqaphele uma befaka izicelo zomsebenzi. Sikhuluma noMam’ uMbongwa umsunguli weDORKA CAREER CONSULTING. Isihloko: Njengoba sibonile kuyi season yama graduations, abaningi akade bethweswa iziqu zabo abakaze nakanye baye kwinhlolokhono. Namhlanje sithola i-scope semibuzo abangayilindela ukuthi bebuzwe yona kwizinhlolokhono zama- internship.
DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (17 OCT 2024)
Abantu baningi bazitshela ukuthi abantu besifazana kuphela abazenyeza ngeminyaka yabo begcine beyishintsha noma beyifihla. Iqiniso kepha lithi namadoda amanye ake ezithola ephosisa ngeminyaka yawo uma eshela, noma eyidalula emsebenzini. Namhlanje sifisa ukwazi ukuthi uma uqamba amanga ngeminyaka yakho uyehlisa ngeminyaka emingaki? Uma unesibindi, sitshele ukuthi uneminyaka emingaki. Mhlampe awukaze uze uyisho ngomlomo wakho iminyaka yakho ngoba awukholwa nawe ukuthi eyakho, iphimise namhlanje ngokusithumela iVN yakho.
DANKIE1223 - HIV AWARENESS CAMPAIGN INTERVIEW (17 OCT 2024)
Dr Kwanele Zibane, doctor and ForeverWena healthcare professional.
DANKIE1223 - ZWAKALA EKASI LAMI (16 OCT 2024)
Umvikeli wesicoco Hlengiwe Gcwensa KwaMashu ubhekene Senzo eThanda Ukukhanya, eMpumalanga
DANKIE1223 - NGIMNYAMA NGIMUHLE (16 OCT 2024)
Ukhona usis Zoe Ntsokontsoko oyi-Beautician ezimele, unendawo yakhe eNewtown Junction Mall lapho akenza khona yonke into emayelana nobuhle. uZoe uyi- Somatologist ngokweziqu zakhe, okungumuntu ofundele ezobuhle. Siyakugqugquzela ukuthi uzitholele lezingxoxo esesibe nazo izinyanga ezine kuma- podcast ethu- www.ukhozifm.co.za
DANKIE1223 - SIDLA NO- DIETICIAN (16 OCT 2024)
Kuthiwa ‘summer bodies are bulit in winter’, okusho ukuthi njengoba bekuyisebusika bekumele ngabe ulungisia umzimba ukuze ehlobe ube nomzimba omuhle! Uziphathe kahle kulobusika esiphuma kubo noma konakele usubheka amadiet? Sikhuluma noDietician wethu uNelile Nxumalo ngama- Crash Diets.
DANKIE1223 - PUBLIC TRANSPORT - ISIMO SASENINGIZIMU AFRIKHA/ THE STATE OF SOUTH AFRICA (15 OCT 2024)
Uma sibheka kumazwe aphesheya ngaphandle kwezwekazi i- Afrikha siyabona ukuthi ezokuthutha zabo zihamba phambili, kungaba izitimela ezisheshaya, amabhasi noma ama- cabs kukhona, kuyashesha futhi isikhathi siyagcinwa. Uma sibuka izwekazi lase- Afrikha, siyabona ukuthi ezokuthutha zakhona zisasele emuva kakhulu, kuze kube ngcono iNingizimu Afrika ngenxa yemisebenzi yamabhunu ngesikhathi sobandlululo eNingizimu Africa. Bayakha imigwaqo, ojantshi, izikhumulo zezindiza kanye namachweba okuyinqalasisinda amanye amazwe ase- Afrikha angayazi. Ezokuthutha ezihamba phambili eNingizimu Afrikha ama- tekisi, amabhasi kanye nezitimela. Yize sibonga ukuba khona kwazo, kepha siyakhala futhi ngezinkinga abantu abampisholo ababhekene nazo kuzo lezindawo zokuthutha. Sicela usithumele iVN usazise ukuthi iyiphi itransport oyisebenzisa nsuku zonke futhi iziphi izinqinamba osuke wabhekana nazo kuleyo- transport noma obhekana nazo nsuku zonke?