#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhiznisi - Ngabe umnotho osemabandleni ungakanani nokuthi bona njengezinhlangano bangalungisa kanjani izinto zabo zilunge kwa SARS.
#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - sikhuluma ngodaba lemibandela yebheyili, ibheyili isebenza kanjani, ubungozi obukhona kumuntu obevule icala
#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Siphethe osonkondlo bafika bezibiza nge ( Sawubona Poetry Community) Inkondlo ngosuku lwakusasa eyenziwa Osonkondlo abahlukene ngokuhlanganyela. (Simphiwe , Vuyani, Siyamthanda, Angel & Londiwe Zikode).
#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Kungani owesilisa kumqoka ukuthi ayikhiphe inkomo kamama nakuba umama wengane yakhe eseke wahlangana nendoda phambilini
#Jabulujule - Ithemba Alibulali 20 March 2025
#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof. VVO Mkhize - Uyohlale ukhala uthi izinto zakho azihambi kahle ziphambene kanti indlela okhuluma ngayo nabantu abadala. Inhlonipho yikukhuluma awukhuliswangwa ngayo ukukhuluma kuhambisana nokukhuliswa nesintu nekhaya
#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma ngodaba lowesilisa okhala ngokuhlukunyezwa umzali wakhe omfuna imali kodwa elokhu engasebenzi into engacacile ngapha kumele abhekelele izingane zakhe
#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - uDokotela uphendula imibuzo yabalaleli mayelana nesifo se Thyroid
#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngodaba lowesilisa owashawa ngowesifazane, owavula icala enkantolo emuva kokuthi lona wesifazane wamlimaza esweni lokunxele kumanje akasaboni.
#Jabulujule - Ithemba Alibulali 13 March 2025
#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Kunamaphupho nezibonakaliso ezihlale ziveza inhlanhla onayo nempilo eyayiphilwa kulomndeni wakini. Ngalokhu basuke bethi sukuma ubheke ulungise ngoba awuhluphekile inkinga ukungazi
#Jabulujule - Tea Time no Lady D - 12 March 2025
#Jabulujule - Sikhuluma ngamathuba omsebenzi kulabo ezweni lase Ireland , sikhuluma nensizwa yakuleli eshayela impilompolo, ishayela am truck ezweni lase Ireland
#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi no Mpumelelo Zikalala- Ukuqonda isivumelwano nemithetho yenkampani Uma kuyibona abakufundisile.Kusho ukuthini kuyona inkampani nakuwena msebenzi?
#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngesifo iThyroid Disease.
#Jabulujule - Tea Time no Lady D -Sikhuluma nowesifazane oneminyaka enagamashumi amane nesithathu (43years) ubudala ,ngo2005 waba sebudlelwaneni nomuntu wesilisa oshadile owayethi akathokozile emshadweni wakhe. Lo wesifazane naye wayenaye umuntu owayezwana naye. Emuva kwesikhathi wathola ukuthi ukhulelwe kodwa ingane engazi ukuthi eyabani phakathi kalo azwana naye nalona oshadile.
#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngelungelo lakho njengesakhamuzi uma uyofuna usizo emaphoyiseni noma kwenzeka uboshwa amaphoyisa, ngabe amalungelo akho ahamba agcine kuphi njengesakhamuzi nokuthi wona amaphoyisa ikuphi avumeleke ukukwenza kumuntu uma efuna ukumbopha
#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Khona Bhengu vs Ntatheli. Siphinde sikhulume no Inakho Matheza owayeshaye inkondlo kaMogameli uCyril Ramaphosa embiza khona ngo "Cupcake"
#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Inkululeko namalungelo angacindezeli isintu sethu nezimfundiso zethu njengabantu abampisholo. ( Relating to Human rights month) Ilungelo lakho lihambisana kanjani nesintu Sakho.
#Jabulujule - Ithemba Alibulali 6 March 2025
#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Isewumqansa indaba yokuthola abantwana kwabashadile noma abathandanayo. Nokwelapha kwaseNtshonalanga sekuhlulekile. Yini imbangela yalokhu okufanele kesiyibheke
#Jabulujule - Sikhuluma nowumshayeli wempolompolo ezweni lase Ireland igama lakhe u Bongani Simelane. Sikhuluma ngodaba lokuthi abashayeli bama Truck bakuleli bangakwazi ukusabalala bayosebenza nakwamanye amazwe ngokushayela ama truck.
#Jabulujule - Tea Time no Lady d - Sikhuluma nowesifazane obeganele esithenjini okhala ngokuthukwa kuthiwa uyathakatha, thukwa abafowabo ka Myeni wakhe. Ugcine eseshiya emzini ngoba esethi ubengasakwazi ukubekezela.
#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngenkinga yokuzwa emadlebeni.
#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sibuka nemicibisholo eyenza abantu abangayinaki noma okubonakala ukuthi abachazeleki ngayo.Yazi amalungelo akho uma ungena esivumelwaneni njengomthengi womshwalense thizen
#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma no Brigadier Nduduzo Bhengu no Ayanda Msweli ngobugebengu obenzekayo ezindleleni ngesikhathi kwenzeka ingozi.
#Jabulujule - Ikhaya Lamciko - Nhlanhla Nzimande vs Two Lines
#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza –Ngabe ukuzalwa nokukhubazeka ngabe isiko likubheka kanjani?
#Jabulujule - Ithemba Alibulali 27 February 2025
#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma ngodaba lowesifazane okhala ngohlukunyezwa umamezala emzini wakhe okungumuzi wendodana yakhe.
#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Unguwena ngokomzimba kanti awuwena wenganywe onguyena obusa nophila kulomzimba. Uyena lona okwenzisa konke lokhu oyikhona. Unomusa unenhliziyo enhle unenzondo, uyixoki uyahleba uyagxeka kanti akuwena uyena. Uyoze welaphe yena ze uphume enhluphekweni.
#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesilisa ofisa ukubonga unkosikazi wakhe ngokubambisana kwabo njengoba begubha iminyaka eyishumi kulonyaka beshadile kodwa bahlala ezifundazweni ezahlukene.
#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngezigameko zesifo sezandla, unyawo kanye nomlomo. Lesi sifo siwukutheleleka ngegciwane okuvamile, okuthinta kakhulu izinsana nezingane
#Jabulujule - Sikhuluma ngodaba lowesifazane ohlukunyezwa umamezala emzini wakhe.
#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngodaba lesibhamu somuntu osedlulile emhlabeni, siyabuka ukuthi senziwa njani, uthini umthetho
#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko- Mbulelo Sithole vs Mnelisi Maphanga
#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Sikhuluma ngokungenwa, ngabe lokhu kuyisiko noma umkhuba? kungani kwakwenziwa lokhu, umuntu onjani owayengena unkosikazi womuntu noma umyeni oshonelwe inkosikazi yakhe?
#Jabulujule - Ithemba Alibulali 20 February 2025
#Jabulujule - Ngikhulekise Kwehle Umthwalo -Thola ukudla komphefumulo no Pastor Vuyi Mkhize oqhamuka eMount Zion Christian Centre.
#Jabulujule - Ingono yomsamu no Prof VVO Mkhize - Kaningi othi uyakwenza akwenzeki. Umuzi wakhekikokunye wakha indlu akupheli. Uzama ukuganwa kunhlanga simuka nomoya. Usuhambile amaqele wakwenza konke okushiwoyo lutho. Kukhona konke lokhu konakelephi.
#Jabulujule - Ngikhulekise Kwehle umthwalo- Sikhulekisa umlaleli okhala ngobudlelwane phakathi kwakhe nonkosikazi wakhe. Ucela simkhulekise bengabulalani.
#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma ngesifo sokuwa phecelezi epilepsy
#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhzinisi - Sikhuluma ngokumangalela ibhizinisi noma inkampani ngomkhiqizo ongekho ezingeni, iyiphi imigudu ekumele uyilandele
#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Namhlanje siyabuyekeza udaba lomlisa owondliswa ingane angakaze ayibone
#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma nowesifazane uzithole edonsa isigwebo seminyaka ejele ngoba wayezama ukuzivikela kumnyeni wakhe owayemuhlukumeza.
#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Namhlanje siphethe usonkondlo u-Makhenikha Wenhliziyo sigubha usuku lothando.
#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza –Uthando nokungazi.
#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO MKhize - Uzalwe ubaba nomama bethandana bashada kokunye bangashada kodwa bethandene. Nawe usuyaganwa owesifazane omthandayo ozikhethele yena njengababa wakho ethatha umama. Ngabe uyayiqonda yini imfihlo yowesifazane omthathayo ngokumthanda kwabanye
#Jabulujule - Ingxoxo nomculi waMaskandi u Limit
#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu -Njengoba sisenyangeni yothandando sithe ake sibheke indlela ongeseka ngayo umuntu wakho onesifo esibucayi kodwa umeseke ngaphandle kokuthi azizwe ecwaseka .
#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sisenyangeni yothando sibone kubalulekile ukuthi Izinhlobo nhlobo zomshado nomthelela wayo imishado ebhizinisini, Uma nithandana niqinisekisa kanjani ukuthi amabhizinisi enu awathinteki noma awaphazamiseki.Uthando malungaphazamisi ibhizinisi.
#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesifazane okhala ngokuthi wahlangan nomlisa emthola edayisa wamcela ukuthi akashiye lowo msebenzi, uthe esemkhuellisile manje akasafuni ukondla ingane
#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Sibuka umthelela kusona simo mqondo somuntu ukuthi, indlela akhule ngayo , ngabe zinomthelela ongakanani ekhuleni kwakhe.Lapha sigxila kulokhu ngenxa yezimo zobugebengu ezenzeka ezindaweni lapho esihlala khona, kunamaqembu ezigebengu ahlalise umphakathi lubhojozi bese ziyatuswa
#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Luleka Mhlanzi VS Mtungwa Imbongi
#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Namhlanje sithi asibheke Phakathi koMkhokha,ukhondolo nesiqalekiso emndenini.Ngabe yini umahluko phakathi kwalezi zimo?
#Jabulujule - Ithemba Alibulali 6 February 2025
#Jabulujule - Ngikhulekise Kwehle umthwalo no Pastor Sthembiso Zondo
#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Ngabe ingane ithatha isibongo sika Yise noma esika Nina sekudlulwe kuphi ngokwase Msamu
#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesifazane okhala ngokuqalekiswa nguYise kwabheda yonke ito empilweni yakhe, washonelwa izingane, waxoshwa emsebenzini, waxabana noBababa wezingane
Ngibingelele Mam Khoza nabalaleli bomsakazo UKHOZI FM …ngikhathazekile ngempilo yami engayi phambili. Impilo mam Khoza ingathi iboshiwe nezifungo zika Baba, uBaba bengithi mangonile ubengathathi uswazi engishaye kodwa ubevele, akhulume amagama abuhlungu athi ngeke ngilungelwe ilutho. Ngokwami ngibuka ngathi izifungo zika Baba seziyangilandela kuyimanje ngihlushwa ngisho nayindoda Mah eyashela unyaka wonke. Ngapha ngishonelwe nangabantwana abawu baze bawu 4 ,Mam Khoza uma kuxoshwa abantu emsebenzini baqala ngami. Ngicela abalaleli no Babu VVO Mkhize bangilekelele ukuthi ibhadi elinje noma isiqalekiso esinjengalesi umuntu angabhekana naso”
#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma udaba lokukhulewa komuntu wesifazane nendlela yokumnakekela uma ekhulelwe nokuthi abesilisa noma obaba bezingane babeseka kanjani abesifazane abazithwele.Asikhulumeni ngaloludaba.
#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Zothani Imbongiyomusa vs Imbongiyosizi
#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Inselelo ngokukhuliswa komfana kanye nokubuthwa kwensizwa ibe yibutho,ngabe yini egcine iholela ekudlwenguleni nasophuzweni emadodeni?
#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Okwenza engani yakho oyizele nongayizalanga uze ukuqikelele , okwenza kuyona ngoba, ayiyokwazi futhi ikubone ngaleso sikhathi. Ozelwe nayo nophila kuyona oyodalula konke ekugcineni.
#Jabulujule - Ithemba Alibulali 30 January 2025
#Jabulujule - Tea Time no Lady d - Sihleli bukhoma no Mgabe Magabaza oyi relationship Therapist sikhuluma ngama personalities disorders (ukuphazamiseka kobuntu) emshadweni, noma ebudlelwaneni.
#Jabulujule - Mpilonhle Mpilond e no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngobuhlungu beqolo kubantu abasebenza behleli phansi iskhathi eside .
#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi no Mpumelelo Zikalala - Sibheke amabhizinisi axhumene nezemfundo
#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Linda Thahane - Sibheka izinto ezingaphazamisa umfundi agcine engena ezenzweni zobugebengu ngenxa yengcindezi yabangani obafica ezikhungweni zemfundo ephakeme.
#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Imbongi yokuthula VS Mkhuleko Madonsela
#Jabulujule - Ezeshashalazi nomabonakude - uNqubeko Nzimande ositshela kabanzi ngezindaba esingazilindela kumabona kude ku SABC news.
#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Ubungozi bokutusa ingane eyodwa emndenini, bungaba nomthelela ongemuhle noqhubekayo nakusona isiszukulwane esilandelayo. Ubungozi lapho umzali ehlukanisa izingane ngendlela yokungaziphathi ngendlela efanayo.
#Jabulujule - Ithemba Alibulali 23 January 2025
#Jabulujule - Ngikhulekise Kwehle umthwalo no Pastor Vuyi Mkhize
#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Umphahlo umthandazo sikhule kukhushukelwa emsamo kuyobikwa lapho ingane iyoqala okusha empilweni yayo. Isikole ukuyongena ebandleni emsebenzini omusha kwakwenziwa leyonqubo. Usesemqoka kangakanani lomkhuba ezimpilweni zethu nabantabethu.
#Jabulujule - Tea Time no Lady d
Ngiyabingelela MAM KHOZA, Ngicela ukungazisho igama ngiyinsizwa eneminyaka engu 40 ngicela ningixazululela nantu udaba Ngo Ntulikazi wonyaka ophelile kwandlula umama osizalayo emhlabeni umama udlule emuva kokugula isikhashana umama wayethwasile waphothula wakhishwa kodwa ke azange aqhubeke nokusebenzisa ubungoma. Kumama sizinsizwa sibathathu KwaGobela kwazi umfwethu ophakathi Kuthe makudlula umama emhlabeni umfwethu wathi akasawazi umuzi kagobela kamama wala noma sesithi sizozama ezinye izindlela zokuyomfuna simazise ngokudlula kukama Umfwethu walanda isangoma sakhe sasegoli okwaba yiso esenza imkhuba yobungoma kumama engakhulumile Nathi njengabafowabo umfwethu akamdala njalo ngoba enza Zonke lezinto sathulake Mina nomfwethu omdala wafihlwa umama. Kuthe ngakusasa ebusuku umfwethu wathatha ihlahla likamama wayoligubhela egcekeni wathi usiko lwezangoma lolu njalo lokhu ubonisana nalesangoma sakhe sasegoli kwathiwa Uma uthwasile usuke usuyiwele wathi masekwenziwa inhlanbuluko uzophinde amlande ngelinye ihlahla esibhedlela kodwa sasimlandile mhla simlande emakhazeni. Manje ngihlushwa iphupho solokhu samufihla umama ngiphupha inkonzo yakhe yokumfihla makungeyona inkonzo Kuba umlindelo wakhe umama,leliphupho libuya kabili noma kathathu enyangeni. Ekugcineni ngiphuphe kungumlindelo wakhe umama Mina bengimemeza egcekeni ngithi umfwethu nguye obulale umama benentombi yakhe.
#Jabulujule - Tea Time no Lady d - Sikhuluma ngodaba lokuhlukana nomuntu kanti kudala wasithatha kudala isinqumo sokumshiya
#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Izikole zivuliwe, izingane zibuyela esikoleni okusho ukuthi thina njengabazali kumele siqinisekise ukuthi sibalungisela ukudl aokunempilo, okuzoba siza esikoleni bakwazi ukuthi babe nomdlandla.
#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma ngemali ebudlelwaneni bezothando kulesikhathi esiphila kusona. Wenza kanjani ukuthi ningaxatshaniswa udaba lemali
#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Sikhuluma ngezinto ekumele uzibheke uma ubheka isikhala sokufunda kulezikhungo ezigcwele la ngaphandle. Sixwayise abafundi nabazali ngezikhungo zemfundo ezingekho emthethweni noma ezingabhalisiwe nomyango wezemfundo.
#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Ijaji Da poet VS Abaqeqebuli
#Jabulujule - Inkulumo ngxoxo no Kwandile Hadebe. Umbhali womdlalo womoya obenedumela elikhulu inhliziyo Yenyoka
#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza –Ubumqoka bolwazi lwezinyanga ngokwemisuka nemilando yamagama kanye nokuqaphelisisa imvelo ngalokho esitshela khona.
#Jabulujule - Ithemba Alibulali 16 january 2025
#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Ukubonga indalo kaMvelinqangi ayidlulisela kithina njengezidalwa zakhe. Sizidalwa nje ngokwehluka kwezinhlanga sehluka futhi nasezindleleni zokwenza. Ngokwesintu singabamnyama base Africa sasibonga kanjani, nanamhlanje okusalindeleke sibonge.
#Jabulujule - #Matric2024 -Sikhuthaze Pastor Sthembiso Zondo - Kusho ukuthini ukuthi ukuphumelele ngamalengiso kumatikuletsheni nakumfundi ongaphumelelanga.
#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sibheka izindlela ezahlukene zokuhlanza umzimba emuva kokudla izicoficofi ngesikhathi samaholidi.
#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizini no Mpumelelo Zikalala - Sibheka Udaba lokuboleka nokubolekisa ngemali ngokungekho emthethweni
#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Unayo yonke imininingwane ephelele ngalomuntu olanda ingane yakho esikoleni ngemoto ? Imoto uyayazi yini ukuthi isesimeni esinjani?
#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Sikhipha ulwazi oluyisendlalelo ukuthi labo abafuna ukuba yingxenye yohlelo bathumela kanjani izinto zabo ukuze zifike kuthina besebenzisa izindlela zobuchwephesha.
#Jabulujule -Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Sibuka ukuthi iyiphi noma izibhadu ezashiywa yimpi yase Sandlwana uma sibheka isimo ngqondo somuntu ompisholo. Ukhona uMbuso Khoza oqhamuka kwi (Mbuso Khoza institute) okuyiiskhungo esibhekela ukulonda kolando nokuthuthukisa isintu sakithi nokulonda amahubo esizwe sabantu abampisholo.
#Jabulujule - Ithemba Alibulali 9 January 2025
#Jabulujule - Ingono Yomsam no Dr VVO Mkhize - Uma kuqala unyaka kuningi abantu abakwenzayo ukulungisela unyaka wabo kunamasiko nemikhuba abayenza ukulungisela unyaka wabo, ezinye zezinto ezibalulekile empilweni yomuntu ukondla umphefumulo, abantu banezinhlelo eziningi , Namhlanje sithi umuntu akaqinise kulokhu akholelwa kukona, uma ushisa impepho ukhuleka kwabakini,ubika ekhaya ngezinhlelo zakho phambi kokuthi ubuyele emsebenzini.Isibusiso sisekhaya
#Jabulujule - Silale ngezindaba ezishaqisayo zokudlula emhlabeni kwesihlabane somculi uWinnie Khumalo ...sikhuluma no Malungelo Nyawo owaziwa ngelika Malungelo, ungomunye wabantu osebenza naye kakhulu emculwen
#Jabulujule - Tea Time no Lady d - Sikhuluma nowesilisa okhala ngokuthi wathola ukuthi uNkosikazi amlobole ngezinkomo eziyisithupha uyahlobonga wabatshena nase khweni lakhe bavuma ukuthi kukhona okumele kubuuyele ngakuyena kodwa manje bayamziba
#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Iningi labantu bafuna umsebenzi kanti kukhona abantu abawosomathuba abazosebenzisa amagama aziwayo nezikhungo zika hulumeni benze kube ngathi izona ezithi abantu abakhiphe izimali ukuze bathole umsebenzi
#Jabulujule - Ithemba Alibulali 02 January 2025
#JabulaUjule - Man to man talk 26 December 2024
#Jabulujule - Ithemba Alibulali 26 December 2024
#Jabulujule - Ithemba Alibulali 17 December 2024
#Jabulujule - Thola ukudla komphefumulo no Bishop Thanda Zulu. Masikhuleke sibonge Impilo nokusigcinwa uNkhulunkulu .
Save video to ...
