#Vukamotoring no Sbo Myeni :Awusichazele kabanzi ngama safety ratings ezimoto nokuthi kusuke kubhekwani?
#Vukamotoring no Sbo Myeni :Awusichazele kabanzi ngama safety ratings ezimoto nokuthi kusuke kubhekwani?
#Ukhozifmvabs :Sixoxa ngodaba olumayelana ne-scholar transport, omalume abasithuthela izingane zethu beziyisa esikoleni. Lokhu kulandela iVoice Note esiyithole kumlaleli okhalaza ngemali okumele ayikhokhe yize kuzoba isikhathi samaholidi umntwana engasayi esikoleni. Sizolalela iVN yomlaleli bese sixoxa no Sbongile Maseko ongunobhala we Greater Gauteng Learner Transport Organisation.

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube
#Ukhozifmvabs :namhlanje sithe asibheke iziphakamiso ezimbili ezithinta uphuzo oludakayo. Isiphakamiso sokuqala simayelana nokunyuswa kwentengo yotshwala obushibhile ukulwisana nezinkinga ezibandakanya uphuzo oludakayo, isiphakamiso sesibili sithinta ukuncishiswa kwezikhathi zokusebenza kwezindawo zokucima ukoma eLimpopo. Sizoqale sixoxe no Zimasa Mpemnyama ohola umkhankaso obizwa nge Alcohol Reduction Campaign e-DG Murray Trust sizobuye sixoxe no Leo Gama, okhulumela i-Limpopo Economic Development Agency.

#Amazwiokuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu
#Ezwenisakhile :Namhlanje sixoxa no Siyabonga Mthembu oneminyaka engu 16 onenkinga yokuthi akakwazi ukuzizwa uma kufanele ayozikhulula endlini encane.
#Ezwenisakhile :Namhlanje sixoxa no Siyabonga Mthembu oneminyaka engu 16 onenkinga yokuthi akakwazi ukuzizwa uma kufanele ayozikhulula endlini encane.
#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye
#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande
#Vukaqonde ngokuguquguquka kwesimo sezulu no: Thandiwe Gumede
Yini Uthingolwenkosazana ?
#Ukhozifmvabs :Sixoxa ngabavukuzi abangekho emthethweni abaziwa ngama zama-zama. Lengxoxo ilandela umyalelo okhishwe Inkantolo enkulu yase Pitoli wokuthi kuvulwe indlela yokungena emayini yaseStilfontein eNorth West ukuze kuvunyelwe abezimo eziphuthumayo bafinyelele kubavukuzi abasele emgodini wemayini engasasebenzi. Labavukuzi abafuni ukuphuma ngoba besaba ukuboshwa amaphoyisa asebenza ngaphansi komkhanso obizwa nge Operation Vala

#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu
#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube
#Amandla Omnotho no Gugulethu Xaba :Ukusungulwa kwe Rural Chamber of Commerce and Industry
#Amandla Omnotho no Gugulethu Xaba :Ukusungulwa kwe Rural Chamber of Commerce and Industry
#Ukhozimvabs : UMnyango wezoHwebo neziMboni uhlongoza umthetho ozovikela abathengi kuma telemarketers. Abafisa ukufaka uvo lwabo kulomthetho bangakwenza lokho ngaphambi kwamhlaka 15 January 2025. Sixoxa no Thezi Mabuza oyi Phini lika Khomishana wenhlangano evikela abathengi iNational Consumer Commission.
#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye
#Vukaqonde ngokuguquguquka kwesimo sezulu no: Thandiwe Gumede
Yini :isimomvama
#Ezwenisakhile :owesilisa ocela ukufuniswa izihlobo zalowo okade ethandana naye kodwa osedlulile emhlabeni. UMnuz Msawakhe Nene ongowase Mid-Illovo esigodini sase Mpekula eKZN uthi ubesethandane nalowesifazane oneminyaka engu 24 iminyaka emibili ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni izolo ekuseni. U- Msawakhe oneminyaka engu 39 uthi uzamile ukwazisa ubhuti kamufi ngalesehlo kepha akamtholi ocingweni nalapho ehlala khona. U-Msawakhe ubuye akhale ngokuthi njengoba engasebenzi akakwazi ukuyisa isidumbu emakhazeni ngoba kudingeka imali osekuholele ekutheni isidumbu sihlale kubo aze athole usizo.

#Ukhozifmvabs :Ingxoxo ekhethekile nomculi Kelly Khumalo osephothulile ephehlweni
#UkhozifmVabs:INkantolo yoMthethosisekelo idingida udaba lokuthi ubaba kufanele ahlale ekhaya isikhathi esilinganayo nesamama emva kokuzalwa kwengane. Ngokwe Basic Conditions of Employment Act, umama unelungelo lokuhlala izinyanga ezine ekhokhelwa emsebenzini emva kokuteta kepha ubaba yena unelungelo lokuhlala izinsuku eziyishumi

#Ukhozifmvabs : Ingxoxo ekhethile no Advocate Dali Mpofu osejoyine iqembu Umkhonto Wesizwe
#Ukhozifmvabs : Advocate Dali Mpofu usejoyine iqembu Umkhonto Wesizwe
#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande
Ingxoxo no Lungile Mabhena umbhali noqhakambisa amasiko akwa Ndebele,
#Disability360 :namhlanje sivakashelwe u-Mhlengi Gwala ohlomule indondo ye Sportsman of the Year ngaphansi kwalabo abaphila nokukhubazeka kuma KZN Sport Awards ngempelasonto eyedlule. U-Gwala ongowase Thekwini ungumgijimi ophinde angenele nemincintiswano yamabhayisikili nawokubhukuda, phecelezi uyi-triathlete. U-Gwala wehlelwa isigameko esinyantisa igazi ngenkathi ehlaselwa amadoda amathathu ezama ukumnquma imilenze ngesaha ngesikhathi ezivocavoca ngebhayisikili ngonyaka ka 2018. Kepha usalulama wabuyela ekubeni i-triathlete.

#Ukhozifmvabs :Sifiso Shangase SANTACO Provincial Office Manager eKZN.
Silandela imibiko yokuvinjwa kwabashayeli bezimoto ezincane ukuthi bagibeze abantu ezimotweni zabo. Lomkhuba wenziwa ngabazibiza ngama taxi patrollers okukholakala ukuthi bangaphansi kwembhoni yamatekisi. Kubikwa ukuthi esifundazweni sase North West kubekwe umthetho wokuthi abahamba ngezimoto ezincane akusafanele bagibeze abantu abadlula kwababili ezimotweni zabo. Lokhu kuholele ekutheni umphakathi wakulesifundazwe ushise amatekisi ngoba ukhala ngokuthi ngeke ulawulwe osomatekisi ngezimoto zabo. Abanye bakhala ngokuthi bahlawuliswa imali noma kuthathwe izimoto zabo uma behambha nabantu ezimotweni zabo. Sekuboshwe oyedwa esifundazweni sase Mpumalanga ngalomkhuba. Sixoxa no Sifiso Shangase oyi Provincial Office Manager eKZN.
#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube
#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye
#Ezwenisakhile : Sihleli nalabo ababe izithandani uPhakamani Sibiya kanye no Princess Mthimkhulu. U-Princess usolwa ngokushisa uPhakamani nge acid ebusweni nasemzimbheni. Loludaba luphambi kwezinkantolo kepha uPrincess kukhona afisa ukukudlulisela ku Phakamani.
#Ukhozifmvabs :Siphetha inyanga lapho kade siqhakambisa khona umculo wakuleli ngokuhalalisela uMnuz Thando Nyameni oseqophe umlando ngokuba ngowase Ningizimu Afrika wokuqala ukuqokwa njengosihlalo wekomidi eliphezulu le International Council of Music Creators. Lelikomidi lasungulwa ngonyaka ka 1966 kanti lizinze ezweni lase France.
#Ukhozifmvabs :Siphetha inyanga lapho kade siqhakambisa khona umculo wakuleli ngokuhalalisela uMnuz Thando Nyameni oseqophe umlando ngokuba ngowase Ningizimu Afrika wokuqala ukuqokwa njengosihlalo wekomidi eliphezulu le International Council of Music Creators. Lelikomidi lasungulwa ngonyaka ka 1966 kanti lizinze ezweni lase France.
#Amazwiokuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu
#UkhozifmVabs :Vukaqonde ngokuguqukakwesimo ezulu
Yini isimomvama sezulu ?
#UkhozifmVabs :Umnyango weZobulungiswa kanye ne Consumer Profile Bureau sebesayine isivumelwano sokuthi abazali abahluleka ukukhokha isondlo bafakwe ohlwini olufanayo nolwalabo abahluleka ukukhokhela izikweletu zabo. Ngokwezibalo zenhlangano ezimele i-Social Justice Foundation babalelwa ku 70% abazali abangawulandeli umyalelo wenkantolo wokukhokha imali yesondlo. Sixoxa no Sifiso Ngcobo ongummeli kwa Mbhele and Ngcobo
#UkhozifmVabs :Consumer Profile Bureau sebesayine isivumelwano sokuthi abazali abahluleka ukukhokha isondlo bafakwe ohlwini olufanayo nolwalabo abahluleka ukukhokhela izikweletu zabo. Ngokwezibalo zenhlangano ezimele i-Social Justice Foundation babalelwa ku 70% abazali abangawulandeli umyalelo wenkantolo wokukhokha imali yesondlo. Sixoxa no Sifiso Ngcobo ongummeli kwa Mbhele and Ngcobo
#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande
#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu
#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube
#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye
#Amandla omnotho no Gugulethu Xaba :(BRICS Currency) ehlongozwayo ingabe isho ukuthini futhi izosisiza ngani thina njengamazwe akwi-BRICS?
#Amandla omnotho no Gugulethu Xaba :(BRICS Currency) ehlongozwayo ingabe isho ukuthini futhi izosisiza ngani thina njengamazwe akwi-BRICS?
#Ukhozifmvabs : Dade Mbhele Senior Manager Eskom :njengo-Eskom siqedela iphrojekthi yethu yokuhlela kabusha amakhodi e- KRN ngomhlaka-24 Novemba 2024, futhi ngilapha ukuzokhuluma nabo bonke abathengi bethu bakwa-Eskom abakhokhela kusengaphambili abangakafaki amakhodi amamitha abo. Namuhla ngizonikeza ulwazi olubalulekile,
njengo-Eskom siqedela iphrojekthi yethu yokuhlela kabusha amakhodi e- KRN ngomhlaka-24 Novemba 2024, futhi ngilapha ukuzokhuluma nabo bonke abathengi bethu bakwa-Eskom abakhokhela kusengaphambili abangakafaki amakhodi amamitha abo. Namuhla ngizonikeza ulwazi olubalulekile, amakhasimende e-Eskom OKUFANELE aluqaphele. Uma ungayisebenzisi kabusha imitha yakho ngaphambi komhlaka- 24 Novemba 2024, izosebenza kabi futhi iyeke ukwamukela amathokheni kagesi akhokhelwa kusengaphambili.
#UkhozifmVabs :Ntokozo Ngubane, Dietitian,ubungozi be-Energy drinks
#UkhozifmVabs :Ntokozo Ngubane, Dietitian,ubungozi be-Energy drinks
#Amazwi okuqala usuku :Dr Nelisiwe Zimu
#Amazwi okuqala usuku :Dr Nelisiwe Zimu
#Ezwenisakhile:Dr Nicholas Thulani Nkosi, Specialist Urologist at Lavena Private Hospital in Ladysmith,
uNtando Mhlongo ongowase Nanda eThekwini onesifo samankwahla avuvukele. U-Ntando usesibhedlela sase Mnambithi njengamanje lapho ezokwenza khona i-operation namhlanje ekuseni.
#Vukaqonde Kabanzi Ngokuguquguquka Kwesimo sezulu :Nothandiwe Gumede
Siyini isichotho ?
#Ukhozifmvabs :Sesitholakale isidumbu sengane uMemory Banda esaduka ngesikhathi kusha isakhiwo esaziwa nge Usindiso esisenkabeni ye Goli. Kutholakale ukuthi isidumbu sisemangcwabeni ase Lenasia, sangcwatshwa omunye umndeni owanikwa lesidumbu emuva kwalesigameko. Uyise ka Memory, u-Mike Ngulube usekhala ngokuthi kufanele akhokhe imali ukuze kumbiwe isidumbu somntwana. Saxoxa no Mike ngo August lapho asichazela ukuthi bese kuphele unyaka engayitholi incazelo ngesidumbu sengane yakhe eyashona ina 1
#Ukhozifmvabs :Sesitholakale isidumbu sengane uMemory Banda esaduka ngesikhathi kusha isakhiwo esaziwa nge Usindiso esisenkabeni ye Goli. Kutholakale ukuthi isidumbu sisemangcwabeni ase Lenasia, sangcwatshwa omunye umndeni owanikwa lesidumbu emuva kwalesigameko. Uyise ka Memory, u-Mike Ngulube usekhala ngokuthi kufanele akhokhe imali ukuze kumbiwe isidumbu somntwana. Saxoxa no Mike ngo August lapho asichazela ukuthi bese kuphele unyaka engayitholi incazelo ngesidumbu sengane yakhe eyashona ina 16 months. Kulesigameko kwaphinde kwashona no Joyce unkosikazi ka Mike. Babalelwa ku 76 abantu abashona sebebonke ngesikhathi kusha lesakhiwo. Sikhuluma no Mike kanye nomele inhlangano ezimele eyangenelela kuloludaba i- Socio Economic Rights Institute of SA. Sizamile ukuthola uMnyango weZempilo wase Gauteng kepha sangaphumelela.
#Ukhozifmvabs :UMnuz Vumani Shelembe oyilungu lomphakathi lase Nadi eGreytown eKZN usakhe ibhuloho lezinyawo emva kokubona ubunzima umphakathi obhekana nabo uma bewela emfuleni iNadi. Unqume ukulakha yena lelibhuloho elimudle u-R50, 000 emva kokungaphumeleli kwezicelo abezifaka kumasipala wase Mvoti. Umeya wase Mvoti uMnuz Gabriel Malembe uphikile ukuthi lendawo ingaphansi kamasipala wase Mvoti uma simbuza ngalesimo esibhekene nomphakathi.

#Vukamotoring no Sbo Myeni :Njengoba ukuntshontshwa kwezimoto kuqhubeka nokwanda, ingabe enye yezimbhangela yalesenzo ukudayiswa kwezimoto eziyi write off noma eziba yi write off kwizikhukhula?
#Vukamotoring no Sbo Myeni :Njengoba ukuntshontshwa kwezimoto kuqhubeka nokwanda, ingabe enye yezimbhangela yalesenzo ukudayiswa kwezimoto eziyi write off noma eziba yi write off kwizikhukhula?
#Amazwi okuqala usuku :Scelo Mncube
#Amazwi okuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu
#UkhozifmVabs:Yaya Mavundla oyi transgender ongowase Ntunjambili eKranskop eKZN. I-Pride Month iyingxenye yezinhlelo zokuqhakambisa ukuthi abathandana nobulili obufanayo bayingxenye yomphakathi futhi namalungelo abo adinga ukuhlonishwa. Kuzokhumbuleka ukuthi kwaqopheka umlando ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli ememezela ungqongqoshe wokuqala owaziwa ngokuthandana nobulili obufana nobakhe uMnuz Martin Meyer ongu Ngqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda. Sikhuluma n
u-Yaya Mavundla oyi transgender ongowase Ntunjambili eKranskop eKZN. I-Pride Month iyingxenye yezinhlelo zokuqhakambisa ukuthi abathandana nobulili obufanayo bayingxenye yomphakathi futhi namalungelo abo adinga ukuhlonishwa. Kuzokhumbuleka ukuthi kwaqopheka umlando ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli ememezela ungqongqoshe wokuqala owaziwa ngokuthandana nobulili obufana nobakhe uMnuz Martin Meyer ongu Ngqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda. Sikhuluma no Yaya sizobuye sikhulume nophuma kwi Lesbian and Gay Community and Health Centre eThekwini. Topic: Iziphi izinyathelo osuzithatheile ukuze ufundiseke kangcono ngabantu abathandana nobulili obufanayo? Ngabe uzizwa wamkelekile emphakathini, emsebenzini, emndenini njengomuntu othandana nobulili obufanayo?
#Ukhozifmvabs :ingxoxo ekhethekile nomculi Gatsheni
Umculi kamaskandi uKhuzani Ndlovu owaziwa ngelika Gatsheni usakhele umndeni waso Phongolo eNtumbane eKZN indlu. Lomndeni ubuhlala endlini yodaka ebikade ivuza uma kunetha.
#Ezwenisakhile: Sixoxa no Khawulani Bhengu wase Ntuthela eKranskop, owaba isisulu seSikebhe. uMnuz Bhengu oneminyaka engu 40 uthi wahlaselwa iSikebhe endaweni yase Mbhongolwana walimala kanzima ngenxa yokusolakala ngokudlwengula isalukazi sase ndaweni. Lesehlakalo senzeka ngo June kulonyaka kanti uthi leSikebhe saphinde sahlasela amalungu omndeni akhe. Uthe usephila ngokwesaba emphakathini ngenxa yalesehlo nokwaholela ekutheni avule icala emaphoyiseni. ISikebhe sichazwa njengenhlangano engenz
Ezweni Sakhile: Sixoxa no Khawulani Bhengu wase Ntuthela eKranskop, owaba isisulu seSikebhe. uMnuz Bhengu oneminyaka engu 40 uthi wahlaselwa iSikebhe endaweni yase Mbhongolwana walimala kanzima ngenxa yokusolakala ngokudlwengula isalukazi sase ndaweni. Lesehlakalo senzeka ngo June kulonyaka kanti uthi leSikebhe saphinde sahlasela amalungu omndeni akhe. Uthe usephila ngokwesaba emphakathini ngenxa yalesehlo nokwaholela ekutheni avule icala emaphoyiseni. ISikebhe sichazwa njengenhlangano engenzi nzuzo, elwa nobugebengu bokwebiwa kwemfuyo ezindaweni ezehlukene eKZN. Sizamile ukuthola uvo lwamaphoyisa kanye nomndeni osola uMnuz Bhengu ngokudlwengula kodwa abavumanga ukukhuluma nathi. Uthini umbono wakho ngeSikebhe? Usuke waba isisulu seSikebhe noma nawe uyingxenye yaso?
VABS - AMAZWI OKUQALA USUKU (22 OCT)
#Vuka Uqonde Kabanzi Ngokuguquguquka Kwesimo Sezulu No-Thandiwe Gumede, SA Weather Service.
Vuka Uqonde Kabanzi Ngokuguquguquka Kwesimo Sezulu No-Thandiwe Gumede, SA Weather Service.
#Ukhozifmvabs :Interview: Sifisela bonke abafundi baka matric impumelelo njengoba kuqala izivivinyo zokuphela konyaka namhlanje. Kubhalwa iphepha le English namhlanje, kanti sithe asikhulume nomunye wabafundi ababhalayo u-Sthokozile Mbongwa ofunda e-Thornwood Secondary School. Guest: Sthokozile Mbongwa, Head Girl at Thornwood Secondary School
Interview: Sifisela bonke abafundi baka matric impumelelo njengoba kuqala izivivinyo zokuphela konyaka namhlanje. Kubhalwa iphepha le English namhlanje, kanti sithe asikhulume nomunye wabafundi ababhalayo u-Sthokozile Mbongwa ofunda e-Thornwood Secondary School. Guest: Sthokozile Mbongwa, Head Girl at Thornwood Secondary School
#Ukhozifmvabs : ingxoxo no Deputy President -uMnu Paul Mashatile
Interview: Happy birthday to iPhini likaMengameli wezwe, uMnuz Paul Mashatile. Uneminyaka engu 63.
VABS - DNA TEST TOPIC - BONGANI THOBELA INTERVIEW (21 OCT)
Interview: Ubaba walowo owayeyinkakha yesibhakela u-Dingaan Thobela ufuna izingane zendodana yakhe zenze ama DNA ukuze abe nesiqiniseko sokuthi izingane zendodana yakhe ngempela. Lokhu kulandela isicelo asifake enkantolo ephakeme yase Goli sokuthi kulindwe imiphumela yama DNA ngaphambi kokuthi kukhishwe izimali zengane yakhe. Inkantolo isichithile lesicelo. U-Thobela wadlula emhlabeni ngo April kulonyaka. Sixoxa nengane ka Dingaan u-Bongani Thobela sizobuye sixoxe nongoti wama DNA. Sizamile ukuthola ubaba ka Dingaan kodwa sangaphumelela. TOPIC: Uthini owakho umbono ngama DNA? Usuke wazithola usesimweni lapho kumele wenze khona le test? Yathini imiphumela? Guest: Dr Nontobeko Mbatha, Founder of Tumeladi Diagnostic Pathologists
VABS - DR BHEKUYISE BUTHELEZI INTERVIEW (21 OCT 2024)
#Ukhozifmvabs :Kwenzakalani kwi- EFF sixoxa no Sihle Mavuso
#Ukhozifmvabs :Kwenzakalani kwi- EFF sixoxa no Sihle Mavuso
#Ukhozifmvabs :Silandela umbiko othinta ukuhlehliswa komngcwabo ngenxa yesidumbu ebesiye ezweni lase Nigeria ngephutha. Indodakazi ka mufi u-Olwethu Zibane uthi bafica isidumbu somuntu abangamazi kwicasket kababa wakhe uma befika emakhazeni ase Thekwini ngoLwesihlanu ntambama. U-Olwethu uthi kwadingeka ukuthi bavule ezinye izidumbu bebheka esika yise ngaphambi kokuthi batshelwe ukuthi isidumbu sikayise sisendleleni eya eNigeria. Ngokwembiko yephephandaba Isolezwe, kwaphoqa ukuthi kuxhunywane nge

#Vuka Uqonde Kabanzi Ngezobuchwepheshe no Siphumelele Zondi I-South African Revenue Service ithi ifuna labo abenza inzuzo kwi crypto currency baqale ukukhokhela intela.
#Vuka Uqonde Kabanzi Ngezobuchwepheshe no Siphumelele Zondi I-South African Revenue Service ithi ifuna labo abenza inzuzo kwi crypto currency baqale ukukhokhela intela.
#Amandla omnotho no Gugulethu Xaba :Sibheka udaba oluphathelene nenkampani edayisa amateki i-Drip Footwear
#Amandla omnotho no Gugulethu Xaba :Sibheka udaba oluphathelene nenkampani edayisa amateki i-Drip Footwear
#Ukhozifmvabs :Inkantolo yase Western Cape isinqume ukuthi i-step father kufanele siqhubeke nokondla izingane ezimbili zalowo owayengumakoti wakhe. Ngo 2018 laba bobabili bashada umshado ohlukanisile phecelezi out of community of property kanti manje sebeyahlukanisa. Babeshade nabanye abantu ngaphambilini futhi banezingane ezimbili ngamunye abazithola kuleyomshado kodwa abazange babenezingane emshadweni wabo. Inkantolo inqume ukuthi lowesilisa kumele akhokhe uR40-thousand ngenyanga, aphinde akho
#Ukhozifmvabs :Inkantolo yase Western Cape isinqume ukuthi i-step father kufanele siqhubeke nokondla izingane ezimbili zalowo owayengumakoti wakhe. Ngo 2018 laba bobabili bashada umshado ohlukanisile phecelezi out of community of property kanti manje sebeyahlukanisa. Babeshade nabanye abantu ngaphambilini futhi banezingane ezimbili ngamunye abazithola kuleyomshado kodwa abazange babenezingane emshadweni wabo. Inkantolo inqume ukuthi lowesilisa kumele akhokhe uR40-thousand ngenyanga.
#Amazwi okuqala usuku : Dr Ngogi Mahaye
#Ezwenisakhile :Silandela udaba Lokufaka amanzi endaweni yase Mbholwana eGreytown. Loludaba luthinta ababeqashiwe kulenkontileka nabakhala ngokungakhokhelwa okwaholela ekutheni oyedwa wabo athathe ama generator omsebenzi ngoba ezama ukuthola ubulungiswa. Kanti inkosi yendawo ikhala ngokuthi amanzi agcina engafinyelelanga kwezinye izindawo emva kokungena ko hulumeni omusha. Sikhuluma ne Nkosi Dhlomo, umsebenzi uMnuz Christopher Ngcobo kanye ne Meya yase Mzinyathi uMnuz Pe
#Ezwenisakhile :udaba olubandakanya ikontileka yokufaka amanzi endaweni yase Mbholwana eGreytown. Loludaba luthinta ababeqashiwe kulenkontileka nabakhala ngokungakhokhelwa okwaholela ekutheni oyedwa wabo athathe ama generator omsebenzi ngoba ezama ukuthola ubulungiswa. Kanti inkosi yendawo ikhala ngokuthi amanzi agcina engafinyelelanga kwezinye izindawo emva kokungena ko hulumeni omusha. Sikhuluma ne Nkosi Dhlomo, umsebenzi uMnuz Christopher Ngcobo kanye ne Meya yase Mzinyathi Ngubane
#Vukaqondekabanzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu no Thandiwe Gumede
Amandla amagagasi (Tides)
#Ukhozivabs : Sixoxa nowayengungqongoshe weZezimali kuleli uMnuz Malusi Gigaba ngokudlula emhlabeni kuka Dokotela Tito Mboweni, naye owayengungqongqoshe weZezimali. U-Mboweni obeneminyaka engu 65 udlule emhlabeni ngoMqgibelo ebusuku emva kokugula. U-Mboweni waba ngonsundu wokuqala ukuba wumphathi weBhange loMbuso, ngaphambilini wayengu Ngqongqoshe weZabasebenzi.

#Amazwi okuqala usuku :Paul Nzimande
#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu
#Ukhozifmvabs:Ngesonto eledlule sathola umbono wendima yezitimela ku Gugu Fakude ongumshayeli wezitimela, namhlanje sithe ake sithole umbono ngembhoni yamatekisi kumshayeli wesifazane. Sixoxa no Gezi Dubazane osesebenze kulendima iminyaka engu 17. U-Gezi oneminyaka engu 57 usebenzela eLoskop eMtshezi, KZN.

#VukaMotoring no Sbo Myeni :Sekwethulwe itekisi ezohamba ngogesi eNingizimu Afrika
#VukaMotoring no Sbo Myeni :Sekwethulwe itekisi ezohamba ngogesi eNingizimu Afrika
#Amazwiokuqala usuku : Dr Mahaye
#UkhozifmVabs :Adlange kangakanani ama spaza shops abokufika emphakathini wangakini? Ngabe sekuke kwabo khona izinhlekelele ezaholela ekutheni kube khona avalwayo?
#UkhozifmVabs :Adlange kangakanani ama spaza shops abokufika emphakathini wangakini? Ngabe sekuke kwabo khona izinhlekelele ezaholela ekutheni kube khona avalwayo?
#Ezwenisakhile :Namhlanje sixoxa no Ntando onesifo samankwahla avuvukele, uma echaza uthi kubonakala ngathi ufake iballoon elifuthiwe ebhlukweni. U-Ntando oneminyaka engu 30 uthi usephile ngaphansi kwalesimo iminyaka eyisithupha kanti akalutholi usizo esibhedlela kanye nakubelaphi bendabuko. Lokhu sekuholele ekutheni kubekhona izinto angasakwazi ukuzenza ngenxa yamahloni alesi sifo aphila naso. Sikhuluma no Ntando sizobuye sikhulume no Dokotela Sifiso Msibi oyi U
#Ezwenisakhile :Namhlanje sixoxa no Ntando onesifo samankwahla avuvukele, uma echaza uthi kubonakala ngathi ufake iballoon elifuthiwe ebhlukweni. U-Ntando oneminyaka engu 30 uthi usephile ngaphansi kwalesimo iminyaka eyisithupha kanti akalutholi usizo esibhedlela kanye nakubelaphi bendabuko. Lokhu sekuholele ekutheni kubekhona izinto angasakwazi ukuzenza ngenxa yamahloni alesi sifo aphila naso. Sikhuluma no Ntando sizobuye sikhulume no Dokotela Sifiso Msibi
#Amazwi okuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu
#Vuka uqondekabanzi ngokuguquka kwesimo sezulu : Thandiwe Gumede
#Vuka uqondekabanzi ngokuguquka kwesimo sezulu : Thandiwe Gumede : storm surge
#Ukhozifmvabs :Njengoba sikwinyanga yeZokuthutha sithe asilandele udaba oluthinta abashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambayo phecelezi e-heailing services. Labasheyeli bathi bayaqhubeka nokukhala ngezokuphepha embhonini yabo kulandela ukubulawa komshayeli emva kokuthi edutshulwe abagibeli eBerea, eGoli ngenyanga eyedlule. Labashayeli babhikishele emahhovisi akawa Bolt nesidumbu salomshayeli ukuyonxenxa lenkampani ukuthi iqinise ezokuphepha. Kanti ngokwemibiko lenkampani iqinise ezoku
#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande
#Ukhozifmvabs :Sixoxisana no Nthabiseng Molefe owaboshelwa ukushushumbisa izidakamizwa esuka e-Brazil eza eNingizimu Afrika ngonyaka ka 2010. U-Nthabiseng ongowase Chatsworth eThekwini uthi wathunyelwa abeselisa abathize abamthembisa ukumkhokhela u-R30, 000. Kanti ngokwembiko yamaphoyisa bangu 11 abasolwa asebekhalelwe amasongo kasigonyela ngezinsolo zokushushumbisa izidakamizwa ezinyangeni ezimbili ezedlule. Owakamuva owesifazane oneminyaka engu 21 oboshwe eqeda kufika ngendiza ebisuka e-Sao Pa
#Ukhozifmvabs :Sixoxisana no Nthabiseng Molefe owaboshelwa ukushushumbisa izidakamizwa esuka e-Brazil eza eNingizimu Afrika ngonyaka ka 2010. U-Nthabiseng ongowase Chatsworth eThekwini uthi wathunyelwa abeselisa abathize abamthembisa ukumkhokhela u-R30, 000. Kanti ngokwembiko yamaphoyisa bangu 11 abasolwa asebekhalelwe amasongo kasigonyela ngezinsolo zokushushumbisa izidakamizwa ezinyangeni ezimbili ezedlule. Owakamuva owesifazane oneminyaka engu 21 oboshwe eqeda kufika ngendiza ebisuka e-Brazil
#Amandla omnotho no Gugulethu Xaba :ukufukulwa komnotho wezolimo kubantu basemakhaya
#Amandla omnotho no Gugulethu Xaba :ukufukulwa komnotho wezolimo kubantu basemakhaya
#UkhozifmVabs:i-Social Policy Initiative isizwakalise ukuhambisana nesiphakamiso sokuthi kube nesibonelelo esizotholwa yiwo wonke muntu wase Ningizimu Afrika. Lenhlangano iphakamisa ukuthi kumele kutholwe imali elinganiselwa ku R1, 634 njalo ngenyanga ezonyuka njalo ngonyaka. Lenhlangano ithi lokhu kuzosiza iNingizimu Afrika ukuthi ikwazi ukuhlangabezana nenye yama Sustainable Development Goals okuqeda

#Ezwenisakhile:Sixoxisana no Sibongile Xaba osola ubhuti wakhe osadlula emhlabeni ngokuthwala. Losisi ohlala eMkhambathini ngase Cator Ridge esifundazweni sase KZN uthi bahleli lubhojozi njengomndeni ngenxa yemsindo abayizwayo ebusuku nezinto abangaziqondi ezenzekayo egcekeni nabasola ukuthi izona ezaholela ekutheni kushone umtwana wakuleli khaya ngo June kulonyaka. Sikhuluma no Sibongile sizobuye sikhulume nomelaphi wendabuko.

#Vukaqonde kabanzi ngokuguqukakwesimo sezulu : Izishingishane (Waterspouts and Landspouts)
#Vukaqonde kabanzi ngokuguqukakwesimo sezulu : Izishingishane (Waterspouts and Landspouts)
#Ukhozifmvabs :Silandela imibiko yokudutshulwa kubulwe abantu abangu 18 okusolakala ukuthi baphuma emndenini owodwa e-Lusikisiki e-Eastern Cape. Lesehlakalo senzeke ngezintathakusa ngoMgqibelo kanti kubikwa ukuthi lomndeni ubulungiselela ukwenza inhlambuluko kulandela ukubulawa kwamalungu awo amabili ngonyaka owedlule. Sikhuluma no Colonel Siphokazi Mawisa okhulumela amaphoyisa.
#Ukhozifmvabs :Silandela imibiko yokudutshulwa kubulwe abantu abangu 18 okusolakala ukuthi baphuma emndenini owodwa e-Lusikisiki e-Eastern Cape. Lesehlakalo senzeke ngezintathakusa ngoMgqibelo kanti kubikwa ukuthi lomndeni ubulungiselela ukwenza inhlambuluko kulandela ukubulawa kwamalungu awo amabili ngonyaka owedlule. Sikhuluma no Colonel Siphokazi Mawisa okhulumela amaphoyisa
#Amazwi okuqala osuku : Paul Nzimande
#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu
#Ukhozifmvabs: Sekubikwe ukuthi kukhona abaqashi abangayikhokhi imali yempesheni yabasebenzi kwisikhwama sezimpesheni esaziwa nge-pension fund adjudicator. Lokhu kuvela njengoba abasebenzi benyula imali yempesheni emabhodweni abo amabili, i-two pot system. Ngokwemibiko umasipala wasesifundazweni sase Northern Cape ukweleta abasebenzi imali yempesheni elinganiselwa ku R73.5 million osekuholele ekutheni abasebenzi bangakwazi ukuhlomula kule two pot system ngenxa yezinkinga zezimali kulomasipala. K
#Ukhozifmvabs: Sekubikwe ukuthi kukhona abaqashi abangayikhokhi imali yempesheni yabasebenzi kwisikhwama sezimpesheni esaziwa nge-pension fund adjudicator. Lokhu kuvela njengoba abasebenzi benyula imali yempesheni emabhodweni abo amabili, i-two pot system. Ngokwemibiko umasipala wasesifundazweni sase Northern Cape ukweleta abasebenzi imali yempesheni elinganiselwa ku R73.5 million osekuholele ekutheni abasebenzi bangakwazi ukuhlomula kule two pot system ngenxa yezinkinga zezimali kulomasipala. K
#Amazwi okuqala usuku :Scelo Mncube
#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye
#Ukhozifmvabs:owesifazane olwela amafa ka mufi obekade esemkhokhele amalobolo kodwa bengaka shadi ngokugcwele. Umufi ubengenayo incwadi yokwaba amafa phecelezi i-will kanti lowesifazane ukhala ngokuthi kumele ahlomule ngoba ubeselotsholiwe kepha abafowaboka mufi bayala bathi ubesayintombi ngoba ubengaka ngeniswa. Ake sizwe uvo lwezomthetho kanye nolwesintu ngaloludaba. Sixoxisana no Sphamandla Mthethwa ongumqondisi e-Sphamandla Mthethwa Attorneys kanye no Professor Gugu Mazibuko ovela kwi Depart

#Ukhozifmvabs:I-filimu ekhuluma ngomlando ka Dokotela Joseph Shabalala owayengumsunguli weqembu lesicathamiya i-Ladysmith Black Mambazo iqokwe kuma South African Film and Television Awards, ama SAFTAs. Ngonyaka owedlule le filimu ethi Music is My Life – Joseph Shabalala and Ladysmith Black Mambazo yaqopha umlando ngokuqokwa kwizindondo zase Melika ama Oscar Awards. Sixoxisana nomqondisi wale filimu u-Mpumi Supa Mbel

#UkhozifmVabs : Emasontweni ambalwa edlule kuqubuke izikhalazo ngendlela iziguli eziphathwa ngakhona esibhedlela iHelen Joseph eGoli kulandela ukusabalala kwe video yesiguli sikhononda ngesimo esingesihle sakulesiyasibhedlela. Lesiguli sasikhala ngokungabibikho kwamanzi, ukungcola kwezindlu zangasese kanye nokunganakekelwa kweziguli ngabahlengikazi. Sekuvamile ukuthi sizwe imibiko ngezikhalazo ezifana nalezi, ingakho namhlanje sithe ake sizwe uhlangothi lwabasebenzi basezibhedlela, sixoxisana n

#Ezwenisakhile: Kuyaqhubeka ukusatshasiswa kwabalimi bomoba eNdabayakhe eMpangeni kulandela ukuthi siveze ukuthi bakhokhiswa imali yokukhonzela amasimu kulengosi ngesonto eledlule. Okukamuva ukuthi umama esikhulume naye ngesonto eledlule usephucwe umhlaba okade ewusebenzisa ukutshala umoba. Sikhulume nabanye abalimi abazisulu kodwa abangathandanga ukuphuma emoyeni, bakhala ngokuphila ngaphansi kwesimo esibuhlungu, abanye bathi sebelala bengadlile emva kokukhokha lemali, omunye uthe usek
#Ezwenisakhike :Sakhile: Kuyaqhubeka ukusatshasiswa kwabalimi bomoba eNdabayakhe eMpangeni kulandela ukuthi siveze ukuthi bakhokhiswa imali yokukhonzela amasimu kulengosi ngesonto eledlule. Okukamuva ukuthi umama esikhulume naye ngesonto eledlule usephucwe umhlaba okade ewusebenzisa ukutshala umoba. Sikhulume nabanye abalimi abazisulu kodwa abangathandanga ukuphuma emoyeni, bakhala ngokuphila ngaphansi kwesimo esibuhlungu, abanye bathi sebelala bengadlile emva kokukhokha lemali, omunye uthe usek
#Amazwi okuqala usuku : DR NELISIWE ZIMU
#Ukhozifmvabs :Ishmael Mnisi, NSFAS Spokesperson, Head of Marketing and Communication,
#Ukhozifmvabs :Ishmael Mnisi, NSFAS Spokesperson, Head of Marketing and Communication,
#Ukhozifmvabs :Sivakashela udaba lokuhlaba isilwane uma kunomcimbi wesintu njengoba sazi ukuthi uSeptember inyanga yamagugu nokuqhakambisa amasiko ethu. Sixoxisana no Sihle Mlaba ongumsunguli wenkampani ebizwa ngokuthi Abahlinzi, lenkampani ezinze eMgungundlovu ifika kwakho ihlinze, ihlahlele, yose futhi ipheke inyama uma kunomsebenzi. Sizobuye sikhulume no mmeli mayelana nemithetho elandelwayo uma ufuna ukuhlaba.
#Ukhozifmvabs :Sivakashela udaba lokuhlaba isilwane uma kunomcimbi wesintu njengoba sazi ukuthi uSeptember inyanga yamagugu nokuqhakambisa amasiko ethu. Sixoxisana no Sihle Mlaba ongumsunguli wenkampani ebizwa ngokuthi Abahlinzi, lenkampani ezinze eMgungundlovu ifika kwakho ihlinze, ihlahlele, yose futhi ipheke inyama uma kunomsebenzi. Sizobuye sikhulume no mmeli mayelana nemithetho elandelwayo uma ufuna ukuhlaba.
#Amazwi okuqala usuku :Scelo Mncube
#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande
#Vuka Uqonde Kabanzi NgeZomnotho no Gugu Xaba :International Solid Waste Association (ISWA) World Congress 2024
#Vuka Uqonde Kabanzi NgeZomnotho no Gugu Xaba :International Solid Waste Association (ISWA) World Congress 2024
#UkhozifmVabs :Silandela udaba oluthinta izimo abasebenzi basezindaweni zokudlela abasebenza ngaphansi kwazo. Lokhu kulandela ukusabalala kwevideo yomunye walabasebenzi ekhala ngokungalandelwa kwemithetho efanelekile lapho esebenza khona. Le video iholele ekutheni umnyango weZabasebenzi ube nombhidlango kulezindawo zokudlela nalapho kutholakale khona ukuthi lezindawo zikweleta abasebenzi imali yomholo einganiselwa ku R1.3 million. Ake sikhulume no Aggy Muyilwa onguMhloli Jikelele emnyangweni weZ
Silandela udaba oluthinta izimo abasebenzi basezindaweni zokudlela abasebenza ngaphansi kwazo. Lokhu kulandela ukusabalala kwevideo yomunye walabasebenzi ekhala ngokungalandelwa kwemithetho efanelekile lapho esebenza khona. Le video iholele ekutheni umnyango weZabasebenzi ube nombhidlango kulezindawo zokudlela nalapho kutholakale khona ukuthi lezindawo zikweleta abasebenzi imali yomholo einganiselwa ku R1.3 million. Ake sikhulume no Aggy Muyilwa onguMhloli Jikelele emnyangweni weZabasebenzi.
#Ezwenisakhile :Namhlanje sibheka udaba olubhekene nabalimi bomoba endaweni yase Ndabayakhe eMpangeni. Labalimi bakhala ngenkosi yendawo efuna bakhokhe u-R25, 500 ukuze baqhubeke nokulima. Omunye walabalimi ongathandanga ukudalula igama lakhe uthi uselime kulendawo kusukela ngo 1984 kanti kuqala ngqa ukuthi acelwe ukuthi akhokhe lesamba semali. Lomlimi uthi usesatshiswe ngokuthi uma engayikhiphi lemali ngaphambi kuka November kulonyaka insimu izothathwa inikezwe omunye umlimi. Sikhuluma nomlimi