Vuka Afrika Breakfast Show

Entertainment 2024

An energetic breakfast show packed with education, information, inspiration and wit, presented by Sipho Mbatha and Nonhlanhla Buthelezi. This show seeks to drive inspiration, information and insight first. Stay updated on developing stories and hear from the newsmakers making headlines as well as ordinary listeners affected by the stories. The show promises something new everyday as well as regular features keep audiences informed, educated and empowered.Stay updated on developing stories and hear from the news makers making headlines as well as ordinary listeners affected by the stories.

#Amazw'okuqala usuku :Scelo Mncube

02:28

#Amamdl'omnotho noGugulethu Xaba G20 Countries and Budget Speech Preview

13:19

#UkhozifmVabs:Uhlaka olwengamele ezokukhangisa i-Advertising Regulatory Board isiphoqe inkampani ekhiqiza izicima koma noma ama-cider ukuthi ihoxise isikhangiso esibonisa abesifazane bengcebeleka ebhishi bephethe lesiphuzo. Lesiphuzo sikhonjiswa singavuliwe okuyiphuzu elibekwe yiyo lenkampani ngenkathi iziphendulela. Kodwa loluhlaka olwengamele ezokukhangisa luphakamise ukuthi lesikhangiso sikhuthaza ukuthi abantu abaphuze uma besemabhishi. Sixoxisana no Sphamandla Mthethwa, Founder and director of Sphamandla Mthethwa Attorneys.

14:38

#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

02:43

#Ezwenisakhile :Sibheka udaba oluthinta omama ababili abasola izibhedlela zase KZN ngokuduka kwezingane zabo ngesikhathi beyoteta. Odabeni lokuqala u-Nqobile Buthelezi wase Folweni eThekwini uthi wathola amaphepha amabili ayesho ukuthi utete amawele elomfana nelentombazane kodwa waphuma e-theatre nosana olulodwa olwentombazane kuphela. Wagcina engayitholanga incazelo egcwele ngokuthi kwenzakalani ngengane yomfana. Loludaba baze baludlulisela nasemaphoyiseni kodwa abalutholanga usizo. Odabeni lwesibili u- Zinhle Duma wase Molweni ePinetown uthi wayekhulelwe amawele kodwa wagcina ehambe nengane eyodwa yentombazane emva kokuthi udokotela ethe akayiboni ingane yesibili ngesikhathi emtetisa e-theatre. Sikhulumile noMnyango weZempilo eKZN bathi basaphenya. Sizophinde sikhulume nommeli ozosicebisa ngemigudu engathathwa izivakasheli zethu.

28:12

#Amazwi okuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

02:43

#UkhozifmVabs :Siphetha isonto ngezindaba ezingemnandi zokudlula emhlabeni kuka Senamile Masango obengu Sosayensi waKwaNongoma eKZN. USenamile obeyi-Nuclear Scientist, ubethathwa njengabanye besifazane abamnyama ababe ngumhlahlandlela kulo mkhakha. USenamile ubephinde abe ngowesifazane wokuqala owasebenzela i-European Organisation for Nuclear Research. Ushone esenza iPhD in Nuclear Science. Sixoxa no sisi wakhe u-Sebenzile Masango.

06:36

Ingxoxo ekhethekile noXolile Nkabinde Sibisi - Othathe isicoco sokuba uthisha ovelele amahlandla amathathu emhlabeni wonke jikelele

08:08

Vuka uqonde kabanzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu - Thandiwe (17 kuNhlolanja 2025)

07:50

Ingxoxo noThandiwe Zulu wenhlangano elwela amalungelo omphakathi iBlack Search - uthi bafisa unqongqoshe wezezimali amemezele ukukhushulwa kwezimali zesibonelelo

24:17

#AMAZWI - Paul Nzimande

02:06

#UkhozifmVabs :Unggongqoshe weZempilo eKZN u-Nomagugu Simelane useziphikisile izinsolo zokuthi kunezibhedlela nemitholampilo ezishoda ngemithi esifundazweni. Ukusho lokhu kade ekhuluma no Tu Mhlaba ohlelweni Abasiki Bebunda izolo kusihlwa. Lezinsolo zisukela eqenjini lezepolitiki i-Action SA elithi lihlangabezane nezikhalazo zabantu abakulenkinga ezinkundleni zokuxhumana. Ake sicaphune inkulumo ebi phakathi kuka Nggongqoshe Simelane kanye no Tu Mhlaba emva kwalokho sizoxoxa no Zwakele Mncwango usihlalo we Action SA eKZN.

21:04

#Ezwenisakhile :Sixoxa no Ntombifuthi Khumalo wase Bergville eDukuza ozama ukutholela ingane yakhe yomfana eneminyaka engu 9 usizo. Lomfanyana ofunda uGrade 4 unesifo odokotela bakhe abathi i- hygroma lapho uhlangothi lobuso bakhe lubukeka luvuvukele ngathi lulukhulu kunolunye, futhi ngathi luyawa bese lumnyama ngebala. Lokhu sekudlulele nasonyaweni olungakuhlangothi olufanayo, nalo olukhulu kunolunye

16:52

#Amazwi okuqala usuku :Dr Nelisiwe Zimu

02:34

#Amazwi: Paul Nzimande

02:07

#UkhozifmVabs:Namhlanje sixoxa ngodaba lwentsha ebonakala iya ngokuzinikela ebugebengwini kulandela ukubulawa kowesolwa ngokuba umholi wemgulukudu i-West Gang yase Nanda eThekwini. U-Mnqobi Ndimande okubikwa ukuthi ubeneminyaka engu 22 wabulalwa ngenkathi bedubulana namaphoyisa ngenyanga edlule. Ubengcwatshwa kulempelasonto esiphuma kuyo. Nakuba esolwa ngamacala afana nawokubulala, ukuphanga nokushisa impahla kodwa umndeni wakhe uthi awumazi engumuntu onjalo. Ake sixoxe no sisi ka Mnqobi omdala uNompumelelo Mngoma, sizophinde sixoxe no Dr Mfanozelwe Shozi ophuma kwi KZN Men’s Sector bese siphetha nomnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo.

23:08

#UkhozifmVabs:Namhlanje sibheka udaba lokulothiswa phecelezi i-cremation. Lokhu kulandela isimemezelo esenziwe umkhandlu wedolobha lase Goli ngesimo sokugcwala kwamathuna noma ama cemetery. Umkhandlu uthi kwawu 42 akhona, angu 39 asegcwele. Enye yezindawo zokufihla i-Westpark Cemetery izobe isigcwele mfi ngo May wangalonyaka. Umkhandlu uphakamise ukuthi umphakathi kufanele ubheke ezinye izindlela zokufihla ezifana nokulothiswa kanye nokuvula amathuna kungcwatshwe phezu kwabanye abantu. Sixoxa no Azola Manjati ongumphathi wezindawo zokufihla eGoli. Sizobuye sixoxe no Dr Maria Zwane owenza ucwaningo ngemibono yabantu KwaZulu ngokulothiswa.

18:02

#UkhozifmVabs:Global Trade Wars and their effect on South Africa / Africa

#Ezwenisakhile:sixoxisana no Andiswa Tokota ohlala eThekwini osola lowo ayethandana naye ngokumqola imali engango R400, 000. U-Andiswa oneminyaka engu 35 uthi wahlangana nalomlisa ngo 2020, uthi uthando lwabo lwaluvutha amalangabi kwaze kwafika lapho emcela khona ukuthi amthengele i-truck elisha emuva kokufelwa i-truck ebekade esebenza ngalo. U-Andiswa uqhubeka athi wagcina evumile ukuyoboleka imali ebhange emva kwesikhathi emncenga, umlisa wase wathembisa ukukhokha u-R20, 000 ngenyanga aze asiqede lesikweletu. Uthi wawukhokha lo R20, 000 kwaba kanye emva kwalokho wamshintshela, engasaluphenduli ucingo, bengasavakashelani futhi engasayikhokhi nemali yasebhange. U-Andiswa osebenza njengomhlengikazi uthi lomlisa ubelobola omunye umuntu ngalo December esiphuma kuwo. Sixoxa no Andiswa sizophinde sixoxe nommeli ozocebisa u-Andiswa ngemigudu angayithatha ukuze athole imali yakhe. Simthintile umlisa izolo, wacela ukuthi sibuye sifone kodwa uma sesibuyela kuye ubeseluvalile ucingo.

21:21

#Amazw'okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

02:20

#Amazw'okuqala usuku :Paul Nzimande

02:09

#Amazw'okuqala usuku : Musa E Zulu

02:02

#UkhozifmVabs :Silandela udaba lokubulalwa kwamasosha angu 13 ombutho wakuleli iSouth African National Defence Force ngesikhathi etholana phezulu namavukelambuso iM23 eDemocratic Republic of Congo. Sixoxisana no Lundi Witbooi owayeyilungu le SANDF iminyaka elishumi, washiya ngonyaka ka 2023. Sizophinde sixoxisane no Jeff Dubazana ophuma kwinyunyana iSANDU

12:51

Namhlanje sibheka udaba lwalabo asebefunde bagogoda kepha besabhekene nomqantsa wokungawutholi umsebenzi. Lokhu kulandela umbhikisho wodokotela abakhala ngokweswela umsebenzi nakuba sebeqeqeshwe baqeda. Labo dokotela bebeqhinqe emahhovisi kahulumeni eMgungundlovu eKZN kusukela ngoMsombuluko nalapho benikezele khona ngohlu lwezikhalazo zabo. Sixoxa no Dr Kenneth Sithole obeyingxenye yalombhikisho kanye no Dr Bonginkosi Mafuze oyilungu lenyunyana i-South African Medical Association Trade Union sizophinde sixoxe no Ndunankulu wakwaZulu Natal Mnu-Thami Ntuli

28:26

#Amazw"okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

02:07

#Ezwenisakhile :Sixoxa noNkosikazi Gugulethu Malinga ohlala endaweni yase Lovu eningizimu yeTheku ofuna ubulungiswa kulandela ukudlula emhlabeni kwendodakazi yakhe ngendlela athi esolisayo ngonyaka ka 2022. U- Malinga oneminyaka engu 71 uthi ngosuku lwesigameko wafonelwa umkhwenyana wendodakazi yakhe imtshela ukuthi uzibulele. Uma efika emzini wabo wafica isidumbu sendodakazi yakhe emva kwendlu sinamanxeba okugwazwa. U-Malinga ukhala ngokuthi kuze kube imanje akazi okwenzeka ngaloluyasuku yize kwavulwa icala emaphoyiseni.

09:12

#Amazwi okuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

02:16

#Amazwi okuqala usuku :Paul Nzimande

02:09

#Vukaqonde kabanzi ngokwesimo sezulu no Thandiwe Gumede : California fires

#Vukaqonde kabanzi ngokwesimo sezulu no Thandiwe Gumede : California  fire

07:44

#UkhozifmVabs :Namhlanje sithe asixoxe nomfundi ovelele esifundazweni sase Mpumalanga ohlomule ngemoto, umfundaze kanye nesamba semali angathandanga ukusidalula. Sixoxisana nalomfundi ogama lakhe lingu- Gugu Libambo, sizophinde futhi sikhulume nano Ngqongqoshe wasesifundazweni sase Mpumalanga.

16:46

#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu

02:00

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

02:23

#Amandlo omnotho no Gugulethu Xaba: kungahle kuvalwe ibhange Ithala

10:05

#Amazwi okuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

02:19

#Ezwenisakhile : Umphakathi wase Bhambayi eNanda enyakatho ne Theku ufuna kudedelwe abasolwa abawu 12 abasolwa ngokubulala amadoda amahlanu ngokubagenca ngo bhushi. Ngokwephephandaba i- Witness, lamadoda abeneminyaka engu 19 kuya ku 26, athunjwa emakhaya abo ngezintatha ngoLwesihlanu, izidumbu zabo zatholakala zindindilizile enkundleni yokudlala ibhola. Abasolwa bavele enkantolo ka mantshi yase Ntuzuma izolo nalapho kade kuqoqene amalungu omphakathi ebhikishela ukuthi badedelwe nge bheyili. IBhambayi ise Nanda okuyindawo ehamba phambili kuzwelonke ezibalweni zakamuva zobugebengu. Sixoxa no Blessing Nyuswa okhulumela umphakathi, sizobuye sikhulume nokhulumela amaphoyisa.

21:14

#Amazwi okuqala usuku : Dr Ngogi Mahaye

02:21

#UkhozifmVabs :Silandela udaba oluthinta ukugcagcelwa kweSilo samaZulu uMisuzulu kanye nokuxoshwa kwaloyo obeyisikhulumi sakhe, uMntwana uSimphiwe Zulu. ISilo siphinde sibhekane nesehlukaniso noNdlunkulu uKaMayisela ofake isicelo esiphuthumayo enkantolo sokuvimba umshado noNdlunkulu uNomzamo Myeni. Lesicelo sizolalelwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu namhlanje. Imizamo yokuthola uvo lwase Ndlunkulu ayiphumelelanga. Sixoxa no Sihle Mavuso oyintatheli e-The African Times.

Silandela udaba oluthinta ukugcagcelwa kweSilo samaZulu uMisuzulu kanye nokuxoshwa kwaloyo obeyisikhulumi sakhe, uMntwana uSimphiwe Zulu. ISilo siphinde sibhekane nesehlukaniso noNdlunkulu uKaMayisela ofake isicelo esiphuthumayo enkantolo sokuvimba umshado noNdlunkulu uNomzamo Myeni. Lesicelo sizolalelwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu namhlanje. Imizamo yokuthola uvo lwase Ndlunkulu ayiphumelelanga. Sixoxa no Sihle Mavuso oyintatheli e-The African Times.

13:33

#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu

02:22

#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande

02:14

#Ukhozifmvabs :Namhlanje sihalalisela u-Thobile Mncwango oneminyaka engu 35 ofeze iphupho lakhe lokuphasa u-matric. U-Thobile uthole o-A abane. Lentokazi yabuyela esikoleni ukuyofunda uGrade 11 ineminyaka engu 33 eMthombowesizwe High School kwa Nongoma eKZN.

14:10

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

02:23

#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

01:52

#Ezwenisakhile :sithe namhlanje ake sibheke udaba lokuqhubeka nokushaywa kwezingane eyikoleni yize ngokomthetho lungasavumelekile loluhlobo lesijezo. Silandelela udaba oluthinta umfanyana oneminyaka eyishumi ongowase Mtubatuba eKZN nosola owayenguthisha wakhe ngokumshaya ngepayipi laplastiki esandleni okwaholela ekutheni afake ukhonkolo. Ngokuka gogo womntwana, lothisha ofundisa esikoleni samabanga aphansi waqala wavuma ukuthi umshayile umntwana waze waxolisa kodwa ngokuhamba kwesikhathi waliphika icala wathi umntwana uwe esihlahleni. Ugogo ukhala nangokuthi umntwana akasakwazi ukusebenizisa isihlakala emva kwalesehlakalo.

15:41

#Amazwi okuqala usuku :Dr Nelisiwe Zimu

02:29

#Thandiwe Gumede : Isishingishane Dikeledi

06:45

#Amazwi okuqala usuku :Siyamthanda Mkhize

01:37

#Amazwi okuqala usuku :Musa E Zulu

01:57

#Ukhozifmvabs :Usegcine ekwazile ukubuyela ekhaya eNingizimu Afrika u-Bongile Ntombela obekade evinjelwe ukuphuma ezweni lase United Arab Emirates ngenxa yemali ebekade eyikweleta ibhange kuleliyalizwe. U-Bongile ubesezinze iminyaka eyisithupha kuleliyalizwe lapho kade esebenza khona, kodwa izinto ziqale ukubheda ngesikhathi kuphela umsebenzi ngo January wangonyka owedlule. Ubesezame imigudu eminingi yokuthi akhokhe lemali ebilinganiselwa ku R120-thousand kodwa ugcine ethole usizo ezinkundleni zokuxhumana.

07:55

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

02:23

#Amandla Omnotho no Gugulethi Xaba :Umkhanya ngonyaka ka 2025 kwezomnotho

09:43

#UkhozifmVabs :Kunomlaleli osithumele i-Voice Note ekhononda ngozakwabo asebenza naye ukuthi uhlezi efaka izinto ezingahlangene nomsebenzi kwi whattsapp group yasemsebenzini. Uthi uhlezi ebaxina ngezikhangiso ezimayelana nebhizinisi lakhe eliseceleni lemikhiqizo yokwehlisa umzimba. Uphinde akhale ngokuthi nabaphathi abawukhuzi lomkhuba. Namhlanje sithe asixoxe ngemigomo nemibandela yama whattsapp group asemsebenzini kanjalo nendlela yokuziphatha ebhekeke kumsebenzi kulezinkundla zokuxhumana. Sikhuluma no Sifiso Ngcobo ongummeli kwa Mbhele and Ngcobo Attorneys. Kepha asiqale sizwe iVN yomlaleli wethu.

10:09

#Amazwi okuqala usuku : Dr Ngogi Mahaye

02:08

#Amazwi okuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

02:26

#UkhozifmVabs : Ukubaluleka kohambo lwaManazaretha : Dr Ngogi Mahaye

06:24

#Amazwi okuqala usuku : Snazo Londeka Sibiya

01:31

#UkhozifmVabs : Ingxoxo ekhethekile no Naledi Aphiwe

10:06

#Amazwi okuqala usuku : Anathi Sphesihle Kunene

02:18

#Amazwi ikuqala usuku : Sisanda Miya

02:08

#Ukhozifmvabs :u-Sihle Xaba oqapha ababhukudi olwandle phecelezi i-lifeguard e- Thekwini. U-Sihle ongowase Lamonti, eThekwini useneminyaka engu 28 enza lomsebenzi osumhlomulise nezindondo kuma South African National Lifesaving Champs.

16:08

#VukaMotoring no Sbo Myeni : National road Management bill ka 2020 Isayinwe President Cyril Ramaphosa

08:46

#Amandla omnotho no Gugulethu Xaba :sibheke futhi namasheya enkampani yakwa Boxer – siyazi ukuthi iye ya fakwa esigabeni sokuhweba kwi Johannesburg Stock Exchange (JSE) – ngeviki eledlule, lapho sibone khona amasheya ayo ekhuphuka cishe ngamaphesenti angaphezu kwamashumi amabili – emuva nje kosuku eqalile ukuhweba.

14:09

#Ukhozifmvabs :Iningi lethu liyasijabulela lesikhathi sonyaka okuyiskhathi esisichitha nabasondelene nathi. Kodwa ke kukhona idlanzana lethu elingasithakaseli neze lesikhathi ngezizathu ezihlukene. Sithole i-Voice Note ephuma kumlaleli naye ongomunye walabo. Sixoxa no Nkululeko Benedict Mhlongo oyi therapist pheceleze umelaphi wengqondo kodwa asiqale sizwe iVN yomlaleli.

11:23

#Amazwi okuqala usuku : Dr Ngogi Mahaye

01:35

#Ezwenisakhile :Ezweni Sakhile: Umndeni wakwa Maphumulo ohlala endaweni yase Alexandra eGoli ubhekene nenkinga yelungu lomndeni wayo u-Nsebenzo Maphumulo owakhubazeka isingezansi emuva kwesigameko sokudutshulwa kumgogodla. Sekuphele iminyaka emithathu lesigameko senzeka kanti u-Nsebenzo usengumuntu ohlezi esembhedeni nosekuholele ekutheni abe nezilonda ezingasalapheki. Umndeni usuze wamhlalisa kwenye indlu ngenxa yephunga elingabekezeleki. U-Nsebenzo oneminyaka engu 31 usebuya nase hospice lapho ahlala khona u-8 months. Sikhuluma no Anti ka Nsebenzo, u-Sindephi Maphumulo.

13:02

#Amazwiokuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

02:16

#Vukaqonde ngokuguquguquka kwesimo sezulu no: Thandiwe Gumede

Adaptation and mitigation measures to combat climate change

06:16

#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande

01:53

#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu

02:00

#Ukhozifmvabs :Hlobo luni lomshado owushadile, ohlukanisa noma ohlanganisa amafa? Kuyakusebenzela lokhu? Ungalushintsha uhlobo lomshado owushadile uma ungakwazi?

11:06

#Ukhozifmvabs :Lelisonto laziwa njenge Global Entrepreneurship Week lapho kusuke kubungazwa osomabhizinisi, ingakho namhlanje simeme usomabhizinisi uMnuz Nkosinathi Walter Khumalo odabuka oPhongolo eKZN. U-Khumalo wasungula inkampani ka gesi ebizwa nge Khawdash Engineering ehlinzeka ngezisombululo zokulungisa nokwakha kabusha izizinda zikagesi. Lenkampani izinze eKempton Park eGauteng kanti igama elithi Khawdash elesiHebheru elichaza ukulungisa, ukwakha kabusha nokuvuselela. Phakathi kwamakhasimende alenkampani kubalwa i-Anglo American, Umgeni Water kanye no Eskom. Baphinde basebenzisane namazwe angaphandle anjengo Zimbabwe, Botswana, Ghana nase Uganda. Sixoxa no Nkosinathi.

12:13

Thandiwe Gumede : SA WEATHER SERVICE :Ngabe yini imbangela yalokushisa futhi kulindeleke ukuthi akhuphuke kangakanani amazinga okushisa?

03:33

#Ezwenisakhile: Wathola kanjani ukuthi ingane yakho idlwengulwe umalume ohambisa izingane zesikole?

04:15

#Ezwenisakhile :Sibheka amacala amayelana nokungagculiseki ngobulungiswa. Icala lokuqala lenzeka eVanderbijlpark eGoli ngo 2022 kanti lithinta izithandani ezimbili okwatholakala izidumbu zazo sezonakele emva kokuthunjwa zalahlwa ehlathini. Owesifazane kulesigameko wayezithwele sekusele inyanga eyodwa ukuthi atete. Kwaboshwa uma wengane yokuqala ka mufi kanye nabalisa ababili abalivuma icala basho nokuthi babethunyiwe. Bobathathu abasolwa bangaphandle ngebheyili.

Sibheka amacala amayelana nokungagculiseki ngobulungiswa. Icala lokuqala lenzeka eVanderbijlpark eGoli ngo 2022 kanti lithinta izithandani ezimbili okwatholakala izidumbu zazo sezonakele emva kokuthunjwa zalahlwa ehlathini. Owesifazane kulesigameko wayezithwele sekusele inyanga eyodwa ukuthi atete. Kwaboshwa uma wengane yokuqala ka mufi kanye nabalisa ababili abalivuma icala basho nokuthi babethunyiwe. Bobathathu abasolwa bangaphandle ngebheyili.

18:12

#Amazwiokuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

02:27

#Vukaqonde ngokuguquguquka kwesimo sezulu no: Thandiwe Gumede

Global warming and climate change

06:06

#Ukhozifmvabs :Zizipho Zamandulo Nyanga ongumsunguli wenkampani ebizwa ngokuthi i-Makoti Assist. Lenkampani ilekelela omakoti ngemisebenzi yasendlini uma kunemicimbi.

Zizipho Zamandulo Nyanga ongumsunguli wenkampani ebizwa ngokuthi i-Makoti Assist. Lenkampani ilekelela omakoti ngemisebenzi yasendlini uma kunemicimbi.

11:07

#Ukhozifmvabs :NgeSonto usuku olwaziwa njenge World Aids Day ingakho sivakashelwe u-Mandisa Dlamini, oyindodakazi kaGugu Dlamini owayeyisishoshovu seHIV nowabulawela ukuphumela obala ngaleli gciwane ngo-

NgeSonto usuku olwaziwa njenge World Aids Day ingakho sivakashelwe u-Mandisa Dlamini, oyindodakazi kaGugu Dlamini owayeyisishoshovu seHIV nowabulawela ukuphumela obala ngaleli gciwane ngo-

09:33

#UkhozifmVabs :Lizovulwa ngeSonto ibhuloho lezinyawo lase Nadi eGreytown eKZN elakhiwa ilungu lomphakathi uMnuz Vumani Shelembe. Uzokhumbula mlaleli ukuthi saxoxa no Mnuz Shelembe ngenyanga edlule owanquma ukuthi akakhe lelibhuloho ngoba ebona ubunzima umphakathi obhekana nabo uma bewela emfuleni iNadi. Lelibhuloho lingaphansi kaMasipala wase Mvoti. Sixoxa no Mnuz Shelembe sizobuye sixoxe neMeya yase Mvoti uMnuz Gabriel Malembe.

#UkhozifmVabs :Lizovulwa ngokomthetho ngeSonto mhlaka 1 December ibhuloho lezinyawo lase Nadi eGreytown eKZN elakhiwa ilungu lomphakathi uMnuz Vumani Shelembe. Uzokhumbula mlaleli ukuthi saxoxa no Mnuz Shelembe ngenyanga edlule owanquma ukuthi akakhe lelibhuloho ngoba ebona ubunzima umphakathi obhekana nabo uma bewela emfuleni iNadi. Lelibhuloho lingaphansi kaMasipala wase Mvoti. Sixoxa no Mnuz Shelembe sizobuye sixoxe neMeya yase Mvoti uMnuz Gabriel Malembe.

23:06

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

02:25

#Amandla Omnotho no Gugulethu Xaba Reflecting on Entrepreneurship in South Africa

08:10

#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

01:58

#Ukhozifmvabs Sihle Ngubane, Ilungu le Portfolio Committee,Ake sizwe kabanzi ngomkhankaso wekomiti loMnyango wezaseKhaya ePhalamende wokulalela iziphakamiso zomphakathi ngoMthethosivivinyo wezemishado, iMarriage Bill. Esinye seziphakamiso sibandakanya ukuvikela labo abahlala ndawonye bengashadile ukuze bengasali dengwane uma sekuhlukanwa noma kukhona odlula emhlabeni. Lesiphakamiso sithinta umuzi kanjalo namanye amalungelo njengoba kwenzeka kulaba abasuke beshadile. Lomkhankaso uqale ngokulalela izimvo zezakhamuzi zasesifundazweni sase Gauteng kanti ngonyaka ozayo kuzobanjwa izigcawu kwezinye izifundazwe. Sixoxa no Sihle Ngubane oyilungu lekomiti.

Ake sizwe kabanzi ngomkhankaso wekomiti loMnyango wezaseKhaya ePhalamende wokulalela iziphakamiso zomphakathi ngoMthethosivivinyo wezemishado, iMarriage Bill. Esinye seziphakamiso sibandakanya ukuvikela labo abahlala ndawonye bengashadile ukuze bengasali dengwane uma sekuhlukanwa noma kukhona odlula emhlabeni. Lesiphakamiso sithinta umuzi kanjalo namanye amalungelo njengoba kwenzeka kulaba abasuke beshadile. Lomkhankaso uqale ngokulalela izimvo zezakhamuzi zasesifundazweni sase Gauteng kanti ngonyaka ozayo kuzobanjwa izigcawu kwezinye izifundazwe. Sixoxa no Sihle Ngubane oyilungu lekomiti.

12:18

#Ezwesakhile :Buyi Zulu oneminyaka engu 33 uthungatha imoto yakhe ekhonjwa ezweni lase Swatini emuva kokuthi ubaba wezingane zakhe ebambise ngayo kade eboleke u-R17, 500. U-Buyi ongowaKwaDukuza eKZN uthi wathenga imoto ngo 2021 ngenhloso yokulekela ubaba wezingane ukuthi akwazi ukusebenza kepha ngo June kulonyaka ubaba wezingane wanyamalala nemoto waze watholakala emuva kwamasonto ngaphandle kwayo. Ngokuhamba kwesikhathi kwatholakala ukuthi imoto ise Mpangeni nalapho kusolakala ukuthi ubaba wezingane wayebambise ngayo emuva kokuboleka imali. U-Buyi kanye no baba wezingane sebe buya naseMbabane eSwatini nalapho batshelwa khona ukuthi imoto yathengwa ngo R60, 000 ngaphambi kokuthi iwele umngcele. U-Buyi uthi lemoto ewuhlobo lwe bakkie ibiza u-R380, 000. Loludaba luphambi kwamaphoyisa ase Swatini kanye nawase Ningizimu Afrika.

17:09

#Amazwiokuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

02:33

#Vukaqonde ngokuguquguquka kwesimo sezulu no: Thandiwe Gumede

YIni ?Tropical Temperate Trough ( TTT)

05:33

#Ukhozifmvabs :Sixoxa nomshayeli wamatekisi u-Ntuthuko Buthelezi obelethise owesifazane obesefikelwe isikhathi sokuteta. Lesehlo senzeke etekisini ebishayelwa uButhelezi ekuqaleni kwalenyanga. U-Buthelezi oneminyaka engu 25 owasoLundi KwaCeza esigodini sase Magagadolo eKZN kanti unezinyanga ezimbili nje eshayela amatekisi. Yize zivamile izigameko ezifana nalezi kodwa namhlanje sithe ake sizwe lesi esenzekela u-Ntuthuko Buthelezi.

09:13

#Ukhozifmvabs :Nqobani City Power :Luyavalwa ngeSonto uhlelo lwaka-Eskom lokubhalisa kabusha amamitha kagesi. Abantu kufanele babhalise kabusha izigubhu zabo ngaphansi kohlelo lweStandard Transfer Specification Association (STSA). Ngokwembiko abazohluleka ukuzibhalisa, kungadingeka ukuba bakhokhe imali elinganiselwa kuR12 000 ukuze bashintshelwe.

10:53

#Vukamotoring no Sbo Myeni :Awusichazele kabanzi ngama safety ratings ezimoto nokuthi kusuke kubhekwani?

17:50

#Ukhozifmvabs :Sixoxa ngodaba olumayelana ne-scholar transport, omalume abasithuthela izingane zethu beziyisa esikoleni. Lokhu kulandela iVoice Note esiyithole kumlaleli okhalaza ngemali okumele ayikhokhe yize kuzoba isikhathi samaholidi umntwana engasayi esikoleni. Sizolalela iVN yomlaleli bese sixoxa no Sbongile Maseko ongunobhala we Greater Gauteng Learner Transport Organisation.

17:55

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

02:19

#Ukhozifmvabs :namhlanje sithe asibheke iziphakamiso ezimbili ezithinta uphuzo oludakayo. Isiphakamiso sokuqala simayelana nokunyuswa kwentengo yotshwala obushibhile ukulwisana nezinkinga ezibandakanya uphuzo oludakayo, isiphakamiso sesibili sithinta ukuncishiswa kwezikhathi zokusebenza kwezindawo zokucima ukoma eLimpopo. Sizoqale sixoxe no Zimasa Mpemnyama ohola umkhankaso obizwa nge Alcohol Reduction Campaign e-DG Murray Trust sizobuye sixoxe no Leo Gama, okhulumela i-Limpopo Economic Development Agency.

14:53

#Amazwiokuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

02:18

#Ezwenisakhile :Namhlanje sixoxa no Siyabonga Mthembu oneminyaka engu 16 onenkinga yokuthi akakwazi ukuzizwa uma kufanele ayozikhulula endlini encane.

11:12

#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

02:07

#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande

01:54

#Vukaqonde ngokuguquguquka kwesimo sezulu no: Thandiwe Gumede

Yini Uthingolwenkosazana  ?

08:58

#Ukhozifmvabs :Sixoxa ngabavukuzi abangekho emthethweni abaziwa ngama zama-zama. Lengxoxo ilandela umyalelo okhishwe Inkantolo enkulu yase Pitoli wokuthi kuvulwe indlela yokungena emayini yaseStilfontein eNorth West ukuze kuvunyelwe abezimo eziphuthumayo bafinyelele kubavukuzi abasele emgodini wemayini engasasebenzi. Labavukuzi abafuni ukuphuma ngoba besaba ukuboshwa amaphoyisa asebenza ngaphansi komkhanso obizwa nge Operation Vala

19:52

#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu

02:14

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

02:11

#Amandla Omnotho no Gugulethu Xaba :Ukusungulwa kwe Rural Chamber of Commerce and Industry

10:12
Close

Save video to ...